Now Reading
Ubona itshegugu uSpencer kuNjabulo elidinga ukuba lilolongisiswe
Dark Light

Ubona itshegugu uSpencer kuNjabulo elidinga ukuba lilolongisiswe

UDerrick Spencer owaba isitobha esazakhela udumo emaqenjini amakhulu iKazier Chiefs neMamelodi Sundowns, uxwayisa umdlali ofike kwezwakala kuDStv Premiership.
Lowo mdlali ofike kwezwakala isitobha seSwallows FC uNjabulo Ngcobo odabuka eMlazi. Bekuyisizini yakhe yokuqala le esongwe ngeledlule kodwa igama lakhe libe sematheni kakhulu, okukhombisa khona ukuthi ube nesizini enhle. NgeSonto kusihlwa lapho kade kuthulwa khona abadlali abenze kahle kusizini yangowezi-2020/21 yeDStv Premiership uhlabane nendondo yeDefender of the Season, kulo munxa ubeqhathwe noThapelo Xoki wa-AmaZulu FC noMosa Lebusa weSundowns.

Okuvelayo ukuthi uNgcobo mancane amathuba okuthi ngesizini ezayo uzoqhubeka abe umdlali weSwallows, kwazise ufunwa uthuli iChiefs neSundowns. La maqembu kubukeka ekulungele futhi ukukhipha imali efunwa iSwallows.
“UNgcobo unethalente eliyisimanga kakhulu ngiyibukile imidlalo yakhe uyisitobha ongeke uye kusona noma ikanjani. Ungumdlali okumele ehlezi edlala noma ikanjani. Ngiyazi ufunwa iSundowns neChiefs, ngokwami ngingamluleka ngokuthi aye eNaturena. Nakanjani ngibona ezolenza elakhe ijezi eNaturena, kuSundowns nakhona engadlala inkinga baningi abadlali azobanga nabo” kusho uSpencer.

UNgcobo uthathwe iSwallows FC edlalela uThongathi FC kuGladAfrica Championship. Ongoti abaningi bathi umfo kaMapholoba udlalilsa okwalowo owazakhela udumo ku-Orlando Pirates uMbulelo “OJ” Mabizela. Kuyimanje uNgcobo useqenjini lesizwe iBafana Bafana.
“Uma kwenzeka egcine esayiniswa iChiefs uNgcobo, ngiyafisa ukuthi asebenze ngokuphindaphindiwe. Iqiniso ukuthi iChiefs ngeke wayifanisa neSwallows FC, lapha iningi kakhulu ingcindezi. Kumele uhlezi wenza kahle ngoba inabalandeli abaningi. Akasebenze kanzima ngempela nje, ungumdlali engithandayo ukumbuka” kusho uSpencer.


Uqhube wathi: “UNgcobo uneminyaka engama-27 uma engaba nesizini enhle edlala kuChiefs naseqenjini lesizwe engaba maningi amathuba okuthi athole amadlelo aluhlaza aye phesheya kwezilwandle. Ngaphandle kokuthi kodwa ulikusasa leBafana Bafana, kodwa lokho akusho ukuthi kumele azithwale” kunaba uSpencer.

UNgcobo udlale imidlalo engama-28 wavalela phakathi igoli elilodwa, wenze umsebenzi omkhulu ukuthi iSwallows FC igcine ikwazi ukuqeda endaweni yesi-6 kulogi ekubeni kade ingomakoti. “Baningi abakubuke njengerekhodi elimbi elenziwe iSwallows ukuthi idlale ngokulingana imidlalo engama-20, kodwa iqiniso ukuthi kuyisebenzele yona. Ngikholwa ukuthi uNgcobo nethimba lakhe emumva bawenzile umsebenzi wabo, abantu abangenzanga kahle abadlali baphambili. Akusho ukuthi uma izitobha zikwazi ukuvala emumva, abadlali baphambi kumele bengawashayi amagoli. Ukube okungenani iSwallows ikwaze ukunqoba imidlalo eli-13 kule ewu-8 eyinqobile ngabe mhlambe iqede endaweni yesi-2 kulogi” kusho uSpencer.

See Also


USpencer ngaphandle kokudlalela iChiefs neSundowns wadlalela iMaritzburg City, iHellenic, iPlatinum Stars neBidvest Wits okuyiyo agcina ukubonakala kuyona ngonyaka wezi-2011.
Minyaka yonke lo makadebona kunobhutshuzwayo uhlezi ehlela imidlalo ebanjelwa eShowe, ibizwa ngokuthi iDerrick Spencer Tournament.

Uthe unethemba lokuthi izokuba khona kulo nyaka njengoba nyakenye ingabanga khona ngenxa yokhuvethe. “Lo mqhudelwano siwuhlele ukuthi ube ngoNtulikazi ngithemba ukuthi uzokuba khona. Ngisakhulumile noMasipala, ngisalinde kuwona izimpendulo. Ngeke ngaqamba amanga ukufika kokhuvethe kungiphazamise kakhulu. Ngithandaza usuku nosuku ukuthi ngivuke sengibona umyalezo othi ukhona lo mqhudelwano kulo nyaka” usho kanje. Oba ngumpetha womqhudelwano kaSpencer ugoduka nezi-R50 000, kuthi olale endaweni yesibili athole izi-R20 000.

Scroll To Top