Now Reading
Abawuvali umlomo ngokuhambela kukaDesiree e-Eastern Cape
Dark Light

Abawuvali umlomo ngokuhambela kukaDesiree e-Eastern Cape

“Ukubona umqeqeshi weqembu lesizwe likanobhutshuzwayo iBanyana Banyana, uDesiree Ellis, ehambela imidlalo yethu lokho akusiniki lutho ngaphandle kwethemba lokuthi ikusasa likanobhutshuzwayo labesifazane e-Eastern Cape lizokwenyuka kakhulu inqobo nje uma beqhubeka nokusiseka”

Lawa ngamazwi kaTerry Mrwerwe ongumqeqeshi weqembu lase-Eastern Cape iCity Lads Ladies egijima kuSasol League.

Abaqeqeshi base-Eastern Cape bathole ithuba lokuhlangana noDesiree eGqeberha. NgoLwesihlanu wolwedlule umqeqeshi weBanyana Banyana uncelise abaqeqeshi ngolwazi analo kwezokuqeqesha, kwathi ngoMgqibelo wahambela imidlalo e-Isaac Woolfson Stadium KwaZakhele.

“Isifundazwe sethu asinawo umlando otheni kunobhutshuzwayo. Ukuvakasha kukaDesiree kuyasikhuthaza singabaqeqeshi nabadlali imbala, kumenza bazibone ukuthi nabo ngelinye ilanga bayogijima eqenjini lesizwe. Thina baqeqeshi kusisizile ngoba sesizokwazi ukuthi masenza izinto senza ezifanele noma cha. Iqiniso ukuthi besihlala sizibuza ukuthi kungani abadlali bethu bengekho eqenjini lesizwe. Lowo mbuzo siwuvezile sikhuluma naye umqeqeshi uDesiree, wasitshela lapho okumele silungise khona uma siqeqesha. Okusisalele manje ukwenza umhlahlandlela singabaqeqeshi ukuthi sizisiza kanjani izingane zethu,” kwengeza umqeqeshi.

UDesiree yena uveze ukuthi abadlali abaningi base-Eastern Cape sebephume baya eGoli noma kwezinye izifundazwe beyofuna amadlelo aluhlaza, lokho kuyinto enhle kodwa abaqeqeshi ibona okumele bakhande abadlali babo ukuthi uma beya ezindaweni beye kuzona bevuthiwe.
“Uma ubheka iqembu lesizwe, kunabadlali abaningi abavela kulesi sifundazwe, kodwa manje bazinze eGoli naseWestern Province, abanye balabo badlali uBambanani Mbane noSibulele Holweni ukubala nje abambalwa. Engingakusho ukuthi emidlalweni engiyibukile kule mpelasonto edlule, kunethalente eliningi futhi ngihlabeke umxhwele kakhulu ngokukhonjiswe abadlali. Engikubonile ngizokudlulisela kubaqeqeshi beqembu lesizwe labangaphansi kweminyaka eli-17 kanye nengama-20,” kusho uDesiree.

See Also

Emidlalweni edlalile kube oweVolcano FC eyehlule iGolden Stars ngamagoli amahlanu eqandeni, kwaba oweCity Lads Ladies ehlule iSophakama FC ngamagoli amane kwelilodwa.
Omunye obehambele le midlalo uMengameli weSAFA e-Eastern Cape, uMzimkhulu Fina, obegcwele ukuncoma ngomsebenzi owenziwe yiSasol kanye noDesiree ekutheni batheleke khona e-Eastern Cape.

“Sijabule kakhulu ukubona uMqeqeshi uDesiree evakashela abaqeqeshi nabadlali bethu beSasol League ngoba lokhu kube isikhuthazi esikhulu kubona. Abadlali nabaqeqeshi batshengise ukuzimisela okukhulu. Kuyangijabulisa ukuthi uba yalele ukuthi ikuphi lapho okumele bekhuphule khona amasokisi. Ngithemba ukuthi lokhu kuzosinika ithuba lokuthi sibe nabadlali abazomela lesi sifundazwe eqenjini lesizwe kusukela esigabeni esincane” usho kanje uFina.

Scroll To Top