Igcokama ngokubhala nobulona uMfuniselwa John Bhengu lisathe khumu
USol uNxumalo ngungoti wolimi nomhlali wezincwadi ezahlukene.
Uma sivuka sibona kuntwela ezansi, sibona kuyikizela amacembe ezihlahleni. Sibone inyoni iphaphazelisa amaphiko ihleli kuso isicongo esinyakazayo, yethembe amaphiko ayo.
Siyayicabanga le nyoni lapho kungakapheli mizuzu sizwa kuthiwa omunye wethu usesishiyile. Siyaye sifise ukuthi sengathi naye ubengaba namaphiko afana nawaleyo nyoni, ubezondiza awushiye umhlaba oyikiza njengesihlahla. Ayothi cothotho kwenye indawo, asinde. Bese esibiza. Siqhubeke nokuphilisana kulo leli. Mhlawumbe asijikele athi ekugxumeni kwakhe esuka esihlahleni esiyikizeliswa ngumoya, usefike kwesinye, esinganyikaziswa, esengekho nasengozini yokuphinde siphoqoke yizivunguvungu. Aze athi nathi kasize lapho ekhona. Sibukane. Bese sithi siyobuye simlandele. Sewuphumule Ngcolosi. Yimisebenzi yakho Dlabazane esiyokwethula kwabakini nasemathongeni kaNtu, ngomnikelo wakho esizweni sikaMnguni.
Kungenza ukhumbule amazwi kaLBZ Buthelezi ebhukwini lakhe lezinkondlo elithi Isandlwana, uthobe phambi kwabakini, mhlawumbe behlezi nababeganiselene nabo, bese uthatha uthi:
“Mathongo ezizwe zonke
Zale ngabade yomhlabuhlangene,
Ngivumeleni nginqonqoze
EZigodlweni zaMakhosi oHlanga
Ngikhothame nasemadlinzeni
Ngithethe idlozi
Ngiphuze nasemithonjeni
Yamakhosi oselwa.
UMnu uMfuniselwa John Bhengu (68)osishiye kuqalwa leli sonto engene ngayizolo esibhedlela, kusoleke ukuthi uthathwe yinhliziyo. Ubengomunye wezingqwele ekubhaleni. Wazikhethela ukwenaba ajule ngomlando wamaZulu nabantu abaNsundu kusukela eNkabazwe yase-Afrika. Siyathola ukuthi igama elithi i-Afrika lalithi nje Afri. Kuthiwa ngamaMuslimu lawa athi Afrika ngoba ehlulwa ukuthi Afri. Kuthiwa igama elithi Afri lihunyushwa lichaze ukubila. Abanye bathi i-Afrika yayilubikibiki olushisayo esikhathini esiphambili. Nathi sizokhuluma nge-Afrika njengoba sekwajwayeleka yona. I-Afrika indala ndalo ngoba yaba khona iminyaka eyizi-3309 ngaphambi kokuba kuzalwe uKhrestu. Kuthiwa sedlula sahlala eGibhithe eyayibizwa ngokuthi yiKhemeth ngaleso sikhathi. Inkolo yethu yemvelo, amasiko ethu nomoya wokuphila kwethu, kuncikene kakhulu nabahlali base-Egypt. Kusobala ukuthi nokuhlakanipha nobuchule ngisho obuphathelene nokwakha amaPhiramidi nathi sabuthola e-Egypt, bukhona emizweni yethu. Buka ubuchwepheshe bokwakha iqhugwane! Abanye bamaZulu baya e-Ethiopia lapho futhi kukhona ubuhlakani bawo amaPhiramidi.
Kuleli viyo labalobi abacwaningi namashoshozela okuqoqa nokusabalalisa ubuthina esiyindlu eNsundu, uMnu uBhengu ubebuhlanganyela nalaba nabo ababhale kakhulu ngalemi khakha: UMnu uJK Ngubane, (aphumule ngokuthula) uSolwazi uS.J Maphalala, uSolwazi uM Nkondo, uDkt uJohn Mbuli (makaphumule ngokuthula), uMehluleli uMI Madondo, uMntwana uZ. Zulu, uSolwazi uCT Msimang, uSolwazi uC.L.S Nyembezi, uMnu uR.S Khumalo. uSolwazi uD.B.Z Ntuli, iNyosi uB. Mdletshe, iNyosi u-Ephraim Buthelezi (mayiphumule ngokuthula).
Bekuyiqhawe elingasali kulokho obekuphathelene nesintu nobuholi obesekelwe yisintu. Sesingakusho ukuthi wayekhona emhlanganweni lapho sasifuna ukuqamba umkhandlu wokuthuthukiswa nokweluswa kolimi lwesiZulu. Sadingida ukuthi igama lomkhandlu wethu sothi yini. Sankankanya amagama akhiwe kanje: igugumafa, amafagugu. Lapho sasinoMnu uT.Nzuza, uDkt uW. Ngcobo, uNkk uL.V Nyathikazi, nabanye esengike ngababala ngenhla.
Umbuso wakwaZulu, okuyisona sizwe esizolinganisa ngaso ekukhanyiseni iqoqo lokuba semqoka komlando waso kanye nenhlakanipho esesizweni, engafuliwe ngokwaseNtshonalanga umi kanje. Kuqala uNtu bese kulandela uMnguni 1, uLubololwenja, uGumede, uMnguni 11, uLuzumane, uMalandela, uZulu 1, uNkosinkulu, uNtombela, uZulu 11.
Ngokukhulu ukucophelela uMnu uBhengu ubekwazi ukulandela amasiko esizwe sakithi awasusele le ekudeni bese ephakamisa ukuba asetshenziswe ekusombululeni izinkinga zamanje. Lezo bekuba yizinkinga zobuholi kwezombusazwe, kwezomnotho, kwezemfundo.
Ubengeyena umuntu othukuthelayo. Ubekholwa ngokugcwele ukuthi isizwe esiNsundu sifumbathiswe umnotho omkhulu wokuqonda ukuthi umuntu usihlonipha kanjani isizwe, uba nenkonzo eqokothe kangakanani, unikela kangakanani ekuthuthukiseni amathalente uNkulunkulu awatshale kulowo nalowo muntu. Lokho ubekholwa ukuthi kudala isisekelo esikhulu futhi senza kube nesilinganiso esitusekayo sokuba wonke umuntu abe nobudlelwane obuphelele nendalo, zonke iziphiwo nezibusiso isintu esibusiswe ngazo zichume, kungabi bikho ubumpofu obungafanele. Kodwa uma into isimcasulile ubebhala ngayo. Umbhalo wakhe wangesonto eledlule kuBayede uyakufakazela lokhu kade kugujwa isikhathi sobu-Afrika:
“Impela sigubhani e-Afrika ubuntu nobu-Afrika kuphelile?”
Ngempela kusho ukuthini ukuthi sigubha inyanga yokuba ngum-Afrika? Yini ngempela lena esiyigubhayo? Sigubha ukuthi singama-Afrika noma sigubha ukuthi izwekazi i-Afrika alisacindezelwe yiNtshonalanga? Noma sigubha ukuthi i-Afrika ihamba phambili ngobubha noma sigubha ubuchwepheshe esiyibo ekudleni nasekuntshontsheni imali ehlinzekelwe ukusiza abantu bakithi abampofu nabantulayo?” Ngasekugcineni uhlasela nokubi okwenzeka emabandleni. Ugcina ngokuthi akukhuleke kuMvelinqangi nasemathongeni ukuba kupheze konke lokhu. Washo kanti usebhalela uBayede okokugcina, nguyena oseyosithandazela phambili. (Bayede 21 -17 kuNhlaba 2021). Uthe konke lokhu kucace kuKhomishini kaMehluleli uZondo. Lokhu kukhombise inhliziyo ebuhlungu anayo ngesizwe abhale kangaka ngaso ukuthi sinobuntu. Ubuntu busho ukuzwelana, ukuphana, ukungancintelani, ukusiselana, ukwenanelana, ukudla mbizeni yinye. Ubuntu busho ukukhuthaza wonke umuntu ukuba alime, wonke umuntu ukuba ahlakule. Uma ukhula selimbhokele umema ilima. Ubuntu kusho ukuphisa utshwala obungathengisi. Ubuntu futhi busho ukuthi ongenayo inkomo noma ezimfele uyanikwa ubisi akaluthengiselwa.
Ubengusomfundo ngempela efunda konke okuphathelene nezifundo zakhe. Futhi unikele kakhulu ngemiqondo emisha ezifundweni zakhe obekufanele ukuba usenconyelwe ezobudokotela, ngomnikelo eqoqweni lokwazi, nezobuSolwazi ngokunikela ngezindlela zokusabalalisa ukwazi okusha. Ubeba nezinsizakusebenza eziningi akhulume futhi nabasemanyuvesi amaningi echaza ngobuntu nangobuntusimo kanye nokwazi okudala kwe-Afrika.
Ake sebe encwadini yakhe ethu UBuntu – The Global Philosophy for Humankind. Ekhasini lama-67 ukhuluma ngemithetho yomhlaba jikelele. Uthi miningi imithetho ekhona, kodwa ufisa ukugxila kweyingcosana nje ehambelana nenjulalwazi yobuntu. Uthi angathatha nje eyisikhombisa:
- Umthetho wokulawula nokuphatha
Lo mthetho uthi siyizizwa siwutho olukhulu ngaphakathi size sikholwe ukuthi impilo yethu isezandleni zethu. Kodwa ngeshwa iningi labantu kaliphili ngokwalo mthetho kodwa liphila ngokomthetho okuthiwa ngowengozi. Iqiniso ukuthi iningi lethu lingakwazi ukulawula impilo yethu futhi luthathe izinqumo ezifanele, kodwa lehluleka ukwenza njalo luphila ngomthetho wengozi. - Umthetho wengozi
Sizizwa singazithandi nje. Sizicabangela okuphansi kodwa. Sibona izigameko nezehlakalo ezinganambitheki ziphethe impilo yethu. Singabagilwa nje kwakho konke okungalungile okwenzeka lapho sikhona. Uma kwenzeka okuhle, kulungile siyazuza. Uma kwenzeka okubi, sithi singabagilwa. Ngeshwa abaningi bahlala ngaphansi kwaleli fu lokukholwa ukuthi baphucwe amandla.
Eminye imithetho: Umthetho wembangela nokukholwa, umthetho wokulindela, umthetho wokukhanga, umthetho wokuhambelanayo.
Ziningi ngokumangalisayo izincwadi azibhalile nemibhalo ebizwa ngokuthi ngamaphepha obuchwepheshe ngokocwaningo.
Iziboniso:
- UBuntu – The Essence of Democracy.
- UBuntu – The Global Philosophy For Humankind.
- AMAZULU – Ancient Egyptian Origin, Spirits Beyond The Heavens.
- The Dialectics of Cultural Economy
- Pho makwenziwe njani– Umlando Ngemvelapho YoMntwana UVelekhaya Shange
- The History of AmaNgcolosi– People Talking About Themselves Tamsanqa Ngcolosi”.
Iqoqo lezikhundla zakhe:
- uMqondisi Ongagudluki wePhindela Publishing Group;
- uSihlalo Bambiswano kwaMind Switsh Holdings;
- uMhleli Omkhulu we-Inqaba Magazine;
- uMsunguli we-Inkazimulo Yesizwe, iLungu LePhalamende ngowe-1994 kuya kowe-2011.
Unkosikazi wakhe uLindiwe Rejoice, (uMaNgema), izingane uNokulunga, uMlungisi, uMbalenhle.