Izihlabathi ziyagqibana: Utavatava lukaMkhize nomthelela kupolitiki yaKwaZulu-Natal



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Akuyona imfihlo ukuthi iqembu elibusayo KwaZulu-Natal lisemkhankasweni wokubuyela emdlalweni uma kukhulunywa ngepolitiki kazwelonke yeqembu. Lokhu kulandela ukuthelwa ngehlazo ngesikhathi okhethweni olwedlule kungaqokwa noyedwa kubaholi besifundazwe engqungqutheleni kazwelonke e-Nasrec. Kulokhu kusolwa ukwenza okungenziwa ukuphuma kwempi ekhaya ingezwani. Lokhu kuba yimpi yesongo kwadalwa phakathi kokunye wukuxebuka kukaMnu uSenzo Mchunu owayekhalela indlela aphuma ngayo kwesokuba nguNdunankulu kanye nokuzimela kukaDkt uZweli Mkhize njengozongenela esokuba ngumengameli weqembu. UMchunu wagqisha ngakuMengameli uRamaphosa owagcina enqobile. UMacingwane nanamuhla kwabanye beqembu usasolwa ‘ngokuvula inxeba’ nelenza bageleza ababeseka uRamaphosa. Laba bathi ngalesi senzo, uMacingwane waklonyeliswa ngesobungqongqoshe.
Ngakolunye uhlangothi uDkt uMkhize usolwa ‘ngokudunga amanzi’ njengoba angenela ukhetho kuvele kukhona omunye ovela KwaZulu-Natal, uDkt uMaDlamini Zuma. Kusuka lapho kuze kube yinamuhla ubuholi besifundazwe bumatasa emizamweni yokudala ubunye ukuze isifundazwe sibuyele endaweni yaso. Lokhu akulula njengoba kubonakele emasontweni edlule ngesikhathi izinkumbi zabantu, abanye kungamalungu abanye beseka nje uMsholozi behahameza uSihlalo weqembu KwaZulu-Natal, uMnu uZikalala kanye noNobhala uMnu uNtuli. Laba bobabili babesolwa ngokushiya uMsholozi okhalweni edwengulwa zimbangi zakhe nabathi zimfuna ezikhindini.Odabeni lukaDkt uMkhize kubukeka ejikelwe yizinto ngaphandle nangaphakathi eqenjini. Muva nje kuvele izinsolo ezishaqisayo nebezithinta yena uKhabazela nenkampani yezokuxhumana iDigital Vibes. Ngokwemibiko kanjalo nobufakazi le nkampani iphethwe ngabantu abaxhumene nomndeni wakwaMkhize. Kuthiwa abanikazi bale nkampani abake basebenza noMkhize kuHulumeni futhi baba yingxenye yomkhankaso wakhe wokuba ngumengameli we-ANC kabayicoshi nje kuphela inkece ngoba uDkt uMkhize esenguNgqongqoshe Wezempilo kepha basuka kude nalokhu njengoba eMnyangweni Wokubusa Ngokubambisana Nezindaba ZoMdabu (Cogta) kuzwelonke ngowezi-2018, ngesikhathi uMkhize ehola lo Mnyango, babekhona.
Ukukhuluma okuyamanisa uDkt uMkhize nomsanka akukusha yize lokhu kubukeka kuyigagasi eliphakemeyo. Uke wasolwa ngokuba nevenge kwaPIC nokuyinto ayiphikayo. Kulokhu kuthiwa uKhabazela wafuna ivenge lezigidi ezi-R4.5 emveni kokukhongela inkampani kawoyela kuPIC. Lolu daba waluphika uMkhize wathi ngaleso sikhathi: “Izinsolo ngesamba esiyizigidi ezi-R4.5 zentshontsho noma ‘umvuzo wokugqugquzela’ okufanele ngabe ngiyawufuna ngenxa yemalimboleko eyagunyazelwa inkampani i-Africa Oil yiPublic Investment Corporation kuyimbudane nje engihlinzela ezibini. Angikaze ngigqugquzele imizamo yokuthola leyo malimboleko futhi angikaze ngifune ‘umvuzo wokugqugquzela’ kule nkampani. Angikuthandi impela ukuba kuhudulwe igama lami lifakwe odabeni engingangeni ngalutho kulona,” kusho yena. Ngaleso sikhathi wathi uzofaka abameli kulolu daba kwaba wukuphela kwalo emehlweni abantu.
Umthelela kupolitiki yaKwaZulu-Natal
Yize kusesekuseni kepha izingqapheli kanjalo nalabo abakulo iqembu elibusayo bayavumelana ekutheni okwenzeka kuMkhize noma kuyamgojela noma cha kuzoba nomthelela kupolitiki yaKwaZulu-Natal nayilapho eqhamuka khona. Uma kuwukuthi ugcina esekhishiwe ekubeni ngungqongqoshe kungenzeka kube khona abambona engesenamandla. Lokhu kuthiwa kungaqala lapho evela ngakhona eMgungundlovu nokuyisifunda esivele singenalo uzinzo ngokwezinhlaka zikaKhongolose. Okuyothi uma sekunjalo bese kukapakela nasemandleni kanjalo nokuhlonishwa anakho esifundazweni naso esibukeka phezu kwemizamo yokudala ubunye kukhona lapho kusasilelele khona.
Udaba lukaMnu uZuma oluthinta amacala akhona nalo lungahle lucacise ekutheni uKhabazela usenamandla yini ngaphakathi eqenjini ikakhulukazi KwaZulu-Natal. Selokhu kuqale icala ubengakaze abonakale nokungahle kuhunyushwe ngabalandeli bakaZuma njengokuthi ‘akameseki uZuma’ emacaleni akhe. Uma kuwukuthi usezovela manje noma aphawule kukhona abazothi wenza lokhu ukuze athole izihlwele nokuyinto okusolwa ngayo abanye abaholi kule nhlangano.
Kuthiwa banede bavukelwe ngamacala bese beba ngasohlangothi lukaZuma okwaziwayo ukuthi liyaba nezinkudla lapho izinkumbi zabantu zithutheleka khona.
Kepha khona lapho abalandeli bakaZuma bangasebenzisa leli thuba ukwakha isifuba sempi esilumbimbi oluzothi ‘uMkhize njengoZuma bobabili baKwaZulu-Natal bashishibezwa ngoba kumele uRamaphosa acoshe ihlandla lesibili’. Lowo moya uvele usuyavunguza njengoba abanye bakha udaba lokuthi ulandelwa nje uMkhize yingoba akasekho muhle kuRamaphosa.
Babodwa abalumbanisa lokhu kungabi muhle kuRamaphosa ngodaba lokhuvethe. Kuqala lomkhuhlane ukuthandwa nokuhlonishwa kukaKhabazela kuphakame kakhulu kuzo zonke izinhlanga nezinhlaka zomphakathi ngesikhathi esekhaleni lokulwa nokhuvethe kumenze wanyamanambana. Kulaba okwenzeka kuMkhize ‘yitulo nje lokumgudluza’.
AboHlanga bayaphawula
Abafundi belaboHlanga nabo baphawulile ngokumthintayo uKhabazela. UMnu uMuzi Ngcobo uthe: “OkaGcwabe akavele ehle esikhundleni ngoba kunuka kakhulu esayidini lakhe, namaNdiya akhe asexabene odwa, kusazoshuba. Umbuzo uzothi uRamaphosa ubafuna ngaphandle na? Uma sithi yebo, sizobe sesithi usebenzisani? URamaphosa akaveli nento engekho, uzosebenzisa lokho okukhona, okaNgunezi uzigwaze ngowakhe, akangasoli abanye.” UNks uMakhosazana Mlangeni yena uthe: “Wayememeza uZuma namuhla kungaye. Hhayi lo baba wajikela uZuma ngenye indlela, kungaye manje.”
Kanti ozibize ngeNguni elihle yena uthe: “Wanika abasondelene nabo ithenda ngoba azi ukuthi naye uzohlomula futhi bekumele amiswe nje angazi baphenyani indaba isobala. Sikhathele yilezi zimbodla zikaKhongolose.” . UMnu uXolani KaTokoto Zulu yena uthe ngoKhabazela: “Wayengeke angahlomuli eMnyangweni wakhe zonke lezi zigebengu zihlomulile. Noma kunjalo uRamaphosa usethe ngibonwa yini wagadla kusashisa ngoba igama likaMkhize bakhona asebelikhulumela phansi ekutheni bangameseka ukumkhipha ehlandleni lesibili.
Kusasa uzodumela uKhuzeni (Sihle Zikalala) ngokuphumela obala ngokweseka uZuma ezinkantolo.” UMnu uSifiso Popoli uthe uKhabazela uphehlelwe amanzi amnyama: “Yitulo leli. Uma into inogcobho, ubobona ngalezi zimaku zabezindaba. Bayaqinisekisa ukuthi indaba yakho babhala ngayo bonke, ihora nehora. Uma futhi lingekho itulo bavele bakhulume ngayo kanye nje bese bethula. Bathini nje ngoRamaphosa nokubamba kwakhe ngobhongwana u-Eskom. Phela uMnu uBrian Molefe wamkhomba ngenjumbane uMengameli maqede kwagula uMehluleli wabika ukhuvethe. Uthe uma esebuya okaMolefe yase ishayelwa phansi phela indaba yakhe uMengameli. Lapha okaKhabazela ucushelwe ugibe nangempela wangena. Futhi bazomchitha.”
Yize kusesekuseni kepha akukho ukungabaza ukuthi into kwabanye ebukeka iyimbi ingagcina isilungisa osekuhlule izinhlelo ezisemthethweni zeqembu zokudala ubunye. Izinkinga zikaKhabazela noZuma zingabumba uKhongolose KwaZulu-Natal nokungawenza ubuyele endaweni yawo yakudala.