Now Reading
Abaqeqeshi besifazane bazocotshelelwa ngolunye ulwazi kunobhutshuzwayo
Dark Light

Abaqeqeshi besifazane bazocotshelelwa ngolunye ulwazi kunobhutshuzwayo

Kulokhu kuqhubekile ukwesekwa kukanobhutshuzwayo wabesifazane eNingizimu Afrika.
Kule mpelasonto abaqeqeshi basesifundazweni iKwaZulu-Natal bamaqembu ayibamba kuSasol League, bazothola ithuba lokuthola olunye ulwazi njengoba kuzokuba nesigcawu sokuqeqesha.
Lapha umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree Ellis, uzobe ebacobelela ngolwazi lwakhe kwezokuqeqesha.
Lokhu kuzokwenzeka kusasa ngoMgqibelo eRoyal Hotel, eThekwini, kusukela ngelesi-9 ekuseni.
Kukhona konke okuzobe kwenziwa kuzolandelwa imigomo yokhuvethe ebekwe uHulumeni.
Ngokujwayelekile iSasol iba nomkhankaso wayo kodwa kulokhu ihlangane nenhlangano ephethe ibhola kuleli iSouth Africa Football Association (SAFA).
ElaboHlanga lixoxisane noMakhosi Zulu weHhovisi leSAFA KwaZulu-Natal othe: “Konke okuhleliwe kuzokwenzeka awukho umthetho ozophulwa, iqembu ngalinye livunyelwe ukuthumela umqeqeshi walo kuphela, kuzokwamukelwa isibalo esibekiwe.”
Kuzothi sekuqediwe ngoMgqibelo bese kuba nemidlalo yeligi ehlabahlosile ngeSonto eSugar Ray Stadium, eClermont, lapho okuzotholana iWestville United neLindelani Ladies ngele-10 ekuseni. Okwenza lo mdlalo uhlabahlose ukuthi la maqembu akuStream B asembangweni kulogi oholwa iWestville United ngamaphuzu ali-18 emva kwemidlalo eyisi-6 kanti iLindelani Ladies emidlalweni emihlanu inamaphuzu ali-15. Lokhu kuchaza ukuthi la maqembu awayazi induku.

Emdlalweni wesibili kuzotholana phezulu iSunflower WFC neWhite City ngelesi-2 ntambama okungamaqembu akuStream B asembangweni wokunqoba kuleli qoqo. Iqembu elizihola phambili iSunflower WFC ngamaphuzu ali-18 emidlalweni eyi-6 kanti iWhite City emidlalweni emihlanu inamaphuzu ali-13.
Ephawula ngale midlalo uMakhosi uthe: “Ukuba khona kokhuvethe kuphazamise kakhulu. Le midlalo ibizoba munandi kakhulu ukube bekuzoba khona abalandeli, manje abantu abazobe bekhona abadlali kanye nabaqeqeshi bamaqembu womane kuphela. Uma kunemidlalo enje kuke kumenywe izingane, zithole ithuba lokudlala nabadlali asebathatha umhlalaphansi ababedlalela iBanyana Banyana.”
ElaboHlanga likhulume nomqeqeshi weLindelani Ladies uNathi Vilakazi noweWestville United uBheki Sibisi.
“Kuyajabulisa ukuthi iSAFA ngokuhlanganyela nabakwaSasol balokhu besenzela izinto ezinhle. Uma ungumqeqeshi udinga ukuhlezi ufunda, ngalokho ngichaza ukuthi ukuba khona kukaDesiree Ellis ezosifundisa ngokuqeqesha kuzosisiza kakhulu singabaqeqeshi,” kusho uSibisi.
Ephawula ngomdlalo uthe: “Lo mdlalo umqoka kakhulu kuthina, yize kuwumlenze wokuqala kodwa uma singawunqoba siyobe sesingenile ngomlenze owodwa kowamanqamu. Ngasho kuqala isizini ukuthi sizobhekana neSunflower WFC kowamanqamu, lokho ngikubona kwenzeka ngoba nayo ngeke isasuka phezulu thina kumele sinqobe nakanjani ngeSonto. Okungijabulisayo ukuthi akekho umdlali esingathi ulimele, siphelele. Yize sizobe sibukwa uDesiree kodwa ngibona emancane amathuba okuthi bakhona abadlali abazobonwa kuthina ngoba sinabadlali abadala.”

…ngalokho ngichaza ukuthi ukuba khona kukaDesiree Ellis ezosifundisa ngokuqeqesha kuzosisiza kakhulu singabaqeqeshi.

See Also

UVilakazi yena uthe: “Kubuhlungu ukuya empini amasotsha akho engaphelele, siya kulo mdlalo nje baningi abadlali bethu abathintekile. Yize umukhulu umdlalo kodwa ngeke sibafake ngenkani, khona iqiniso ukuthi siyabadinga kakhulu. Njengomqeqeshi kuzomele ngisebenzise iqhinga lesibili ukuthi ngidlalise abadlali abancane, engikholwa ukuthi bazoyibamba ishisa. Nginethemba lokuthi uZethembiso Vilakazi uzosisiza kakhulu ekutheni sithole amaphuzu agcwele, ngoba iyona into esiyifunayo.”

UZethembiso udlalele iqembu lesizwe labaneminyaka yobudala engaphansi kweli-17 kanti kumqhudelwano weNdebe YoMhlaba e-Uruguay uyena owatholela elakuleli igoli. Manje usedlalela iqembu labaneminyaka yobudala engaphansi kwengama-20.
“Esigcawini sangoMgqibelo, ngizophuma nginalo ulwazi engingenalo. Ngicabanga ukuthi sizosizakala sibe baningi njengabaqeqeshi,” usho kanje.

Scroll To Top