Uthi sebethembele kweyokuhlunga uJobe weTS Sporting



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umgadli weqembu eligijima kuGladAfrica Championship iTS Sporting uKamohelo Sithole uthi kusengenzeka noma yini kule ligi.
Lo mgadli usho lokhu nje ngeledlule iqembu lakhe lehluliwe iRoyal AM okwenze kwacaca ukuthi seliphumile embangweni wokunqoba iligi.
“Ukwehlulwa kwethu ngeledlule ngeke kusithene amandla sisalelwe imidlalo emibili emiqoka okumele nakanjani sithole amaphuzu aphelele kuyona. Kuqala isizini besifuna ukuthi sibe sesicongweni, kodwa kubukeka kunzima ukuthi kusengenzeka. Into esesinethemba layo ukuthi sizibekele indawo kweyokuhlungela ukungena esigabeni esikhulu,” usho kanje uSithole ekhuluma nelaboHlanga.
ITS Sporting ilolongwa umqeqeshi osemuncane kunabo bonke uKabelo Sibiya ofike kuleli qembu ngesizini edlule waba ngusekela mqeqeshi. Lena isizini yokuqala kuyena engumqeqeshi omkhulu.
Amaqembu aphezulu kulogi yeGladAfrica Championship, iRoyal AM ehlezi phezulu ngamaphuzu angama-47, kulandele iRichards Bay FC ngamaphuzu angama-45, iSekhukhune United yona enamaphuzu angama-44 kube iyona iTS Sporting ngamaphuzu angama-43.
USithole oteketiswa ngokuthi “uJobe udlala kamnandi”, uthe izinto ezenzekile kule ligi kule sizini zimangaze kakhulu.
“Abantu abaningi bebenika iRichards Bay FC ukuthi yiyo ezokuba ngompetha kodwa kunjani manje, iSekhukhune United nayo ihlalile esicongweni yaphinde yehla. Lokho akwenziwa umlingo kodwa kwenzeka enkundleni, wonke amaqembu azimisele. Singadlala neBizana Mpondo Chiefs sizitshele ukuthi sizoyihlula ngoba vele isidliwe izembe ivele isihlule ngegoli elilodwa, ngalokhu ngizama ukusho ukuthi iqembu elincane belingekho neze,” kusho uSithole.
USithole oneminyaka yobudala engama-24 ukhuliswe i-Orlando Pirates kanti uke wadlala nakuzinkulisa zeMamelodi Sundowns.
Emdlalweni olandelayo iTS Sporting izodlala ekhaya no-Uthangathi FC uSithole athe umdlalo abawulangazelele kakhulu. “Umdlalo wethu no-Uthongathi emlenzeni wokuqala sawunqoba, kodwa wawungelula neze. Nakulokhu silindele into efanayo ukuthi basithwalise ubunzima, kodwa esikufunayo ukunqoba nje kuphela. Njengoba ngishilo, umsebenzi wethu ukunqoba imidlalo yethu esisalele, okuzokwenzeka kwamanye amaqembu sokubona emva kwemidlalo yethu,” usho kanje.
Kule sizini usedlale imidlalo yeligi engama-25, washaya amagoli amahlanu, wadlala emithathu yeNedbank Cup wavalela phakathi elilodwa.
Ebuzwa ukuthi ngabe le sizini kuyena ibe njani, uthe: “Nguwumuntu obelishaya igoli emazingeni aphansi, manje ngikuthola kunzima ukwenza lokho okuyinto engiphatha kabi. Benginethemba lokuthi ngizoshaya amagoli amaningi kule sizini kodwa okungijabulisayo ukuthi nedlule ngishaye amathathu kulokhu nginayisi-6 sisalelwe imidlalo emibili, mhlawumbe amagoli amabili ngisangawashaya.”
Isiyonke imidlalo yeGladAfrica Championship kule mpelasonto ihlelwe kanje:
- IJomo Cosmos neRichards Bay FC, eTsakane Stadium;
- IBizana Pondo Chiefs nePretoria Callies, eKing Goodwill Zwelithini Stadium;
- ICape Town All Stars neCape United, eParow Park
- IStennberg neJDR Stars, e-Idas Valley Sports Ground;
- IFree State Stars neCape Town Spurs, eGolbe Park
- I-University of Pretoria neRoyal AM, e-ABSA Tuks Stadium
- ITS Sporting no-Uthongathi FC, eKabokweni Stadium;
- ISekhukhune United nePolokwane City, eMakhulong Stadium.
* Yonke le midlalo izoqala ngelesi-3 ntambama ngeSonto