Kunokukhathazeka eMnyangweni ngokunyuka kwabatheleleka ngokhuvethe
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
UMnyango Wezempilo kuzwelonke uthi, yize ukwanda kwezibalo zabantu abanokhuvethe kukhathaza, iNingizimu Afrika ayikangeni egagasini lesithathu lalolu bhubhane. NgoLwesithathu, kubikwe izibalo ezintsha eziyizi-2 759 okunyuse inani eliphelele labanokhuvethe laya esi-1 602 031 eNingizimu Afrika. Isifundazwe iGauteng yiso esinezibalo eziphezulu kakhulu lapho sinekota yabantu esibalweni esiphelele sezwe abanokhuvethe kuze kube manje. Kuphinde kwashona abantu abangama-72 ngenxa yalo ukhuvethe okunyuse isibalo sabashonile saya ezi-54 968.
UMnyango Wezempilo uthi usebenzisana nezifundazwe ukuvuselela izinhlelo zabo zokuzivikela ukuze kuqinisekiswe ukuthi zikulungele ukubhekana nokutheleleka kwabantu ngokhuvethe.
UMnyango Wezempilo uqinisekise abantu baseNingizimu Afrika ukuthi izwe alibhekene negagasi lesithathu, kodwa-ke, ingozi isekhona. Esontweni eledlule, kwabikwa ukwanda ngamaphesenti angama-46 ezibalweni ezintsha zabanokhuvethe. Zonke izifundazwe zikhombise ukwanda okungekuhle neze ikakhulukazi iNorthen Cape, iGauteng, iLimpopo, iNorth West kanye neWestern Cape. UMnyango uthi izwe kumele liqaphe kakhulu futhi uphinde wanxusa ukulandelwa ngokuqinile imigomo yezokuphepha ngaphansi kokhuvethe.
Ukukhathazeka ngemiphakathi yasemakhaya
Ngesonto eledlule, iCosatu iveze ukukhathazeka ngomthelela wegagasi lesithathu elingaba khona emiphakathini yasemakhaya. UNobhala weCosatu esifundazweni uKopano Konopi uthe kunesidingo sokuthi uHulumeni usheshise uhlelo lokugomela ukhuvethe. “Siyaqonda ukuthi kunenselelo evela kuHulumeni kazwelonke mayelana nokuhlinzeka ngemithamo eyanele yokugoma eNorth West kodwa sisakholelwa ekutheni uma isifundazwe singafuna isibalo esiphakeme semithamo, singalethwa. Ziningi izindawo zasemakhaya ezingeke zithole imijovo yokugoma ngesikhathi futhi uma kuza igagasi lesithathu sizohlukumezeka isifundazwe.” kuphetha uKonopi.