Now Reading
Sithi mabuchume ubuhle obenzeka eNdlunkulu
Dark Light

Sithi mabuchume ubuhle obenzeka eNdlunkulu

Yize kuseyisiqalo kepha abeNdlovu benzengakhona ukuthatha eliya phambili


Aluyona imfihlo uthando esinalo ngoBukhosi base-Afrika. Asinamahloni ukuthi  uma kukhulunywa ngabo siyakitazeka. Njengebantu abaningi kuleli besidumele ngalokho esikuzwa kukhulunywa mayelana nokungaboni ngaso linye koMkhulu. Obekusiphatha kabi wukuthi le mpi ikhonjwa eNdlini yaMakhosi ayaziwa ngokuthanda uxolo, uBhusha – iNgonyama uBhekuzulu kanye neSILO esisanda kwebuza, uMdlokombana. Yize kusemvelweni ukuthi abantu abazalwa ngowesifazane nowesilisa banakho ukunyathelana, eNdlunkulu silindele isifundo ekutheni zixazululwa kanjani izinkinga hhayi ukuthi amatulo aboshwa kanjani. KwabeNdlovu sithi umoya phansi, konke kuzohamba njengokusho kweZinyandezulu. Okunye okungaba zifiso akonakele inqobo nje uma kungadali umbango ongenasidingo. Siyancoma nobuchule bukaNdunankulu kaZulu ekukwazini ngesikhathi esifanele ukuphendula imibuzo obekungathi uma ingapheduleki kuchitheke uphoko. Siyazi yena wazi ukuthi ‘wenza umsebenzi wakhe’ njengoba ehlale esho kepha kuliqiniso ukuthi izinkinga lezi ezibikwayo zifike kuntanga wazo lapha kuMntwana. Asingabazi ukuthi bakhona abanye abangabuka okungalena kepha sithi akwenzele iSihlalo kuyoxoxelwa izizukulwane hhayi manje kuphela kuyo yonke le minyaka.Kithi njengesizwe njengoba sishilo ngokwedlule, kuhle ngalesi sikhathi seseke iSihlalo ngoba sona kumqoka ukuba singathelwa ngamachaphazelo. Nathi njengabezindaba sinomthwalo hhayi wokuchema kepha wokukhetha ukusabalalisa ubunye kunempi, ukwakha kunokubhidliza. Uma lokho kuwukuchema wukuchema okuhle nathi njengephephanda esifisa ukuba yingxenye yakho.

UHulumeni esimweni esejwayelekile uwumxhumanisi wezakhamuzi nezinhlaka. Ukuba kube nokuthula nobunye wumsebenzi wakhe. Nakulolu daba sinxusa ukuthi wenze lokho. Ungalingeki usuke kulo mgomo ngoba ngokwenza njalo kuyokwenzeka umonakalo omkhulu. Abepolitiki ake basixolele okwamanje. Bahlale benza nje lapha ukwenza kwabo kungamosha izinto. 

See Also

Abazithibe bavikele iSihlalo. Kabakhumbule amazwi eSILO esidala, ukuthi ‘konke kuyafika kuyedlula kepha ukuba nguZulu kungunaphakade’.

 Alikhanye ilanga KwaZulu ukuze sonke sifudumale.

Scroll To Top