IMbube yayingawuvali umlomo ngempatho yeNdlovukazi uGaneba
UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
AbaseMatshalini baxoxa mahlanze. Lapha uSolwazi uSazile Mtshali ulandisa umbhali
ISILO esebuzile sasibakhonzile kakhulu abantu baseMatshalini nanxa singakwenzanga ukuba sibe nokuxhumana okuhle nabo futhi abakaze babe yingxenye yokubusa kwaso. Kwathi noma isihambile iNdlovukazi okaMpahleni iminyaka eminingi okuyiyona eyasikhulisa iSILO, kodwa igama layo lalingasuki emlonyeni wayo iMbube. USolwazi uSazile Mtshali wathi, kwathi ngelinye ilanga ehambisana noSolwazi uG. Ndabandaba owayenguMphathiswa Wezolimo KwaZulu-Natal beyokwethula iphrojekthi yokulima amasimu lapha endaweni yakwaDabhazi nasEkuvukeni, iSILO sasikhona naso.
USolwazi uMtshali wathi bamcela aboMnyango ukuba avule umcimbi ngomkhuleko, waba nokwethuka ngoba esaba ukuthi kukhona neSILO kulowo mcimbi futhi babengamazisanga ukuthi bamfakile ohlelweni kepha wedlula wathandaza. Uthi kwathi uma esethi ubuyela lapho ayehlezi khona, iSILO sathi akayohlala phezulu lapho esasihlezi khona sona. Kwathi uma esehlezi ngemuva kwaso sase simbuza ukuthi ngowaseMatshalini kuphi nendawo? Wasiphendula ngokuthi yena uzalwa endaweni yaseMpolweni Mission eMshwathi.
ISILO sathi kuye simbuza ngoba abantu baseMatshalini basenhliyweni yaso ngakho siyabazisa kakhulu empilweni yaso ngoba sona sakhuliswa ugogo onguMaMtshali kusukela sizelwe saze sakhula saba yindoda siphethwe yilo gogo okaMtshali owayegane iSilo saKwaDlamahlahla uMqwalajuba. Kwathi noma sekwaziwa ukuthi nguye owayezothatha iSihlalo ngemuva kweSilo uCyprian, lo gogo waba nokumvikela okumangalisayo, emnakekela kakhulu futhi emqaphile ukuthi kungenzeki ngisho ichashaza lephutha ekumkhuliseni kwakhe.
Wangiphatha uNdlunkulu uHlabangane ngaze ngaganwa, waze wangibeka eSihlalweni soBukhosi ngazinza, kwayima ehambayo emhlabeni.
ISILO saqhuba sathi ugogo uMtshali wanginakekela ngokukhulu ukucophelela engivikela nasezitheni zami. Ukuba akangikhulisanga ngalokho kucophelela impilo yami yonke kusukela ngizelwe ngabe kaningazi ngoba ngangingadliswa ngisho ubuthi ngife. Naye ugogo uHlabangane wayengathengeka kwabomndeni angidlise ubuthi ekudleni kwami kodwa intombi yaseMatshalini kayikwenzanga lokho.
Angisoze ngayikhohlwa impatho yayo yanginakelela ngokukhulu ukwethembeka. Akakho umuntu engingamfanisa nentombi yaseMatshalini impilo yami yonke. INgonyama yawaphindaphinda la mazwi ayo okuthi iyabazisa abantu baseMatshalini ngoba yakhuliswa ugogo uHlabangane.
Kwathi futhi ngonyaka wezi-2015 uma sekuyokwethulwa iRoyal Household Trust Board nguNdunankulu uSenzo Mchunu KwaKhangelamankengane, kwathi uma uNdunankulu esesethula kuso iSILO njengeRoyal Household Trust Board, iSILO sawaphinda la magama aso uma sekwethulwa yena uSolwazi uSazile Mtshali. Sathi kanti kuzohamba kahle kule Bhodi yami ngoba kukhona nowaseMatshalini okuyibona abangomama bami abangikhulisayo nokuba niyangibona namuhla nje yingoba ngaphathwa yizandla zikaHlabangane.
USolwazi uMtshali wathi kwamumangalisa kakhulu lokhu okwakushiwo yiSILO sesiphindelela ngoba wayengakaze ezwe kuphathwa isibongo saseMatshalini eNdlunkulu. Nokuxoxa kweSILO kwakusuke kusemcimbini kungelula nokuba asilandele abuze ukuthi konje lo Mtshali esikhuluma ngaye kwakungowakuliphi izwe.
Manje asike sizwe uPhangifa Falisa, uBalingene noDingeni baseMatshalini.
Namuhla izinsuku ziyisi-7 kuNtulikazi wezi-2020, ngilapha emzini kaSigubhu Mtshali, endaweni yeNkosi uChakide kaNkanyiso Obuka. Lo muzi waseMatshalini useninginzimu yesikole saseGobihlahla, entshonalanga yawo kunomtholampilo wase-Upper Nseleni kanti eninginzimu yawo kunomuzi wasOgelweni weNkosi uNkanyiso. Umuzi lona waseMatshalini yinxuluma loqobo elinezindlu eziyishumi nane. Ngifike kukhona uPhangifa ongumfowabo kaSigubhu kanye namadodakazi omfowabo uSigubhu okunguBalingene kanye noDingeni. Baqala ukuxoxa ngobabekazi wabo kanjena:
‘Thina Ndabezitha sidabuka endaweni yaseStanger. Kuthiwa sasiyisizwe esasinamandla kule ndawo sizehlula zonke ezinye izizwe. Kwathi ukufika kweNgonyama uShaka eStanger yase yakha umthangala weSigodlo sayo.
Bayasuka laba esasibehlula bawudiliza. Kwathi uma iSilo uShaka sesibuza ukuthi udilizwe ngobani base bekhomba thina baseMatshalini. INgonyama yathukuthela yase isihlasela ngabo sachitheka sahlakazeka nezwe lonke. Kwathi ukhokho wethu uNgwababana owayezalwa yintombi yasemaNkwanyaneni wabaleka waya kwelaseMaChunwini lapha okwakwakhe khona omalume bakhe.
Ukhokho wethu uNgwababana wagcina esekwaNongoma. Bathi iNkosi uNkantini yahlangana nendodana kaNgwababana egama layo uLwandlekusukamadlwambe Mpahleni yase iyithanda yagcina isibuye nayo yazoyakhisa lapha kwelaseNtembeni. UMpahleni lona kuthiwa kwakuyisiqhwaga esasihlala sihlome ngemikhonto. Kwakuyinsiza yamashinga lungafakwa.
ULwandle Lusukamadlwambe
LukaNhlwabiyane
Abantu bazidondo
Babanjwe ngonhlobiyana phansi
INkosi uNkantini yayimthandela lokho, yabona ukuthi isivikelekile uma isizohlala naye endaweni yayo. INkosi yamnika indawo eyayingakhe muntu yakwaNdundulu eBedlane. Kuhambe kwahamba uMpahleni wasethutha kwaNdundulu esebone indawo ayithandayo enhle yaseMakhasaneni lapho afika wakha umuzi wakhe wakwaYingaza. UMpahleni lona wayeganwe yintombi yakwaNtshangase, wazala inkosana yakhe uNtangayitshebe owayelanywa ngodadewabo abathathu uGwandula, uNomaphalishi kugcine uGaneba.
INkosi uNkantini kuthiwa yayikhonzene kakhulu neSilo uSolomon siyivakashela njalo naye ahambe ayohlala kuso KwaDlamahlahla. Sekuthi ngelinye ilanga iNgonyama uSolomon izihambela neNkosi uNkantini ilapha kwelaseNtembeni bazikhweze phezu kwezintombi zaseMatshalini zitheza izinkuni ehlathini esihosheni saseJwaqini. ISilo sifike sikhe uGaneba kulezi zintombi zakwaMtshali.