Isihlangu lesi akumgexe kepha ngumlando



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Siphila ezikhathini zengqephu. Enye ngeyomdabu kanti enye ngeyokufika eyabe ifike nabo oMposoyethafa.
Akukhathali ukuthi wena ukhetha yiphi okusalayo wukuthi abantu bayamukela ngezizathu ezahlukene. Lapha ekuhlobeni kwesintu kakhulu kwabesilisa kukhona isihlangu okuthi nxa insizwa isiphethe kuphelele indaba.
Isihlangu lesi akuwona umgexe nje noma into ongathi uyibolekise umuntu ngaphandle uma sekuyilezi zokuhlobisa. Endlulo lapho inkomo yabe iwumnotho nomxhumanisi.
Ngesihlangu isinzwa iyakwazi ukuxoxa umlando wenkabi leyo eyawayo, omunye axoxe nangoyise noma umkhulu wakhe abasidlulisela kuye isihlangu lesi. Izihlangu lezi kwabanye ziyehluka isibonelo ejadwini ngesinye empini ngesinye.