Amabhizinisi ezokuthutha umphakathi asenkingeni abheke ukutakulwa nokunciphisa izisebenzi



UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Unyaka esikuwo kanye nesiphuma kuwo ngakwezomotho kuthande ukusinda kakhulu ngenxa yokuthi kuke kwaba khona isikhathi lapho amanye amabhizinisi abengakhiqizi ngenxa yemvalelwekhaya edalwe ukhuvethe.
Ukuma ukusebenza ezinkampanini nasezimbonini kuleli kudale inkinga enkulu phakathi kwabaqashi nezisebenzi ngenxa yokuthi omunye uphakamisa ukuthi kwenyuswe amaholo ngenxa yesimo sempilo nezezimali ezweni kanti ngakolunye uhlangothi omunye ukhala ngokuthi akakwazi ukwenyusa imiholo ngenxa yazo lezi zizathu ezikhinyabeze umnotho wezwe ngesikhathi semvalelwekhaya.
Iqiniso lithi ezinye izinkampani bezivele zingenzi kahle ngaphambi kokufika kokhuvethe kodwa ukuqubuka kwalo kwenze isimo sanzima kakhulu ezinye zadinga ukutakulwa, ezinye zavalwa kwathi kwezinye kwaphoqeleka ukuthi kudilizwe izisebenzi nakho okuthanda ukusinda ngenxa yesimo esikhona sezomnotho ezweni.
Inyunyana yezisebenzi iNational Union of Metalworkers of South Africa (Numsa), ithi iSouth African Airways Technical (SAAT) engaphansi kwenkampani yezindiza iSouth African Airways (SAA), kumele izwakalise izizathu zayo zokuhlongozwa kokuncishiswa kwezisebenzi, yize yelekelelwe uHulumenui ngemali eyisigidigidi esi-R1.6 ngesonto eledlule.
INumsa, iSAAT kanye neCommission for Conciliation, Mediation and Arbitration (CCMA) kulindeleke ukuthi bahlangane mayelana nesaziso senkampani ephethe izindiza zikaHulumeni seSigaba 189 ezinyunyaneni.
Esazisweni sayo, iSAAT isola phakathi kokunye iSAA eswele imali kanye nomthelela omubi wezezimali ngenxa yobhubhane ukhuvethe embonini yezokuvakasha.
Okhulumela iNumsa kuzwelonke, uNkk uPhakamile MaHlubi Majola, uthe iSAAT idinga ukuthi ibonise futhi ichaze kabanzi ngesizathu sayo sokunquma ukunciphisa isibalo sezisebenzi.
“AbakwaSAA Technical kuzofanele bakhombise ukuthi le mali – uHulumeni obanikeze yona ayikaze, noma ngeke ikwazi ukuvimbela ukuncishiswa kwemisebenzi futhi yilokho okusemqoka. Kumele bakhombise futhi bavikele isinqumo sabo sokudiliza izisebenzi,” kusho uMaHlubi Majola.
Izinhlelo zokuqala kabusha inkampani
ISikhulu Esiphezulu sesikhashana seSAA, uMnu uThomas Kgokolo, sithi izinhlelo zokuqala kabusha le nkampani yezindiza seziqalile. UKgokolo uthe kungekudala inkampani izoqala uhlelo lokuqeqesha kabusha abashayeli bayo bezindiza nokubuyekeza ukuthobela ukuphepha emoyeni.
Le nkampani yezindiza isebenza ngeqhingasu lokumaketha elihlose ukubuyisa amakhasimende amadala.
Ibhodi lesikhashana leSAA liqoke uKgokolo, ongumcwaningimabhuku oqeqeshiwe, njengoba enolwazi oluningi njengomqondisi ongeyona ingxenye yesigungu esiphezulu ezinhlanganweni ezahlukene.
Uthathe izintambo ngenqubo yokuhlenga ibhizinisi futhi ubekelwe ukwengamela nokwenza lula inqubo yale nkampani yezindiza yokuthola umlingani.
UKgokolo uthe okusemqoka kuye, okwamanje, ukuthi iSAA iqale kabusha izindiza.
“Kumele senze uqeqesho lwabashayeli bezindiza, sikhumbule ukuthi sekunesikhathi bengandizi. Okwesibili, ngokombono wokuhambisana nomthetho kudingeka ukuthi siqinisekise ukuthi sisezingeni elifanele. Kodwa okubaluleke kakhulu, sidinga ukuqiniseka ukuthi ngokombono wokumaketha sihlelekile ukuze sikwazi ukufinyelela kumakhasimende ethu,” kusho uKgokolo.
Uphinde athi ngokusebenza ezingeni lezinkampani, izinga lokuthobela kufanele lenziwe ngokwanele futhi.
Ezamabhasi
Isiteleka sakwaMetrobus esiseGoli singene osukwini lwesikhombisa ngoLwesithathu ngaphandle kwesiphetho. Bangaphezu kwezi-30 000 abagibeli abathintekile.IDemocratic Municipal Workers Union (Demawusa) isibeke etafuleni izimfuno ezingama-28. Lokhu kubandakanya ukukhushulwa kwamaholo ngamaphesenti ayi-18, isibonelelo sezi-R15 000 sokhuvethe kanye namabhonasi.
Inkampani yamabhasi iMetrobus yenqabile ukungena ezingxoxweni zamaholo, ithe yona ibheka ezinye izindlela zokuxazulula le ngxabano.
Izingxoxo zamaholo zihlala zingenaso isivumelwano.
IDemawusa ithe yona angeke ijike kulokhu ekufunayo.
Okhulumela le nyunyana uMnu uDeon Makhura, uthe isiteleka sizoqhubeka kuze kube kufezekiswa izidingo zabo.
“Okwamanje, asisasebenzi ngoba ngesonto eledlule siye kwaMetrobus basitshela ukuthi ngaphambi kokuthi sikhulume nabo kumele sisimise isiteleka. Sifuna ukwenyuselwa amaholo ngamaphesenti ali-18 futhi sifuna ukuthi izisebenzi ezichithwe emsebenzini zibuyiswe. Ngeke sisimise isiteleka uma umqashi engezi etafuleni. Leli yiphesenti lethu lokwenyuswa kwamaholo esivula ngalo izingxoxo. Kufaka phakathi ukulahlekelwa okutholwe izisebenzi kusuka eminyakeni emine kuya kwemihlanu. Kodwa zonke lezi zinto zingaxoxwa,” kusho uNobhala Jikelele weDemawusa, uStephen Faulkner ogcizelele ukuthi izimfuno zabo zinengqondo.
“Onke amadepho amathathu asebenzela enyakatho, eningizimu nasempumalanga yeGoli angaphezulu kwama-400 awasebenzi. Ngakho-ke wonke njengoba engasebenzi kuthinteka abagibeli ababalelwa kuzi-36 000 nsuku zonke okuyinombolo enkulu. Sinxusa abagibeli bethu ukuthi baqhubeke nokwenza amanye amalungiselelo ngoba asazi ukuthi lesi siteleka sizophela nini kodwa sizama ukwenza konke okusemandleni ukusiqeda, ”kusho okhulumela iMetrobus, uMnu uGoodwill Shiburi.
Phakathi nesonto iDemawusa ivikela isiteleka sayo ithe: “Akusikho ukuthi abakwaMetrobus bebengaziswanga ngesiteleka, bebengaphambi kwesikhathi kodwa bavumela abagibeli ukuthi bathenge amathikithi azayo. Kufanele abagibeli bababuyisele imali yabo ephelele.”
Izinsongo
UShiburi uthe izisebenzi ezingalawuleki eziyingxenye yesiteleka zisongela lezo ezingamaphesenti angama-98 ezizimisele ukusebenza.