INkatha endaweni engayejwayele



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Okwakamuva kwenzeka lapho sekumele lizilungiselele ukhetho oluyingqophamlando
Bambalwa abangaphikisana nomlando othi kule minyaka eyedlule iqembu Inkatha Freedom Party (IFP) likwazile ukusingatha izindaba zalo ngobunono lapho amanye amaqembu abehluleka amabibi alo anekelwe izwe. Nokho lokho sekuwumlando njengoba sebunqwabelene ubufakazi bokuthi nalo leli qembu seliyangena emlandweni wamalungu abangayo. ElaboHlanga like labika kabanzi ngezindaba ezithinta leli qembu ngaphakathi nangaphandle kukaHulumeni. KuHulumeni okugqame kakhulu kube yizigameko ebezenzeka komasipala abaphethwe yileli qembu. Okwakamuva nje kubikwe eMthonjaneni nayilapho kunokukhuluma okuthinta iMeya uBiyela. Lo mkhuba omusha usulidungile iqembu njengoba lize lalahlekelwa ngamandla kuMasipala uMtubatuba ngakho belu ukungathembani kwamalungu. Okunye nesibike ngakho kube wudaba lokumiswa kwelinye lamalungu amadala kuleli qembu, uMnu uMncwango oyiMeya yakwaNongoma.
Okunye okuvelile kulabo abake bakhuluma neBAYEDE ngesikhathi esedlule kube yizinsolo zokusebenzisa izinhlaka eziphezulu zeqembu ukunyundelana. Nayilapha abezindaba bayaphatheka. Leli qembu elivame ukuba nemihlangano njalo ngoMsombuluko belibukeka uhlelo lwalo luqhuntshwa yilokho ‘okuputshuzelwe’ abezindaba.
“Sisuke sesazi ukuthi uma kukhona ukungaboni ngasolinye kumaziko noma kumasipala, siyathuthana siye eThekwini nayilapho kuba kukwamphelandaba. Lapha sihlala kuze kuhlwe kuthethwa amacala okuyinto engeyinhle ngoba amanye asuke akhiwe nje kuchithwa isikhathi sobuholi,” kusho omunye owakhuluma neBAYEDE ngesikhathi kunodaba oluthinta abaholi beqembu ebaQulusini.
Lo mthombo waqinisekisa ngaleso sikhathi okwabe kuxoxwa ukuthi nakhona ezinhlakeni eziphezulu zeqembu, lezi obekumele ngabe zelusa ukusebenza kweqembu sekukhona ukungezwani. Kuthiwa abaholi laba kabasalubuki nje udaba njengoba luza kepha lufika kubo nje kwenye inkathi kusuke vele sekuxoxiwe nabo (yilabo abazwelana nabo ngaphandle) ukuze kuthathwe isinqumo esithize. Phezu kwemizamo yeqembu yokuphebeza izinkulumo ezithi kukhona ukungaboni ngasolinye nokuthi sekukhona amaqembuqembu, okukhulunywa nokubhalwa ezinkundleni zokuxhumana kuveza ubufakazi beqembu eselingenwe wubukhuphe beqembu labantu abangezwani.
Nendlamvuzo idla ijeqeza
Oshicilelweni lwethu lokugcina ngaphansi kwesihloko: Iyaphi indlovu: Iyamphunyuka noma uyakheqwa uBulawayo?, kwavela ukuthi sekukhona okukhona ngobuholi bukaMnu uVelenkosini Hlabisa owaqokwa muva nje ukuba ahole Inkatha. Sikhuluma nomunye umholi ongathandaka ukuba adululwe wathi: “Asikaze simfanele lesi sikhundla uHlabisa, sakhethelwa yena nathi sahlonipha uMntwana. Okwenziwa kwaqinisekisa izinkulumo zokuthi kayikho idemokhrasi eNkatheni. Abukho nobulungiswa, wena uyiNkosi yaseMbongombongweni kwakungakuphatha kanjani ukuthi kade sekulindwe ukuthi uthathe bese kuqhamuka elinye igama? Sidlala abantu abathi bafika eNkatheni iqalwa, abafuni ukwehla. Nathi sasikhona kodwa siyayibona ukuthi inkunzi isingavuka ematholeni.”
Njengoba kulindelekile nakwamanye amaqembu kubukeka ukhetho oluzayo lungahle nakuyo Inkatha lube yinkundla lapho izinhlangothi ezahlukene eqenjini zizofolosa ngabathile abahambisana nabo. Umbuzo uthi lokhu kuzolakha yini iqembu? Noma lokhu sekusho ikhasi elisha lapho i-IFP izofana namanye amaqembu?