Imbangi kaHamilton iyamjabulela futhi iyamjabulisa



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Umshayeli wezimoto zeFormula One (F1) okleliswe njengohamba phambili emhlabeni uLewis Hamilton, uthi yize evunwa umlando kodwa lokho akumele akubeke ekhanda.
Umlando ovuna uHamilton owokunqoba kaningi kubashayeli abakhona manje umqhudelwano iSpanish Grand Prix ozokuba ngeSonto ngelesi-3 ntambama, eBarcelona.
UHamilton iSpanish Grand Prix useyinqobe kahlanu, ngonyaka wezi-2014, ngowezi-2017, ngowezi-2018, ngowezi-2019 nanyakenye.
“Umlando uyohlezi ukhona. Kuyangijabulisa ukuthi eminyakeni emine kulandelana imina ebenginqoba lo mqhudelwano. Yize kunjalo kodwa lokho akusho ukuthi kumele ngiye kuwona ngizithwele ngeqoma ukuthi ngizonqoba nangeSonto, kuzomele ngilwile ukuze nginqobe,” kusho uHamilton oshayela ngaphansi kwenkampani yemoto uMercedes.
Kulo nyaka ngokwekhalenda le-F1 sekugijinywe imiqhudelwano emithathu lapho kubalwa iBahrain Grand Prix, i-Emilia Romagna Grand Prix kanye nePortuguesse Grand Prix ebingesonto eledlule.
Kule miqhudelwano uHamilton unqobe emibili okuyiBahrain Grand Prix nePortuguese Grand Prix, kanti i-Emilia Romagna Grand Prix yona yanqotshwa uMax Verstappen oshayela ngaphansi kohlobo lwemoto iRed Bull.
Ngokwezikeliso uHamilton uyena ozihola phambili nalapho behlukaniswe ngamaphuzu ayisi-8 noVerstappen, omunye unamaphuzu angama-69 kanti omunye unangama-61. Kanti ngokwezikeliso zezimoto iMercedes ishosholoza phambili ngamaphuzu ali-101 kuthi iRed Bull yona ibe nangama-83.
UHamilton uthe uyazizwa izigi zikaVerstappen.
“Iqiniso ukuthi ngeSonto uVerstappen kwakumele kube nguye onqoba umqhudelwano njengoba ayelokhu engaphambili. Unethalente eliyisimanga, ngiyabona uyakulwela ukuthi naye abe ngumpetha. Nakulokhu ngilindele into efanayo ukuthi ahlale ezithendeni kumina okanye kube imina ohlala kuyena kuye ngokuthi ubani ofika kuqala kulayini,” usho kanje.
UHamilton uma enganqoba ngeSonto kobe kusho ukuthi usedle imiqhudelwano engama-98, nokunguyena kuphela emlandweni osabeke leli rekhodi asaqhubeka nalo. Omunye owanqoba imiqhudelwano eminingi osewathatha umhlalaphansi nguMichael Schumacher owanqoba engama-91.
UVerstappen uthe indlela ayiqale ngayo isizini yangowezi-2021 imjabulisa kakhulu.
“UHamilton ungumpetha womhlaba, kuyangijabulisa ukuthi kule miqhudelwano ngikwazile ukuthi ngibe seduze kwakhe. Ngikholwa ukuthi naye uyabona ukuthi ngizimisele kangakanani, kuhlezi kuyinto enhle ukukwazi ukuncintisana nomuntu owumpetha kuleyo nto,” usho kanje.
Uthe uVerstappen kungamjabulisa ukuthi indlela aqale ngayo kube aqeda ngayo, kwazi bani angazibona kuba uyena umpetha wakulo nyaka.