Iphupho lobunye bezwekazi i-Afrika lingabhuntshiswa ubudedengu kwezomnotho



UMnu uXaba ungumsunguli we-Adamopix. Uyilulungu leBhodi yenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil…
Kunomlilo osekulokhu ufufusa kuleli, okungathi nxa ungaqaphelisiswa buchitheke bugayiwe phakathi komAfrika nomAfrika.
Ukwanda kwezinsolo ezithi abokufika abavela kwamanye amazwe ezwekazini i-Afrika, njengelaseNigeria, elaseCongo, elaseZimbabwe nabanye kuyaqina ekuthenini sebeyazitapela kuleli. Izinsolo zokuthi abaningi balama-Afrika sebenezindawo okungo-‘alubhadwa’ ngenxa yokuthi sekungezabo kuphela kuyaqina. Sizokhumbula ukuthi iNingizimu Afrika ngale kwezingqinamba ebhekene nazo ngaphakathi, iyizwe elithathelwa phezulu kakhulu ngamanye ezwekazini i-Afrika. Nxa kuziwa enkululekweni yezepolitiki, kwezohwebo, ingqalasizinda yezokuxhumana izinkantolo amabhange nokunye, leli lizwe akungatshazwa ukuthi lisahamba phambili. Empeleni, libalwa namazwe amakhulu emhlabeni asekade athuthuka.
Yingakho nxa uqhathanisa namaningi ezwekazini, abantu emazingeni aphansi babheka leli njengezwe eliyiKhenani kubo. Okubuye kuzihlabe umxhwele izakhamuzi zakwamanye amazwe yindlela leli elikhululeke ngayo ngokoMthethosisekelo walo, lapho lithi wonke umuntu uyalingana, omnyama nomhlophe, ubuye futhi uqhubeke unikeze amagunya afanayo kumuntu oyisifikanamthwalo kulowo ongumnsinsi kuleli. Kuthi kusenjalo, uphinde wenze kubelula kunoma ubani ofisa ukuzithuthukisa akwenze lokho ngenkulu inkululeko, ngale kwezithiyo. Lokhu nxa ukuqhathanisa namazwe amaningi abanye ababuya kuwo, akulula ukwenza noma yikanjani kuwo kube kungamazwe abo, ngale ndlela yokuthi amaningi amabhizinisi amakhulu aye abe awabantu abasondelene kakhulu nosopolitiki bakhona. Lokhu kwenza impumelelo yakhona ibe ngeyomntakabani. Kuleli kwaShayina, kwaNdiya, kwaPakistani, kwamAfrika, kwaNgisi, kwaMmelikana nabanye, ufika uzishayela nje, maqede uphume usungusozigidi.
Yinto esingathi iyancomeka nokho lena nxa siyibheka ngeso ongathithi iphupho lanoma ubani liyakwazi ukufezeka kuleli, kuhle kwe-USA. Kepha kunenkinga enzulu okuzothi uma ingaqashelwa ilanga lingagcina lishona emini kwabha. Le nkinga isosizini olubonakala lukhula ngamandla kubantu ikakhulu boHlanga bakuleli. Ngale kwemiphumela yokhuvethe, abantu abangaqashiywe kuleli bebe benakho ukuthi bangaqasheka, sebevile ezigidini eziyishumi nanhlanu. Amabhizinisi abantu bakuleli amaningi awile, osekuthe amaningi angenelwa abokufika kubandakanya zonke izizwe esizibale ngenhla, ngenxa yoMthethosisekelo wakuleli owudedangendlale. Yingakho lo Mthethosisekelo waziwa njengomuhle ukuyedlula yonke eseyake yabakhona emhlabeni. Ukubatshazwa kobuhle bawo wedlula ngisho owamazwe asekade athuthuka esingabala iMelika, namaningi ase-Europe. Okunye esingakuqhakambisa ukuthi nxa ufudukile ngenxa yezinsizi zezwe ovela kulo, kwamanye amazwe kwakhiwa izinkambi lapho abantu begcinwa khona kuze kube isimo sabo siyalungiseka kumazwe abavela kuwo. Kuleli nokho uyangena, wemukelwe ngezandla ezimhlophe, ufakwe emiphakathini, uthole zonke izinsiza okungezempilo, izindlu ezakhiwa uHulumeni, amanzi nogesi wamahhala, uphinde ukwazi ukuthola umsebenzi maqede uhwebe ngendlela ofuna ngayo. Alikho nelilodwa izwe emhlabeni ongakwazi ukuthola lezi zinto ufike izinyangana nje. Ngaphezu kwalokho ukwazi ngisho nokuzibandakanya nepolitiki yezwe, okuthi nxa uhlakaniphile ungazithola ngisho ususePhalemende uqobo nokho nxa usubutholile ubuzwe baleli, obuvame ukutholakala cishe emuva kweminyaka emihlanu ufikile. Yingakho ezinhlakeni eziningi zakuleli uthola sekuphethe abokufika kusuka ezigabeni zakongqondonkulu, ezimayini eziningi, emabhange, kuzizinda zezimali noqeqesho, ngisho nakweminye imikhakha eminyangweni kaHulumeni uqobo. Muva nje sibonile kuvela onjiniyela baseCuba okuzwakala ukuthi bachwepheshe ukwedlula abakhona kuleli kwezamanzi. Empeleni kukhona nesigaba somthetho olawula ukuletha abantu abasuke benoqeqesho olunganele kuleli, ukuze lusize ukuthuthukisa lona. Laba bantu ngokomthetho woMnyango Wezasekhaya bayavunyelwa ukungena ngenxa yoqeqesho oludingakalayo.
Abantu abaningi bakuleli sebesibona lesi simo njengokuthi sekukwampunzedlemini kuleli. Lokhu akwengezi nje kuphela osizini lwakuleli, kepha kubonakala kuletha intukuthelo ethi ayifinyelele esigabeni sokubila.
Ingabe sinamthelela muni lesi simo uma singalungiswa na? Nxa siphetha le nyanga yenkululeko, siqaphela ukuthi umumo weNingizimu Afrika phakathi kwamanye amazwe ase-Afrika nasemhlabeni jikelele, ungase uthikameziseke ngenxa yalesi simo esibonakala sifufusa phakathi komAfrika nomAfrika.
Iningi lezinto ezenzakalayo emazingeni aphansi, lapho uquqaba lwabantu lukhona, ludalwa umncintiswano ongenasidingo lapho abokufika bethatha baphinde baqhoqhobale izinhlaka ezahlukene zezomnotho, ikakhulu lezo ezaziwa njengezincane okumele ngabe ziphethwe aboHlanga bakuleli. Lapha singabala izipaza, izindawo zokucwala amakhanda nokugunda, nokunye. Kuzokhumbuleka ukuthi umnyango wezamabhizinizi amancane kuleli, ophethwe uNgqongqoshe uKhumbudzo Ntshavheni wamemezela ukuthi sekunezinhla zamabhizinisi okumele ziphathwe abantu bakuleli kuphela kubandakanya nazo lezi ezingenhla. Akuyona into entsha lena njengalokhu sazi ukuthi kumazwe amaningi asathuthuka emhlabeni, kuyaye kukekelezelwe izimboni ezithile ukuze zibe ezabantu balelo zwe kuphela. Okuyothi ngokuhamba kwesikhathi zibukezwe futhi kubhekwa ukuthi selikulungele yini izwe ukuvulela abantu bokufika leyo mboni noma qha. Isibonelo, singathatha amazwe afana neZimbabwe, iGhana namanye ase-Europe okwaziwayo ukuthi uhlobo lwezimboni oluthile olwabantu bakhona hhayi abokufika.
Isimemezelo sikaNgqongqoshe uNtshavheni yize sesenzeka, inkinga ekhona nokho kuleli, ukuqinisekisa ukuthi nxa umthetho usushayiywe uyalandelwa yiwo wonke umuntu yini. Kuze kube manje akukabonakali kusebenzisana izinhlaka zezomthetho noMnyango nxa kuwukuthi lo mthetho usushayiwe, uyasebenza futhi usuyahlonishwa.
Akusagcini kula mabhizinisi asemazingeni aphansi kuphela, lokhu sekuxhantele ngisho nasembonini yobunini bezindawo zokuhlala okungamabhilidi amade asemadolobheni amakhulu. Lapha abokufika basolwa ngokuba nobunini bawo, obugcina bubanika amandla okuthi ngubani okumele ahlale, ngubani wasiphi isizwe okumele angahlali kuwo. Kuzokhumbuleka ukuthi abaningi bokufika ikakhulu bezwekazi banezinkinga emazweni abasuka kuwo, ezinye zalezi zinkinga ukulwa okuphathelene nobuhlanga. Isibonelo, eNigeria ukuphatha izwe ngisho esigabeni sikaMengameli kuya ngokuthi ungumKhrestu noma uyiSulumane futhi uvela kusiphi isigaba sobuzwe.
IZimbabwe nayo ngokufanayo uliShona noma umNdebele. Ngakho-ke nxa kwenzeka kanjalo kula mazwe esiwabalile lokhu kugcina kukapakela lapho beya khona kuphinde kube nomthelela enhlalweni lapho besuke begogobele khona.
Kubalulana nokukhetha ukuthi ubani okumele ahlale noma angahlali ngisho engowakuleli. Sixoxa nomunye woSolwazi wakuleli esiligodlile igama lakhe, wakucacisa ukuthi lo mkhuba usuyabonakala nasesigabeni sezemfudo ephakeme kwangqondonkulu, lapho nokuqashwa sekuye kutshengise ukwenzelela ezigabeni ezithile ngenxa yabokufika abaphethe.
i-Afrika kumele mayibumbane ikakhulu esigabeni sokuhwebelana, ukwethekelana nangezomnotho. Kepha nxa kuqhubeka ngendlela engezothi ikwazi ukugculisa abantu bakulelo nalelo lizwe, kungabonakala kubhuluba iphupho elihle kangaka lokusebenzisana kwamazwe ase-Afrika ewonke. Esigabeni esiphansi lapho imiphakathi iphilisana khona, kuyilapho kumele ngempela kwakheke ubumbano olujulile, kwazise yilapho abantu benamandla khona ukuqinisa nokuxegisa ubudlelwano phakathi kwezwe nezwe.
Kumele futhi noHulumeni abenomgogodla nxa eseshaye umthetho, ukuze kwazeke kunoma ubani ofika kuleli ukuthi akukhona kwamachangca lapha, futhi kumele wonke umuntu athobele umthetho wakuleli ukuze angaphazamisi ukuthula ezweni.
Nxa abokufika sebekwazi ukudovadova amaphoyisa ngesibhakela, bawahudule phansi maqede babenesibindi sokuxosha abantu bakuleli kube nezindawo okuthiwa alubhadwa kuzo, yichilo leli neshwa nehlazo eliphandaphindiwe elingabhubhisa iphupho lokuhwebelena kwama-Afrika. iNingizimu Afrika iyawadinga kakhulu amazwe angenhla ne-Afrika ukuze ikwazi ukusimama emnothweni, idinga ukuthi mayikhiqize izimpahla, ukudla, nokuningi ukuwathengisela, nawo adinga ukulithengisela leli ukuze kukhule kudlondlobale ama-Afrika onke.