YINI LE ESEGAMENI?



UMfowakwaNomajalimane ungungoti wepolitiki nepolitiki yezomnotho. UnguMhleli Omkhulu noMshicileli weBayede.
Kwabanganaki lolu wusuku nje olwejwayelekile kepha kumalungu kaKhongolose nalaba abadlelana nawo wusuku olumqoka nathe ngobuchule uRamaphosa walimemezela. Lolu suku okuzoba ngolokhetho luzohambisana nosuku lokuzalwa kwabaholi abahlonishwayo kuKhongolose nakuSouth African Communist Party (SACP). Laba baholi nguMnu u-Oliver Tambo noMnu uMzala Nxumalo. Ngalokhu uRamaphosa usondeza la maqembu womabili ukuthi ngokunqoba ngaloluya suku ayobe ehlonipha laba baholi ababehlonishwa nabasahlonishwa. Inhloso lapha wukuthi enze okwehluka noma okwaphunyuka kuZuma, ukubuyisa ngezinombolo omasipala abamqoka abahambayo okuyiTshwane, iJohannesburg neNelson Mandela Bay.
UMnu u-Oliver Reginald Tambo
U-Oliver Reginald Kaizana Tambo (OR) wazalelwa esigodini iKantilla, eBizana, emaMpondweni aseQawukeni, esifundazweni i-Eastern Cape, mhla zingama-27 kuMfumfu we-1917. Ube nguMengameli we-African National Congress kusukela ngowe-1967 kuya kowe-1991.
Ngonyaka we-1942, wahlangana noMnu uWalter Sisulu edayisa izindawo enehhovisi okwakuvame ukuhlanganela kulo izingcithabuchopho ezisencane. Kulapha lapha abahlangana khona nabanye abacabanga njengabo abasebancane njengoMnu u-Anton Lembede, uMnu Jordan Ngubane noMnu uNelson Mandela, ababefunda naye eFort Hare. USisulu wamemela uTambo lapho ehlala khona bagcina behambelana ngezimpelasonto.
UTambo, uSisulu, uMandela nezinye izingcithabuchopho ezisencane ngaleso sikhathi babehlala behambela emzini kaDkt u-AB Xuma umelaphi futhi enguMenameli we-ANC. Lapha babehlela ukuthi bangayivuselela kanjani i-ANC ifinyelele kuwo wonke umuntu.
Engqungqutheleni ye-ANC yangowe-1954 uTambo wakhethwa njengoNobhala Jikelele. Ngawo lowo nyaka umbuso wamvala emphakathini. Nokho, wayelokhu ezibandakanya isinyelela nokwenziwayo eyilungu leNational Action Committee elaqala ukubhala umqulu wokuvumelana ngenkululeko iFreedom Charter, kulandela izimvo ezaziqhamuka ezweni lonke. Lokhu kwendulela umhlangano iCongress of the People yangoNhlangulana we-1955 lapho kwamukelwa khona umqulu wokuvumelana. Ngowe-1957 uMnu uDuma Nokwe wangena esikhundleni sikaTambo njegoNobhala Jikelele, lapho uTambo yena wakhethwa ukuba wuSekela Mengameli. Ngokuvulwa kwe-ANC ngowe-1990 futhi nenqubo yokudlulisa umbuso iqhubeka umndeni wonke wakwaTambo wabuyela eNingizimu Afrika ngoZibandlela we-1990, uTambo akakwazanga ukukhuluma nabebezomamukela esikhumulweni ngenxa yokungakwazi ukukhuluma. Umviliyelo wokumamukela wahlelwa ukuba ubese-Orlando Stadium, uthanyelwe abayizi-70,000. Engqungqutheleni ye-ANC eThekwini ngowe-1991 uTambo wenqaba ukungenela noma kusiphi isikhundla. Kwasungulwa isikhundla sikaSihlalo Kazwelonke ukumhlonipha. UMandela wakhethwa waba nguMengameli wenhlangano.Ekuseni mhla zingama-24 kuMbasa we-1993 uTambo wadlula emhlabeni ehlaselwe yinhliziyo. Wanikezwa umngcwabo ngokwezinga likaHulumeni wangcwatshwa abangani, abalingani, izinhloko zemibuso.
UMnu uMzala Nxumalo

UMnu uJabulani Nxumalo, owaziwa kakhulu ngokuthi uQabane uMzala wazalwa zingama-27 kuMfumfu we-1955 eDundee, eNyakatho yeNatal. Uzalwa nguBenjamin no-Elsie bobabili babengothisha. Kusukela esemncane batshala umuzwa wokuthanda izincwadi nendlela eqamathekile yokufunda. UMzala wafunda eLouwsburg, naseBethal College eButterworth, wathola umatikuletsheni wakhe KwaDlangezwa eMpangeni. UMzala wayeziphuzela ezifundweni kusukela emabangeni aphansi kuya kwaphezulu. Wathola igama elithi Comrade Mzala, ngoba wayethanda ukubiza wonke umuntu ngo‘mzala’. UNxumalo waqeqeshelwa ezempi e-Angola.
UNxumalo wayebuye abe ngumbhali wamabhuku njengoba abhala kulawa alandelayo: iThe African Communist, iSechaba, iDawn wonke aqukethe imibhalo ayenikela ngayo, ashicelelwe ngamagama obuciko uma uma ufunda iminikelo yakhe uyalandela injula yakhe, imicabango yakhe kanye nendlela akhulisa ngayo udaba lwakhe, imibhalo yakhe eminingi igxile emibuzweni ethinta izinto zezwe kanye nokusombuluka kwenqubo yomzabalazo phakathi komzabalazo wobuzwe nowobu‘mina’ eNingizimu Afrika. Ubebuye abhale afundise ngobudlelwano bobuzwe nobu‘mina’ eNingizimu Afrika. Ubegcizelela ekutheni umzabalazo wawuzoqeda ukungalingani ezizweni futhi ekholelwa ekutheni lokhu kungenzeka ngenqubo iSocialism. Ngowe-1977 wayesebenza incwadi ngolimi lwesiZulu ekhuluma ngeMarxism neLeninism.