Now Reading
Umqeqeshi ufisa babe baningi abeLindelani kwelesizwe lekhilikithi
Dark Light

Umqeqeshi ufisa babe baningi abeLindelani kwelesizwe lekhilikithi

Ufisa sande isibalo sabadlali eqenjini lesizwe lekhilikithi abaqhamuka kuLindelani Cricket Club uSandile Caluza ongumqeqeshi aphinde abe ngumnikazi wale kilabhu.

ILindelani Cricket Club okuyiqembu laseThekwini, isikhiqizele iqembu labesimame besifazane iMomentun Proteas abadlali ababili uNonkululeko Mlaba noNondumiso Shangase.

Laba badlali bebeseqenjini elihlule iPakistan emidlalweni yochungechunge eKingsmead Stadium, eThekwini, nasemidlalweni yochungechunge ebibanjelwe e-India ngenyanga edlule.

Lezi zintokazi zibe yingxenye yeqembu elibe semlandweni ngokuthi zibeke iNingizimu Afrika endaweni yesibili emhlabeni kuzikeliso zomdlalo we-One Day International (ODI).

“Uma kungabakhona abadlali abathola ithuba lokuthi bamele iqembu lesizwe abaqhamuka kuLindelani Cricket Club, kobe kufezeke iphupho lami. Isifiso sami esikhulu lesi, enginethemba elikhulu ukuthi siyofezeka. Konke lokhu kulele kumina ekutheni ngifake amagalelo ami kubadlali,” kusho uCaluza.

Ebuzwa elaboHlanga ukuthi bakhona yini abadlali ababonayo ukuthi sebekulungele ukumela iNingizimu Afrika uthe: “Baningi kodwa uma kungathiwa agiqoke abambalwa bakhona. Iqembu lami linabadlali abavuthwe kakhulu, ukuba khona kukaNonkululelo noNondumiso kwelesizwe kuyabakhuthaza kakhulu ekutheni benze kahle.”

Kubadlali ababona bengakwazi ukwenyusa igama leLindelani Cricket Club ubalule u-Asamkele Gawu kanye noNobuhle Busane abangabesifazane. Uthe laba badlali uyababona bemela iqembu lesizwe labesifazane labaneminyaka engaphansi kweli-19 njengoba besabancane kanti owesilisa uthe ubona u-Andile Muhaqane.

UMuhaqane eminyakeni emibili edlule ube yingxenye yeqembu lesizwe labaneminyaka engaphansi kweli-19 eladlala iNdebe YoMhlaba eyayibanjelwe eNew Zealand.

Abanye abadlali abaqhamuka eqenjini likaCaluza badlale umqhudelwano obizwa ngeCSA Top 6 Provincial Championships emasontweni adlule e-East London. Labo nguNobuhle oshaya amabhola, u-Ayanda Hlubi oyifast bowler kanye noNosipho Yaka oyiwicket keeper bonke abangabaseLindelani.

UCaluza uthe abanye uSabathile Madlala waseChesterville ongumshwibi wamabhola noSisanda Ngubane waseMlaza oyispin-bowler.

Kwabesilisa abebedlala kuCSA 3 Day Provincial Week, ePaarl, eWestern Cape, bekubizwe uNhlakanipho Mpungose oyifast-bowler no-Andile Simelane waKwaMashu, oshaya amabhola.

See Also

UCaluza uthe: “Iyangijabulisa indlela uNondumiso noNonkululeko abesekana ngayo ngaphakathi nangaphandle kwenkundla eqenjini lesizwe. Siyakhuluma nabo siyazwana kakhulu bangabadlali abahlezi befuna izinto ezintsha. Ngijabule kakhulu ngokuthi babe seqenjini lesizwe eliqophe umlando.” 

Kuleli qembu elasungulwa ngonyaka wezi-2008 kukhona elabafana elidlala kuKwaZulu-Natal Cricket Premier League nelamantombazane eliyibamba kuKwaZulu-Natal Women Cricket League lona elisungulwe ngonyaka wezi-2011. ILindelani Cricket Club iphinde ibe neqembu labangaphansi kweminyaka eli-11, eli-13 neli-15 okuhlanganiswe ubulili.

Uthe ukufika kokhuvethe kuleli kuphazamise izinhlelo zakhe njengoba kwaphoqa ukuthi ingabikho iligi.

Amaligi iKZN Women Cricket League neKZN Cricket Premier League azoqala ngoMandulo asongwe ngoNdasa wonyaka ozayo.

UCaluza waqala ukuzibandakanya nekhilikithi ngonyaka wezi-2007 lapho ayesebenza ngaphansi kweTownship Development Program eyasungulwa uLinda Zondi oke wasebenza isikhathi eside eqenjini lesizwe iProteas. Le nsizwa eneminyaka yobudala engama-32 akukhona ukuthi iyaziqeqeshela nje kodwa yakufundela njengoba ineziqu uLevel 1 eyazithola ngonyaka wezi-2010 kanye noLevel 2 eyawuthola ngowezi-2013.

Scroll To Top