Ophromotha besibhakela KwaZulu-Natal bancelisa amawele
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kunemibuzo cishe abantu abahlezi bezibuza yona yokuthi ngaphandle kokubonakala bezihlanganise nezemidlalo, ngabe yini enye abayenzayo eceleni ukuziphilisa?
Lokhu kujwayele ukubuzwa kubhekiswe kubaqhathi bezimpi zamankomane ababizwa ngamaphromotha kwazise kuyaziwa ukuthi ayikho imali etheni kulo mdlalo.
ElaboHlanga likhulume nabanye bophromotha abahlonishwayo esifundazweni iKwaZulu-Natal ukuthola izimpendulo kule mibuzo engenhla.
UNkk uZandile Malinga weStarline Boxing Promotions utshele leli phephandaba ukuthi ukube akulona uthando analo ngezamankomane ngabe kade ayeka ukuqhatha izimpi.
“Ngiwumama, nginezingane zamantombazane ezimbili, umndeni wami bese kuzoba ezamankomane. Zonke lezi zinto ngihlezi ngizibeka eqhulwini ngoba nginothando olukhulu,” kusho lo phromotha.
Yize beluthola uxhaso kuMnyango Wezemidlalo esifundazweni kodwa iqiniso lithi nabo ikhona imali abayikhiphayo ukwenza izimpi zabo zibe yimpumelelo.
“Ngeke wakwazi ukuthi uphile ngokuba nguphromotha kuphela, uyadinga ukuba nezinto eziseceleni ezikwenzela imali kwazise ayikho imali esiyitholayo ngokuba ophromotha. Ingakho nginezinkampani ezimbili okuyizo ezenza ukuthi ime iStarline Boxing Promotions. Ngalezi zinkampani kumele ngibhekele umndeni wami, izingane zami zikwazi ukuthola imfundo ephezulu,” kusho umphathi weStarline.
Inkampani yakhe iTopgrade Construction cc ayiphethe nomyeni wakhe ifakela izindawo ezinkulu okubalwa namajele ugesi. Uthe imsiza kakhulu ezintweni zakhe akwazi nokubeka isinkwa etafuleni.
Enye inkampani yakhe i-Athazena Cleaning Services ayiphethe yedwa.
NgoNhlolanja nonyaka uqhathe izimpi ebezibanjelwe e-APN Hall, eMbilo, ezibe impumelelo njengoba bonke osomankomane betholakale bengenalo ukhuvethe nemigomo kaHulumeni yalandelwa.
Omunye umqhathi wezimpi okhulume nelaboHlanga uNkk uNomvelo KaMagcaba Shezi weMvelo Boxing Promotions.
Lo mqhathi wezimpi osemncane wakwaXimba eCato Ridge, naye uthe akaphili ngalo msebenzi kuphela kodwa unakho akwenzayo eceleni.
UKaMagcaba Shezi ungusonhlalakahle aphinde abe ngusomabhizinisi emkhakheni wokwakha njengoba enenkampani elungisa imigwaqo ayiqambe ngokuthi Ukukhunya Trading PTY (Ltd). Emkhakheni wokuba ngusonhlalakahle uhweba ngaphansi kweMvelo Youth Empowerment, ihhovisi lakhe liseCato-Med Hisbiscus, eCato Ridge.
Naye usanda kuqhatha izimpi ezibe yimpumelelo ebeziseCity Hall eMgungundlovu ngenyanga edlule. Ezimpini zakhe bekulwelwa ibhande leWBF All Africa Middleweight elinqotshwe u-Andile “Holy Ghost” Mntungwa ehlula uLee Dyer.
Naye ukubalulile ukuthi yize uMnyango Wezemidlalo ubaxhasa kodwa nabo bayakhipha emaphaketheni ukwenza izimpi zabo zibe impumelelo. Naye wayengusomankomane kodwa wayeka. Uthe isizathu sokusungula iMvelo Boxing Promotions ukuthuthukisa ezamankomane nokuqeda indlala kosomankomane kwazise naye uyayazi indlala ngoba eke aba ngumshayisibhakela.
ElaboHlanga liphinde lakhuluma noZwilenkosi, oyindodana kaThulani “Sir” Magudulela naye owayeqhatha izimpi osanda kudlula emhlabeni.
UZwilenkosi othathe izintambo kuyise kuLudonga Boxing Promotions naye uthe unayo inkampani emphilisayo ngaphandle kokuba uphromotha nayo ebiphethwe uyise.
“Ngiphethe inkampani yokuthunga, ngakufundela ukuba ngumthungi. Iziqu ngazithola KwaNongoma Technical nginoN3 nobaba naye udlule emhlabeni enazo iziqu. Ngiyakwazi ukukusheba kokubili ngoba ngiqale ngithunge bese ngibhekana nosomankomane, ” kusho uZwilenkosi.