Intokazi yensabula ilobizela indondo ku-Olympics Games



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Ukuzinikela kwayo kulo mdlalo kuthela izithelo njengoba isibe ngowokuqala woHlanga ukuba neziqu zokuqeqesha
Isingene yagxila emdlalweni ongajwayelekile kwaboHlanga owesifazane waseSoweto owenza umdlalo iFencing.
Lona umdlalo okusetshenziswa kuwo okusankemba okuhlaselwana ngakho.
UNomvula Mbatha waseDiepkloof uthi uthando lwezemidlalo yilona olumenze walapho ekhona namuhla.
Uthe ngesikhathi efunda Ekuthuleni Combined School eDiepkloof, waqala wazama umdlalo webhola lo mnqakiswano kodwa wabona ukuthi uyamehlula wabe esezama iFencing.
Nebala wakwazi ukuthi awufunde, kusukela lapho akabange esabheka emuva abheke olunye uhlobo lo mdlalo.
Inkampani enkulu yezokuxhumana uVodacom uzibophezele ukuxhasa uNomvula ngemali ukuze aye emidlalweni yokuhlungela i-Olympics. AbakwaVodacom bamsize ekutheni akwazi ukuziqeqesha kahle ukwenza amalungiselelo akhe. Bamuthengele nezingubo ezuwumufaniswayo azozigqoka e-Egypt.
Imidlalo yokuhlunga izoqala ngeSonto mhla zili-18 kuya mhla zingama-24 kwephezulu eCairo, e-Egypt..
“Kuyangijabulisa ukuthi ngiyaqhubeka nokulwela iphupho lami lokumela iNingizimu Afrika ku-Olympics. Ngijabule kodwa futhi nginovalo. Ngingathi ngijabule ngama-25% kuthi ama-75% nginovalo. Yize kunjalo kodwa nginethemba elikhulu lokuthi ngizokwazi ukuya ku-Olympics,” kusho uNomvula.
Uqhube wathi: “Ngiyabonga kakhulu ngokuxhaswa ngabakwaVodacom. Ngibonga kakhulu amandla abezindaba okuyibo abangiphushile ekutheni ngikwazi ukuthola uxhaso, babambe iqhaza elikhulu. Ngenxa yabo ngikwazile ukuthi ngithole izincingo eziningi eziqhamuka kubantu abahlukahlukene befuna ukungixhasa. Lokhu kubuye kwagqamisa okuningi ngeSoweto Fencing Club , nozakwethu lapho nabo bayakujabulela kakhulu lokhu okwenzekile muva nje,” usho kanje uNomvula.
Ubalule ukuthi ukufika kokhuvethe kuleli kumenze wahlala phansi wacabanga ukuthi ingabe iphupho lakhe uyolifeza kanjani.
“Bekunzima ukubhekana nakho (imvalelwakhaya) futhi bengingajabule ngakho ngesikhathi kwenzeka lokhu kuvalwa kwezwe. Ukuhlehliswa kwe-Olympics kwaba izindaba ezimbi kimina, kodwa ngathi ake ngingacabangi okubi angicabange nokuhle mhlawumbe ngiyophinde ngilithole ithuba. Nalo-ke seliqhamukile,” usho kanje.
Ngesikhathi kuvalwa izwe ngonyaka odlule, uNomvula wayematasa nezifundo zakhe esebenzisana ne-IFF (International Fencing Federation) nalapho ayefundela ukuba ngumqeqeshi walo mdlalo.
“SasiseSierra Hotel eRandburg, lapho nganginamafencer aqhamuka eBotswana, eKenya, e-Egypt naseMauritius. Ngenkathi kumenyezelwa ukuvalwa kwezwe ngaleso sikhathi kwakungekho muntu ehhotela, ngaqhamuka nesu lokuthi sizilolongele endaweni yokupaka izimoto. Ngasebenzisa leso sikhathi ukuziqeqesha kanzima futhi ngigxile kakhulu ezifundweni zami,” kubeka uNomvula.
Uthe babevuka ligamenxe ihora lesi-6 kuya kwelesi-7 ekuseni bagijime. Nantambama benze okufanayo.
Izindaba ezimnandi ukuthi le ntokazi eneminyaka yobudala engama-23 isiziqedile izifundo zayo zokuqeqesha. Ingeyokuqala yoHlanga lapha eNingizimu Afrika ukuba ngumqeqeshi.
“Ingxenye yokuqala yephupho lami ukuthi ngiye kweyokuhlunga, nginqobe igolide, ngiphumelele naku-Olympics. Bese ngifuna ukuqeqesha ngithole nabesifazane abaningi ababambe iqhaza kulo mdlalo.”
Abazali bakhe ekuqaleni babenganeliseki lapho bebona indodakazi yabo ibamba iqhaza kulo mdlalo ongajwayelekile ababona “uyingozi”. Lo mdlalo wawungadumile emalokishini, kodwa ukuzimisela nokuzinikela kwakhe kwakwanele ukuthi ekugcineni bamnike isibusiso.
“Bayaziqhenya kakhulu ngami abazali bami nami ngihlezi ngilwela ukuthi ngibajabulise,” kusho uNomvula.