Now Reading
Kuqhilika izihlathi kuqala iligi yabesifazane yakuleli
Dark Light

Kuqhilika izihlathi kuqala iligi yabesifazane yakuleli

Ukubuya kwayo kuzosiza amaqembu esizwe kwazise le ligi ibambe iqhaza elikhulu ekukhiqizeni abadlali


Injabulo emantombazaneni inhlangano ephethe unobhutshuzwayo eNingizimu Afrika iSouth Africa Football Association (SAFA) kanye nabakwaSasol bememezela ukuthi ikhuza ibuya iligi yabesifazane.

Njengoba imidlalo yale ligi isibuya mhla zili-18 kwephezulu, yayigicine ngowezi-2019 kanti nyakenye ayibanga khona ngenxa yokhuvethe. 

Ngonyaka odlule amaqembu adlala imidlalo emithathu kuphela yabe isiyamiswa imidlalo.

“Asikwazi ukuyifihla injabulo yethu ngokubona amantombazane enkundleni lapho okumele ingabe ahlezi ekhona. Umsebenzi wethu singabakwaSasol ukusiza ukukhulisa nokuthuthukisa unobhutshuzwayo lapha eNingizimu Afrika, okubuhlungu nje ukuthi ukhuvethe lusivimbile ukwenza lokho isikhathi esingangonyaka,” kusho uNks uNozipho Mbatha oyiSikhulu Esiphezulu kwaSasol.

“Kuyajabulisa ukuthi siphinde sathola ithuba lokuthi sithuthukise lo mdlalo. Lokho esikwenze ngonyaka wezi-2019 sizimisele ukuqhubeka nakho kulo nyaka,” kusho uNks uMbatha.

ISasol League eyasungulwa ngonyaka wezi-2009 isikhiqizele iqembu lesizwe labesifazane iBanyana Banyana abadlali abaningi.

Imidlalo izoqala e-Eastern Cape, eNorth West, eGauteng, eFree State, eNorthern Cape naseLimpopo. Kulandele izifundazweni iKwaZulu-Natal neMpumalanga.

IWestern Cape izolinda kuze kube umhla zingama-30.

I-Eastern Cape, iKwaZulu-Natal. iFree State, iNorthern Cape, iLimpopo kanye neMpumalanga bazoba namaqoqo amabili. INorth West, iGauteng neWestern Cape bona babe nelilodwa.

“ISasol League iyingxenye yamasu ethu okwenza iBanyana Banyana iphumelele. Akukho okunye esikufisayo ngaphandle kokubona ibhola labesifazane likhula, neligi ibuyela enkundleni. Sizokuqinisekisa ukuthi ibhola labesifazane alisaleli emuva.

“Sibonile abadlali abaningi beBanyana Banyana befudukela phesheya okuyinto ejabulisa kakhulu nesiziqhenyayo ngayo. Ngeke sakufihla ukuthi balapho abakhona nje kungenxa yesisekelo seSasol League. Sinethemba elikhulu lokuthi umqeqeshi wethu uDesiree Ellis uzoba nethuba lokubona abadlali abaningi,” kusho uMnu uTebogo Motlanthe oyiSikhulu Esiphezulu seSAFA.

See Also

Abadlali abathole ithuba lokudlala emaqenjini amakhulu ngenxa yeSasol League uJanine van Wyk weGlasgow City FC yaseScotland, uRefiloe Jane we-AC Milan yase-Italy, uThembi Kgatlana weSD Eibar yaseSpain, u-Amanda Mthlandi weCD Badajoz yaseSpain, uLinda Motlhalo weDjurgardens IF yaseSweeden, uRhoda Mulaudzi noLebo Ramalepe beDinamo Misk yaseBelarusia.

Umqeqeshi weBanyana Banyana uDesiree, uthe kuyamjabulisa kakhulu ukubuya kwale ligi.

“Le ligi inamantombazane angaphezulu kwenkulungwane, okusho ukuthi ukubuya kwayo ngizothola ithuba lokubona abadlali abancane abasha. Inhloso ukwenza iqembu eliqinile, hhayi eleBanyana Banyana kuphela kodwa kusukela eqenjini labangaphansi kweminyaka eli-17. Lokho kuzobakhulisa abadlali abancane, bethi befika kwelikhulu bebe sebevuthiwe. Sekuyisikhathi sokuthi isikwati sethu sikwazi ukubhekana namazwe amakhulu emhlabeni,” kusho uDesiree.


Imidlalo yeKZN Sasol kule mpelasonto iqhathwe kanje:

NgeSonto – Stream A

  • ISunflower WFC ne-UKZN Womens FC, eMpumalanga Stadium ngele-13:00
  • IWhite City neGolden Horse, eNgwelezane New Field ngele-13:00
  • IDUT Midlands neDarnall FC, e-Indumiso Sport Field ngele-13:00
  • ITottenham Ladies ne-Unizul FC, eWadley Stadium ngele-13:00

Stream B

  • IWestville United ne-Ixopo Ladies FC, eWestville Prison ngele-13:00
  • ILindelani Ladies neFC Angels, eJohn Dort ngele-13:00
  • ISapphire Ladies FC no-Umlazi Arsenal, eNew Germany ngele-13:00
  • INewcastle Ladies neMakhanisi FC, e-Osizweni Stadium ngele-13:00
Scroll To Top