Ukunqoba kuphela okuzodlulisela iChiefs esigabeni esilandelayo
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Nakulokhu kusahlatshelelwa ingoma efanayo ngokufanele kwenziwe iKaizer Chiefs emqhudelwaneni iCAF Champions League uma ifuna ukwedlulela esigabeni esilandelayo.
Ngeledlule elaboHlanga lishicilele udaba obeluthi noma ikanjani kufanele leli qembu liwunqobe umdlalo walo ebelizowudlala neWydad Casablanca kuwona lo mqhudelwano.
Kusasa izotholana phezulu neqembu laseGuinea iHoroya kowokugcina wamaqoqo alo mqhudelwano okumele iwunqobe ukuze idlulele phambili.
Umdlalo wakusasa uzoba seGeneral Lansana Conte Stadium khona eGuinea ngelesi-9 kusihlwa.
Lo mdlalo ufana nowamanqamu njengoba womabili la maqembu edinga ukunqoba. IChiefs neHoroya bayalingana ngamaphuzu ayisi-8, iHoroya isendaweni yesibili iChiefs ibe kweyesithathu emva kwemidlalo emihlanu.
Iqembu elizihola phambili kuleli qoqo iWydad Casablanca yaseMorocco esizibekele indawo esigabeni esilandelayo njengoba inamaphuzu ali-10 kanti eliyibambe emsileni iPetro de Launda yase-Angola enephuzu elilodwa.
IChiefs iya kulo mdlalo inokuzethemba okukhulu njengoba emdlalweni owawubanjelwe eFNB Stadium, eGoli, ngeledlule idle iWydad Casablanca ngegoli elilodwa eqandeni elivalelwe phakathi uBernard Parker yize ibidlala ingasaphelele ngenxa yokukishwa kukaDaniel Akpeyi ngekhadi elibovu emva kokubamba ibhola ngesandla engaphandle kwebhokisi.
Ukungabibikho kuka-Akpeyi kusho ukuthi ezinti kuzoba khona u-Itumeleng Khune.
Ezinye izindaba ezibuhlungu ngezokuthi iChiefs izoya kulo mdlalo ngaphandle komgadli wayo uSamir Nurkovic naye othole ikhadi elibovu kulo mdlalo.
UGavin Hunt oqeqesha iChiefs uzobeka amathemba akhe kuLeonardo Castro noKhama Billiat abese behlale isikhathi bengabonakali enkundleni ngenxa yokulimala.
Bobabili laba badlali badlalile ngoLwesibili leli qembu libhekene neStellenbosch FC emdlaweni weDStv Premiership lapho uCastro evalele phakathi elinye lamagoli. “Kuyajabulisa ukuthi uCastro noBilliat babuyile ekulimaleni. Ngesonto eledlule nasemdlalweni weSoweto Derby angikwazanga ukushintsha. Bekungekho muntu ebhentshini engingamfaka. Laba badlali badlalile ngoLwesibili akukubi kakhulu, kumele kube khona abasinika khona emdlalweni wethu neHoroya,” kusho uHunt.
IChiefs ebhinjelwa izinto kulezi zinsuku uma ingadlulela kumaQuarter Final iyothoba izinhliziyo zabalandeli bayo njengoba sebephenduke inhlekisa muva nje.
UHunt uthe into eyenza leli qembu lingenzi kahle ukulala kwezitobha zalo.
“Kusukela kuqale isizini indlela esihlulwa ngayo iyodwa, eyokulala kwezitobha zethu. Into esihlezi siyikhuluma ngaphambi komdlalo wethu kodwa iphinde isenze. Igoli lesibili ngoLwesibili elishaywe uPhathutshedzo Nange, ulinqofele phakathi ngekhanda eyedwa ekubeni sinezitobha ezikwazi ukudlala ibhola ngekhanda. Kuyinto embi kakhulu ukuthi sihlulwa ngendlela eyodwa,” kusho uHunt.
Uma iChiefs inganqoba izojoyina iMamelodi Sundowns esigabeni esilandelayo yona evele isikusona okwala noma kuthiwa iyahlulwa kusasa izohlala esicongweni eqoqweni layo.
ISundowns eseqoqweni B yona izovala imidlalo yamaqoqo neqembu lase-Algeria iCR Belouizdad namuhla ngelesi-3 ntambama eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.
Leli qembu eliqeqeshwa uManqoba Mnqithi ngokubambisana noRhulani Mokoena noSteve Komphela, linamaphuzu ali-13 kanti iCR Belouizdad inayisi-6, i-Al Hilal yaseSudan inamane kuvale iTP Mazembe yaseCongo ngamabili.

