Ifuna ukususa ingcindezi ye-Uefa ngokuvula igebe kuligi iBayern Munchen
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kujwayelekile ukuthi uma kuyimpelasonto kube iligi yase-England i-English Premier League (EPL) eba nemidlalo ehlabahlosile.
Umdlalo obukeka njengomkhulu kulokhu ophakathi kweLiverpool FC ne-Arsenal FC. Okwenza lo mdlalo ungabi sematheni ukuthi la maqembu akude kakhulu kumaqembu aphezulu kulogi njengoba iLiverpool FC isendaweni yesi-7 kanti i-Arsenal FC ikweyesi-9.
Amaligi azobe enemidlalo ehlobahlosile iBundesliga okuyiligi yaseGermany neyaseFrance iFrench Ligue 1.
Kula maligi kuzobe kutholene amaqembu asembangweni weligi.
KuBundesliga kuzobhekana ompetha bale ligi iBayern Munchen ehlezi esicongweni kulogi neRed Bull Leipzig elele endaweni yesibili. Lo mdlalo ufana nowamanqamu kuwona womabili amaqembu. Uma iBayern Munchen inganqoba lo mdlalo kobe kusho ukuthi izophinde ibe ngompetha nakulo nyaka kanti uma umhlanganiso ungadliwa iRB Leipzig kobe kuchaza ukuthi usekhona umbango. IBayern Munchen emva kwemidlalo engama-26 inamaphuzu angama-61 kanti iRB Leipzig emidlalweni engama-26 inangama-57 okwenza la maqembu ashiyane ngamaphuzu amane.
Ezibuhlungu eqenjini iBayern Munchen ukuthi lizoya kulo mdlalo ngaphandle komdlali walo omqoka uRobert Lewandowski ongumgadli ongalibheki ipali. Uthinteke ngesikhathi iqembu lakhe lesizwe iPoland lidlala imidlalo yokuhlungela ukungena kuNdebe YoMhlaba.
Lo mgadli emdlalweni engama-25 ayidlalile kule sizini unamagoli angama-35, akayena umgadli ohamba phambili eGermany kuphela kodwa wonke amaligi akekho onamagoli alingana nawakhe okubalwa aweligi kuphela.
Umqeqeshi weBayern Munich uHansi Flick kusukela eqalile ukucija labo mpetha akakaze ayehlule iRB Leipzig.
“Ngiyazi ukuthi angikaze ngiyehlule iLeipzig kodwa angiyile kulo mdlalo ukuyoqeda lowo mshophi, engikuyele ukuthi abadlali bami banqobe lo mdlalo ukuze sikwazi ukuthi sihambe phambili ngamaphuzu amaningi. Lokho kuzosenza sikwazi ukuthi sibhekane nemidlalo ye-UEFA Champions League singenayo ingcindezi eningi. Ukungabi bikho kukaLewandowski kuzosilimaza kodwa sinayo indlela yokuvala isikhala sakhe,” kusho uFlick.
Kubadlali abangazama ukudlala indawo ewu nombolo-9 edlalwa uLewandowski uSarge Gnabry, uThomas Muller okwazi ukudlala yonke indawo phambili kanye noChoupo-Moting.
Kuligi yaseFrance khona umbango ushube kakhulu njengoba amaqembu emane esembangweni. Iqembu elizihola phambili ompetha iParis Saint-Germain (PSG) elinamaphuzu angama-63 emidlalweni engama-30, ilandelwa iLille nayo enamaphuzu angama-63 emdlalweni engama-30.
La maqembu azotholana emdlalweni ozokuba kusasa enkundleni yePSG iParc des Princes ngehora lesi-5 ntambama.
Kuyinto engabuzwa ukuthi la maqembu azofuna ukuwunqoba nakanjani lo mdlalo ngoba iqembu elizolahla amaphuzu agcwele kobe lizifake enkingeni. Emva kwalo mdlalo amaqembu azosalelwa ukuthi adlale imidlalo eyisi-7 bese iyasongwa iligi.
Uma engadlala ngokulingana kuzosondeza iLyon enamaphuzu angama-60 endaweni yesithathu kanye neMonaco yona enangama-59 endaweni yesine.
ILyon izoba nomdlalo onzima kakhulu njengoba izotholana phezulu neqembu elisendaweni yesihlanu iLens enamaphuzu angama-48, iMonaco yona izobhekana neMetz esendaweni yesi-9 ngamaphuzu angama-42.