Now Reading
Izisebenzi zinuka santungwana ngabaphathi besikhungo sezempilo
Dark Light

Izisebenzi zinuka santungwana ngabaphathi besikhungo sezempilo

Izisebenzi ezisesikhungweni sabangaphilile ngokomqondo iDurban and Coastal Mental Health (DCMH) eSherwood zivimbe abaphathi ukuthi bangene kule ndawo. Lokhu kulandela ukuthi zibeke phansi amathuluzi zicela nokuthi ibhodi lehle esikhundleni. Izisebenzi zinxuse uHulumeni ukuthi angenelele.

Eminyakeni eyedlule, kube nezinsolo zokuhlukunyezwa kweziguli nokungaphathwa ngendlela kwezimali.

Izisebenzi zakulesi sikhungo eThekwini zikhulume ngezimo ezingezinhle ezihlala ngaphansi kwazo iziguli ezingaphilile ngokomqondo. Umphathi wezokunakekelwa kweziguli, uThandi Msomi, uthi izikhalo zezisebenzi mayelana nezimo ezingezinhle kule ndawo abaphathi bazishaya indiva. Ngasekuqaleni konyaka, izikhulu zikaHulumeni zazwakalisa ukushaqeka ngezimo lapho zivakashele lesi sikhungo.

UMsomi ubuze ukuthi zisetshenziswaphi izimali ezikhishwa nguHulumeni.
“Bathe cha sikwazi ukubanika isinkwa esomile, makube njalo, uma sikwazi ukubanika isinkwa esidala uma sibuza ukuthi kungani ubapha isinkwa esidala, bathi sikwazi ukwenza lokho, ungaqhubeka kanjani nabantu , abangakhathaleli iziguli zethu? Silapha ukunakekela abantu abasebenzisa lesi sikhungo kepha manje isimo kufana nokungakhathaleli. Ukuthi nje badla imali, ngokwalokho engikwaziyo uHulumeni, UMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi kanye noMnyango Wezempilo bayalekelela ngokufaka imali kulesikhungo kodwa izimali asazi ukuthi zigcina ziyephi. Yingakho sibacelile ukuthi bangenelele babheke ukuthi izimali zabo ziyaphi ngoba ekugcineni kosuku siyazi ukuthi bayasixhasa lesikhungo kodwa imali ayitholakali, iya nje emaphaketheni abantu abaphezulu,” kusho uMsomi.

Izimo ezingezinhle esikhungweni
Ilungu lomphakathi elikhathazekile uLiesel Muhl ligcizelele izinsolo zikaMsomi futhi lathi izimo zalesi sikhungo sezizimbi kakhulu.

“Abasebenzi bangishayele ucingo ekuseni bathi bazobhikisha. Bakhathazekile ngokuthi kuzokwenzeka lokhu okwenzeka eLife Esidimeni khona lapha eDCMH futhi yilokho esizama ukukugwema. Esikhathini esedlule, abahlinzeki bezinsizakalo bebengakhokhelwa ngoba imali ayanele, uphahla luyavuza, ngisho ukuthi ezinye iziguli zakulesikhungo bezilala emchameni wazo. Ngakho inhliziyo yami iphukile. Kusukela lapho, kusobala ukuthi sisebenze kanzima ukuzama ukulungisa izinto kodwa uyazi ukuthi kube nophenyo oluvela eMnyangweni Wezempilo. Silinde lowo mbiko ukubona ukuthi inkinga ikuphi. Kuze kube sikwazi lokho, akukho okuningi esingakwenza,” kusho uMuhl.

Owayeyilungu lebhodi elilawulayo uWilfred Leon Maas uthe ibhodi lamanje alizisebenzeli izidingo zeziguli.
“Kuthe ngoMfumfu kowezi-2019, ibhodi ladunwa kwathathwa ibhodi elisha. Futhi ngokudabukisayo izinto zonakala kakhulu kusukela lapho. Akuhlolwe imali ebhange lapho kubhekwa ukungasetshenziswa kahle kwezimali bese uthola ukuthi kwalandwa abahlinzeki bezinsizakalo abangalungile bese bakhokhelwa amaholo amakhulu. Kufanele kwaziwe ukuthi indodakazi yami manje eneminyaka engama-54 ubudala, ilahlekelwe iso ngenxa yomnakekeli owathukuthela ezama ukuyishintsha inabukeni.Azikho izinyathelo ezathathwa ngalolu daba ngisho ukuxolisa-nje. Le ngane manje ihlala ngeso elilodwa ngenxa yokuhlukumezeka eyakuthola kwabasebenzi abangaqeqeshiwe kahle futhi abangekho ngaphansi kwezinyunyana noma empeleni abazi ukuthi basebenzela bani,” kusho uMaas.

See Also

Abe-ActionSA bajoyine lo mbhikisho, kanti uSihlalo waleli qembu KwaZulu-Natal uMakhosi Khoza uthe ufuna kuphenywe ngokuphathwa kwezimali zalesikhungo esineminyaka engama-80 ubudala.

“Sinqume ukuba yingxenye yalombhikisho ngoba asifuni impinda yeLife Esidimeni. Le nhlekelele ezokwenzeka, vele abasebenzi abakakhokhelwa, sesivele sizibonile izikhulu, Isikhulu Esiphezulu singene ngemoto yayo kanokusho kanti unabasebenzi abanamaholo abo azongena ngemuva kwesikhathi. Iziguli ziphathwa kabi ngendlela engenabuntu futhi ngiqonde ukuthi lokhu kungenye impinda ye-Esidimeni futhi sithi njengabantu baKwaZulu-Natal lokho ngeke kwenzeke ngaphansi kwesandla sethu futhi sifuna izikhulu zalesi sikhungo bashiye phansi ngokushesha ngemuva kwalokho sidinga uphenyo ukuze uhulumeni akwazi ukuthola izimali ezingaphathwanga ngendlela,” kusho uKhoza.

Izikhulu zakulesi sikhungo azitholakalanga ukuba ziphawule.

Scroll To Top