Now Reading
Lishone sezisabalele izindaba zokufa komunye wabasolwa ngokubulala
Dark Light

Lishone sezisabalele izindaba zokufa komunye wabasolwa ngokubulala

“Thina lapha ekhaya sididekile asisazi okwangempela ukuthi kwenzakalani ngaleli cala uma bonke abantu abathintekayo nabebenqatshelwe ibheyili sibabona sebephumile singazelele. Impela asisaqondi ukuthi kanti yini lena eyenza bavele baphume nje kalula kanjalo.” 

Lawa ngamagama ashiwo nguNks uGugu Mbutho ongumama womfana wesikole owabulawa ngesihluku eHambanathi.

Lapha uNks uMbutho wabe ekhala kwelaboHlanga ngokudedelwa kwabanye babasolwa ecaleni lokubulawa kwendodana yakhe, uBobo. Kubasolwa ababededelwe ngebheyili kwakubalwa uMnu uNkosinathi Mthembu obaziwa ngokuhlale evakasha eMagagula lapho okwabulawelwa khona uBobo, uMnu uLindani Dube noMnu uMncedisi Mzobe abebeyizisebenzi zaseMagagula.  Laba bakhishwe belandela umnikazi weMagagula uMnu uMlungisi Thabethe oyisihlobo segazi sikaBobo njengoba kulamana oyise. 

See Also

Elayizolo lishone kubasolwa sekukhona ongasekho njengoba kudutshulwe uThabethe ngethala lezinhlamvu. Kube yisithombe esingajwayelikile ngesikhathi abezempilo bethatha isidumbu sikaThabethe. Lapha kubonakale amalungu omphakathi ekikiza bekhona nabaphimisa amagama athi “ubulungiswa benzekile, kusazoqhubeka kube njalo nakwabanye abasolwa”. UThabethe ubulawe esahamba icala ngokubulawa kukaBobo.

Scroll To Top