Now Reading
Umsakazi othopha abadlali ngokuqanjwe nguye, uMapensela
Dark Light

Umsakazi othopha abadlali ngokuqanjwe nguye, uMapensela

Akumungeni ekhanda ukubizwa ngomsakazi kanobhutshuzwayo ohamba phambili kunalokho usazimisele ukusebenza kanzima


Usezakhele igama ngokuthi aqambe abadlali bakanobhutshuzwayo amagama abateketisa ngawo.

Lowo nguReggie “Mapensela” Ndlovu ongumsakazi kanobhutshuzwayo esiteshini sethelevishini iSuperSport.

Lo msakazi ube nengxoxo ekhethekile nelaboHlanga echaza ngomsuka wakhe aze afike ekubeni ngumsakazi kanobhutshuzwayo ohlonishwayo.

“Iphupho lami kohlezi kuwukusebenza kanzima kukho konke engikwenzayo, ngiyaye ngikushaye indiva ukubizwa ngomsakazi ohamba phambili ngoba angifisi kungingene ekhanda ngakho ngiyaye ngithi nami ngingomunye wabasakazi abasebenza ngokuzikhandla hhayi umsakazi ophezulu kunabo bonke. Ngingasho ngithi ngangifisa ukufika kuleli zinga engikulo kodwa usemuningi umsebenzi okusamele wenziwe,” usho kanje uNdlovu.

UGatsheni akaconsi phansi ikakhulukazi ezindaweni zasemalokishini njengoba eqamba abadlali amagama. Kubadlali abambalwa nje abaqambile kubalwa uWillard Katsande weKaizer Chiefs ambiza ngo“Sgwinya Konke”, uThembinkosi Lorch we-Orlando Pirates ambiza ngo“SMS, Shake My Soul”, uMario Boysen wa-AmaZulu FC yena athi “Umnyango waseMall uyazivulekela”.

Umfo kaNdlovu cishe bonke abadlali abadlala kuDStv Premieship ubaphe iziteketiso.

Ebuzwa ukuthi kungani afika nomqondo wokuqamba abadlali amagama angahlangene nabadlali abadumile bakwamanye amazwe uthe: “Iningi labadlali ngifuna bazizwe bemukelekile ezweni labo ngoba babizwa ngamagama abadlali baphesheya kodwa uma ungaya phesheya ngeke uthole kuthiwa kunomdlali owuNdlovu, uSibiya okanye uNgcobo njalo njalo. Ngifuna abadlali bazigqaje ngobuzwe babo nemvelaphi yabo khona nalaba abasafufusa bezokhuthala.”

Ngaphambi kokuthi asakaze kwaSuperSport ubesakaza kwaSABC nokuyilapho aqala ukuduma khona. 

Ebuzwa ukuthi ukuhamba kwakhe kwaba kuhle yini uthe: “KwaSABC ngahamba kahle, ngaze ngaya nasemahhovisini akhona ngahlala phansi nabaphathi ngabonga indlela ababenginikeze ngayo ithuba lokuthi ngizakhele igama ngaphansi kwabo. Isihlahla asimoshelwa ngoba awazi uyowudinga nini umthunzi ngakho-ke ngahamba yonke into ikahle.” 

Echaza ngomsuka wakhe uthe uzalelwe eChris Hani Baragwanath Hospital eSoweto wakhulela eMofolo Central, emva kweminyaka emihlanu wehlela eNquthu, eNgwebini ekhaya konina. Ufunde eDundee Primary School, eCasino Primary School, wadlulela Ekucabangeni High School eNquthu, waya eNdlelanhle Secondary School, wadlulela eLangazela High School eNondweni wabe esephothula eMzamo High School eNewcastle. Imfundo ephakeme uyenze eDurban University of Technology (DUT).

Ebuzwa ukuthi ngabe akhona yini amathuba amvulelekele ngokusakaza kwaSuperSport uthe: “Amathuba maningi kakhulu ngoba kuvule izinto ezifana nezikhangisi zakumabonakude, ukuqoshwa kwephimbo kanti futhi bangabantu abakunikayo ithuba uma ngabe uza nento ofisa ukuyifaka kumabonakude.” 

Echaza ngobunzima bokuba ngumsakazi uthe: “Ukuthukwa abantu uma ngabe iqembu labo lidliwa bethi uyalenyanya kodwa uma linqoba bayakujabulela bathi umsebenzi wakho muhle. Nanokuthi ngoba lo msebenzi awuyelwa esikoleni nobani nobani uzizwa amandla ngawo bese ebeka umbono wokuthi angawenza kangcono kunawe.”

Uthe ukulungiselela umdlalo kumuthatha izinsuku ezimbili kuya kwezinthathu ngoba akuzona izibalo ezidingekayo kuphela kodwa kumele adidiyele nendlela azokwethula ngayo umdlalo.

Uthe umdlalo omkhulu angasoze awukhohlwa oweqembu laseSpain iFC Barcelona neMamelodi Sundowns yakuleli.

“Lo mdlalo waba okhethekile ngoba ngasakaza kudlala uLionel Messi lapha eNingizimu Afrika neqembu nje lonke leBarcelona eliphethe ushukela wabadlali abadume umhlaba wonke,” kusho uMapensela.

See Also

Umdlalo wokuqala awusakaza kwaba owePlatinum neTownship Rollers yaseBotswana emqhudelwaneni weBokone Bophirima Maize Cup athe umuzwa wawuthusa kakhulu ngoba lase lifikile ithuba ayelilinde isikhathi eside. Emva kwawo uthi wathola izingcingo, imilayezo kwaduma ngisho ezinkundleni zokuxhumana.

UMapensela uyindoda enamakhono amaningi njengoba ngaphandle kokusakaza aphinde abe ngumdlali kanobhutshuzwayo, ngumqeqeshi, ngumqondisi kwezingqayi netiyetha.

Ulunguzile ezinhlelweni ezihamba phambili kuleli elingisa okubalwa iGenerations, iRhythm City, iScandal, Igazi neFrank and Fearless okuyingqayi eyenziwe uLeon Schuster. Uphinde wavela ezikhangisini ezahlukahlukene.

UMapensela uthe ukhule elalela uJoe Hudla emsakazweni, kodwa wathi uma eqala ezwa uBaba Mthethwa, osakaza unobhutshuzwayo, egila izimanga kuthelevishini wabe esemhlala ezithendeni, akaphindanga wayeka ukuthanda umsebenzi wakhe.

Lona unyaka wakhe wesithupha esakaza njengoba aqala ngoNtulikazi wezi-2015.

Uthe ufisa ukusakaza emiqhudelwaneni emikhulu okubalwa i-African Cup of Nations (AFCON), i-Euro nomqhudelwano weNdebe YoMhlaba.

Esonga uthe: “Ngifisa ukukhula kuyona yonke indima engibambe kuyo, ukusebenza kanzima kuzosiza kakhulu ukuze nami ngigcine senginesikole sabasakazi ngelinye ilanga.”

Scroll To Top