Now Reading
UMengameli omusha waseTanzania uthathwa njengomhlanganisi
Dark Light

UMengameli omusha waseTanzania uthathwa njengomhlanganisi

UMengameli omusha waseTanzania uSamia Suluhu Hassan uthi leli lizwe kufanale libumbane futhi ligweme ukukhombana ngeminwe ngemuva kokushona kwaloyo obenguMengameli uJohn Magufuli obaziwa ngokungabaza ukhuvethe. 

UMengameli uHassan uphinde wanxusa izakhamuzi zaleli lizwe elisempumalanga yezwekazi i-Afrika ukuthi zibheke phambili ngethemba futhi ngokuzethemba.

Uthathe isifungo sehhovisi ngeKoran emcimbini obusezindlini zombuso enhlokodolobha yezintengiso iDar es Salaam. Ungumholi wokuqala wesifazane kuleli lizwe labantu abayizigidi ezingamashumi amahlanu nesishiyagalombili.

Ube nguSekela Mengameli waleli lizwe kusukela ngowezi-2015. UMengameli uHassan wethule inkulumo emfushane nebuhlungu ngemuva kokuba efungisiwe, lapho ekhulume nesixuku sabantu besilisa ebesihlanganisa omengameli ababili baphambilini kanye nezikhulu zamaphoyisa.

“Lesi yisikhathi sokuthi sigqibe konke ukungezwani kwethu, sibe yisizwe esisodwa. Lesi akusona isikhathi sokuthi sikhombane ngeminwe kepha lesi yisikhathi sokubambana ngezandla siye phambili,” kusho uMengameli uHassan.

La mazwi abonakale ehlose ukuqeda isimo sokungaqiniseki esizweni esaba khona ngemuva kokuba uMagufuli, obegxekwa ngabamphikisayo njengomuntu ohlukanisayo futhi owundlovukayiphikiswa, wanyamalala emehlweni omphakathi izinsuku eziyishumi nesishiyagalombili ngaphambi kokuba kumenyezelwe ukushona kwakhe.

Ukuduka kwakhe emehlweni ezwe, kwaqubula amahemuhemu ngempilo yakhe ayethi usegula kakhulu uphethwe ukhuvethe. Kepha kuvele ukuthi uMagufuli ubulawe yisifo senhliziyo lokhu kwashiwo nguye uMengameli uHassan ngesikhathi ememezela ukushona kwakhe ngesonto eledlule.

Phakathi kwezinselelo zokuqala uMengameli uHassan oneminyaka yobudala engama-61 azobhekana nazo kuzoba isinqumo sokuthi uyawufuna yini umgomo wokhuvethe. Ngaphansi kobuholi baphambilini bukaMagufuli, uHulumeni wawuthe angeke uyifune imigomo yokhuvethe ngaphambi kokuthi ochwepheshe bezwe bayibuyekeze.  

Isikhulu senhlangano iWorld Health Organisation (WHO) uTedros Adhanom Ghebreyesus, sibhale enkundleni yokuxhumana uTwitter sibongela uMengameli uHassan saphinde saveza ukuthi sizimisile ukusebenzisana naye ukugcina abantu bephephile kukhuvethe.

Leli lizwe lagcina ukubika ngezibalo zabanokhuvethe ngoNhlaba wonyaka odlule okwakhathaza kakhulu iWHO.

See Also

UMengameli uHassan uzoba nesibophezelo sokwelapha izwe elahlukana phakathi kakhulu ngezikhathi zikaMagufuli ngokusho kwabahlaziyi. Angase abhekane nezinselelo zokwakha uHulumeni oqinile ngenxa yokuncintisana eqenjini lakhe elibusayo ngemuva kokuba uMagufuli wenza konke kwabanguye, kusho abanye abahlaziyi.

Umholi weqembu elikhulu eliphikisayo kuleli lizwe uTundu Lissu, osehlala ekudingisweni eBelgium, uthe ngaphandle kokuveza ubufakazi uMagufuli ubulawe ukhuvethe futhi wabiza ukufa kwakhe njengesixwayiso.  

ULissu uthe le mininingwane ngokushona kukaMagufuli uyithole emithonjeni yakhe yezempilo kanye nabezokuphepha eTanzania naseKenya.  

Lo mholi owahlulwa okhethweni lobumengameli ngonyaka odlule, wasinda ngesikhathi amadoda angaziwa ahlomile emhlasela eDodoma waya ukwelashwa eBelgium wagcina esekudingisweni khona.  

Scroll To Top