Now Reading
Lenze into yamehlo elekhilikithi yabesifazane lakuleli
Dark Light

Lenze into yamehlo elekhilikithi yabesifazane lakuleli

Cishe akekho umqeqeshi oziqhenya njengomqeqeshi weqembu lesizwe lekhilikithi labesifazane laseNingizimu Afrika  iMomentum Proteas, uHilton Moreeng. Leli qembu lisematheni kulezi zinsuku emveni kokwehlula elase-India emidlalweni yochungechunge ebibanjelwe kwelamaNdiya. Lapho kubalwa imidlalo ye-One Day International (ODI) emihlanu neyeT20 International emithathu.

EzikaHilton zinqobe imidlalo ye-ODI emihlanu zahlulwa kowodwa, zadla umhlanganiso kwemibili yeT20 International, zahlulwa kowodwa.

Ukunqoba imidlalo ye-ODI kwenze elakuleli lenyukela endaweni yesibili ngokwezikleliso emhlabeni ngaphansi kwe-International Cricket Council (ICC).

IMomentum Proteas inqoba le midlalo nje ibingabukeki ingakwazi ukuphumelela ngoba ibixhugela. Bekunabadlali abebengekho ngenxa yokulimala okunguDane van Niekerk (ongukaputeni), uChloe Tryon, uSunne Luis noTrisha Chetty. “Kuyasijabulisa ukushaya elinye lamaqembu ahamba phambili emhlabeni, iqembu elinabadlali abanekhono namava. Besizitshelile ukuthi sizoba nohambo olunzima, kwazise sigcina ukuvakashela kuleli zwe sathola induku enzima,” kusho lo mqeqeshi.

Uqhube wathi: “Ngaphambi kokuqala kwale midlalo sihlale phansi, sacabanga ukuthi sizolilungisa kanjani iphutha elenzeka ngonyaka wezi-2019 sibuya singalibonanga elidlalayo kuleliya zwe. Imiphumela isivezelile ukuthi sikwazile ukuphuma naso isixazululo sayinqoba imidlalo.”

Ukwenza kahle kweqembu lesizwe kuphinde kwanyusela abadlali abathize eziklelisweni zomhlaba. 

ULizelle Lee (osesithombeni) wenze ezibukwayo wabe esekleliswa phezulu emhlabeni kulaba abashaya amabhola emidlalweni yosuku olulodwa. Ungowokuqala kwabesifazane eNingizimu Afrika ukukleliswe phezulu. Omunye obalwa nabali-10 emhlabeni kwabashaya amabhola nguLaura Wolvaardt yena okleliswe endaweni yesi-8.

See Also

Kwabashwibayo ohamba phambili lapha eNingizimu Afrika uShabnim Ismail okleliswe endaweni yesi-3, kulandele uMarizanne Kapp endaweni yesi-4 no-Ayabonga Khakha kweyesi-9.

UHilton uqhube wathi: “Besinovalo lokuthi emva kokuthi abadlali sebenqobe imidlalo yosuku olulodwa bazoshintsha indlela yokwenza uma sebedlala eyeT20I, kodwa baqhubekile nomfutho sagcina sikwazi ukuthi sinqobe. Noma imuphi umqeqeshi angeke engakujabuleli ukuhlula iqembu elikhulu. I-India iliqembu eliyingozi kakhulu emdlalweni yeT20I kodwa lokho sikuqedile ngokuthi siyehlule. Ngiyaziqhenya kakhulu ngabadlali bethu.”

Ekuqaleni konyaka elakuleli lehlule iPakistan emidlalweni ye-ODI neyeT2OI eKingsmead Stadium, eThekwini. “Ngibona konke kuhamba kahle muva nje  kusukela ochungechungeni sibhekene nePakistan. Kuningi ukunconywa okutholwe ngabadlali abahlukahlukene abebenza kahle eqenjini. Lokho kuyinto esijabulisayo siyithimba labaqeqeshi,” kusho uHilton.

Scroll To Top