Ukhuvethe lubanika isikhathi esithe xaxa sokuzilungiselela iNdebe YoMhlaba
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Luqhubekile lwagadla ukhuvethe emdlalweni wombhoxo wabesifazane.
Lokho kwenzeke emva kokuthi inhlangano ephethe lo mdlalo emhlabeni iWorld Rugby imemezele ukuthi umqhudelwano weNdebe YoMhlaba obekumele ube kulo nyaka usuhlehliselwe ozayo wezi-2022.
Lo mqhudelwano ubuzoba mhla zili-18 kuMandulo uze usongwe mhla zili-16 kuMfumfu eNew Zealand.
Yize kuzindaba ezingezinhle lezi kodwa ukaputeni weqembu lesizwe lakuleli iSpringbok Women, uNolusindiso Booi, uthe nakuba kukubi kunjalo ukuhlehla kwalo mqhudelwano kodwa bazoqhubeka nomhlahlandlela.
Ngeledlule iRugby World ike yakuveza ukuthi lo mqhudelwano kungenzeka uhlehle ngenxa yokhuvethe.
Lezi zindaba zibe seziqinisekiswa maphakathi nesonto emva komhlangano webhodi leRugby World Cup kanye nekomiti eliphethe iRugby World.
IWorld Rugby kulindeleke ukuthi imemezele izinsuku zomqhudelwano ezibuyekeziwe.
UNolusindiso uthe babona leli kuyithuba elihle lokhu bagxile ekuqiniseni lapho ababona ukuthi babuthaka khona njengoba bezothola isikhathi eside sokuzilolonga.
“Siphoxekile ngoba sisebenze kanzima, ngokwami besesikulungele ukuyoncintisana namanye amazwe eNew Zealand. Lesi isinqumo esingesihle kodwa angeke sasiphikisa ngoba sithinta impilo yabantu nokuyinto emqoka ukuthi abantu baphephe. Ngethemba ukuthi ngesikhathi lo mqhudelwano ozosingathwa ngaso abantu bazobe bephephile, kwazi bani mhlawumbe abalandeli bayobe sebevumelekile ezinkundleni,” kusho uNolusindiso.
Eqhuba uthe: Ukusebenza kanzima iyona into okumele siqhubeke nokuyenza, sikwazi ukuthi uma singena enkundleni amaqembu azodlala nathi abe novalo. Sikhombise ukuthi sithole isikhathi esanele sakwazi nokuthi silungise wonke amaphutha.” UNolusindiso ujabulile ngendlela abebezicija ngayo njengoba besekhempini ebanjelwe eStellenbosch kwazise bahlangana ekuqaleni kukaMasingana. Uthe babheke ukuba bajoyinwe abanye futhi nabo abazolwela indawo yokuyodlala kuNdebe YoMhlaba.
Iqembu labadlali abangama-24 njengamanje libambe iqhaza esigabeni sokuqala ekhempini yokuziqeqesha eStellenbosch Academy of Sport kanti iqembu lizokhushulwa lifike kubadlali abangama-40 lapho kuyobe sekusethsenzwa ngalelo qembu kuze kube iyafika iNdebe YoMhlaba.
“Kuningi kakhulu esikufunde lapha ekhempini. Kunamakhono ahlukahlukene lapha, kunezingane ezincane ezifuna ukufunda okukhulu ngalo mdlalo kube nabadlali abanamava.
“Ngingasho ngithi sibe nesikhathi esihle kulezi zinyanga ezimbili ezedlule. Ngikholwa wukuthi ithuba lokuchitha isikhathi esiningi ndawonye sizosisza ngokuhamba kwesikhathi. Ikhempu ngesinye sezikhiye zokwakha iqembu elikhulu ukwazana kahle ngaphakathi nangaphandle kwenkundla futhi sifeza lobo budlelwane lapha eStellenbosch. Sizokwamukela abanye ozakwathe maduzane, lokho kuzoletha umfutho omusha ekhempini,” kusho uNolusindiso.
ElaboHlanga likhulume nomunye umdlali oseqenjini le sizwe uZinhle Ndawonde, othe ukuhlehliswa kweNdebe YoMhlaba kuyinto ebuhlungu kodwa ubona kuzobasiza.
“Okwenza ngithi kuzosisiza ukuthi ayikho imidlalo eminingi yesihle esiyidlalile lokho bekuzosilimaza. Ngibona kuyithuba lokuthi sizokwazi ukuba siyithole sizilungisele ngokwanele. Ukuya kwethu eNew Zealand asifuni kube ukuthi siyokwandisa isibalo samaqembu kodwa ukuthi sizakhele umlando omuhle,” kusho uZinhle.
Uqhube wathi: “Uma sithola imidlalo yesihle sifuna ukudlala namaqembu esizoncintisana nawo hhayi esizowehlula kalula. Lokho kuzosenza sikhule sikwazi ukubhekana neFrance kanye neEngland, okungamaqembu ahamba phambili.
“Kuzokwenza sizibone ukuthi sikuphi ngokwezinga. Abadlali abancane bazoya kulo mqhudelwano bevuthiwe njengoba sizothola isikhathi esithexaxa ukuzilungiselela.”