Now Reading
Imangaze ngisho igceke iRich Boyz ngomqhudelwano iNedbank Cup
Dark Light

Imangaze ngisho igceke iRich Boyz ngomqhudelwano iNedbank Cup

Umnikazi weRichards Bay FC egijima kuGladAfrica Championship League, uSfiso “Jomo” Biyela, uthi ubengakulindele ukuthi iqembu lakhe lingahamba lize lifike kulesi sigaba emqhudelwaneni weNedbank Cup.

IRichards Bay FC isikumaQuarter-Final alo mqhudelwano odume ngokuthi kuwo amaqembu amancane abhincisela nxanye amakhulu.

Ekhuluma nelaboHlanga uJomo uthe isifiso sabo ukunqoba iligi ingakho kubethusa ukuthi sebekulesi sigaba kulo mqhudelwano.

“Kungekhona ukuthi asinendaba nomqhudelwano iNedbank Cup kodwa iqiniso ukuthi sifuna ukunqoba iligi senyukele esigabeni esiphezulu. Njengoba umdlalo wethu olandelayo kungoweNedbank Cup, abadlali bawulungele akusho ukuthi kumele badlale kancane ngoba inhloso yethu ukunqoba yonke imidlalo esiyidlalayo,” kusho uBiyela.

IRichards Bay FC eteketiswa ngokuthi iNatal Rich Boyz, kuLast 32 yaguqisa iKaizer Chiefs ngamagoli amabili kwelilodwa, koweLast 16 yahlula iTS Sporting nayo egijima kuGladAfrica Championship ngamagoli amabili kwelilodwa.

Kule mpelasonto izotholana phezulu neqembu eligijima kuDStv Premiership iChippa United emdlalweni ozobanjelwa eSisa Dukashe Stadium ngelesi-3 ntambama.

Eqhuba uBiyela uthe: “Kulo mdlalo sizonikeza ithuba abadlali abangajwayele ukudlala abazodlala ngokuzimisela kwazise bazobe befuna ukubonwa umqeqeshi ukuze abasebenzise kuligi.”

Ebuzwa ukuthi isikwati sakhe sanele yini ukuthi babe nabadlali abadlala kuligi nakuNedbank Cup uthe: “Zonke izindawo zinabadlali abahamba ngababili, okusho ukuthi umbango ukhona kakhulu. Nalaba badlali abazodlala bazotshengisa ukuthi kungani sihlezi lapho esikhona kuligi.” Ezika Biyela kulogi yeGladAfrica Championship zihlezi esicongweni, emva kwemidlalo eli-16 zinamaphuzu angama-28, zinqobe imidlalo eyisi-7, zadlala ngokulingana kweyisi-7 kwathi kwemibili zahlulwa.

Yize ziqhwakele kodwa zihlezi ngesinqe esisodwa njengoba zishiya amaqembu amabili ngephuzu elilodwa. Iqembu elihlezi endaweni yesibili iSekhukhune United, kweyesitathu iRoyal AM.

Ebuzwa ngokuthi uyawavuma yini amahebezi okuthi kukhona amaqembu amakhulu agaqele abadlali bakhe, uthe uyayazi into efana naleyo.

“Ngike ngabona emaphepheni nabantu bekusho lokho. Abadlali esinabo bakhulile kakhulu, bayazi ukuthi banezinkontileka naleli qembu. Nala maqembu okuthiwa abagaqele bayazi ukuthi kusetshenzwa kanjani. Njengoba lingekho eselike lakhuluma nathi kusho ukuthi akekho umdlali ongase ahambe, okumele kwenziwe abadlali ukuqhubeka nokwenza kahle,” kusho uBiyela.

Kubadlali okuke kwavela amagama okuthi bayafunwa uThabani Dube noKhanyisa Mayo ongalibheki ipali muva nje.

Ngeledlule umqeqeshi weBafana Bafana uMolefi Ntseki umemezele iqembu lesizwe elizodlala imidlalo yokuhlungela i-AFCON ezokuba seCameroon ngonyaka ozayo. 

UBiyela uthe ubona bekumfanele ukubizwa uMayo kuleli qembu.

“Ubekufanele ukubizwa usefomini enhle kakhulu. Kodwa-ke iminyaka isamvumela okumele akwenze ukuqhubeka nefomu yakhe enhle, asize iqembu ukuthi lizinze esicongweni kulogi,” kusho uBiyela.

See Also

Esonga uthe, ubonga ukubambisana ethimbeni labaqeqeshi, umqeqeshi weqembu uSimo “Govuza” Dladla kanye nabadlali.

Uma kungathiwa leli qembu liyawunqoba lo mqhudelwano kuyobe kusho ukuthi selingelesibili elidlala esigabeni esiphansi ukunqoba lo mqhudelwano. Iqembu elisaphethe lowo mlando iTS Galaxy eyahlula iChiefs kowamanqamu eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

UBiyela uthe ubona beyotholana nobunzima uma kungathiwa bayawunqoba lo mqhudelwano njengoba komele bayodlala e-Afrika kwazise kumele kube yibo abazikhokhela izindleko.

INatal Rich Boys sekuyiyona emele isifundazwe iKwaZulu-Natal kwazise wonke amaqembu akusona asawasha ijezi kulo mqhudelwano.

AmaZulu FC akhishwa kuLast 16 iBlack Leopards ezotholana nomkhaya bayo iTshakhuma Tsha Madzivhala (TTM), iMaritzburg United nayo yakhishwa kuLast 16 i-Orlando Pirates yona ezotholana neMamelodi Sundowns mhla zili-15 kuMbasa. ILamnontville Golden Arrows yaphuma koweLast 32 ikhishwa AmaZulu FC, uThongathi lwakhishwa iPirates, iRoyal AM yona yakhishwa iPretoria Callies ngeSonto ezodlala neCape Town All Stars.


Imidlalo yeNedbank Cup kule mpelasonto 

Kusasa

  • IChippa United neRichards Bay FC, eSisa Dukashe Stadium ngele-15:00

NgeSonto

  • ICape Town All Stars nePretoria Callies, eDanie Craven Stadium ngele-15:00
  • IBlack Leopards neTshakhuma Tsha Madzivhandila, eThohoyandou Stadium ngele-18:00.
Scroll To Top