Now Reading
Owesifazane okhubazekile uselinxusa lakwaDiscovery
Dark Light

Owesifazane okhubazekile uselinxusa lakwaDiscovery

Ukuhlabana kwakhe neqhaza alibambile ekuthuthukiseni ezemidlalo kumlethele leli thuba eliyingqayizivele


Lilokhu liqhubekile nokuba sematheni igama likaKgothatso “KG” Montjane ongumdlali womphebezo wabahamba ngezihlalo ezinamsondo.

Emasontweni edlule wethulwe ngokusemthethweni inkampani yomshwalense iDiscovery njengomunye wamanxusa ayo.

Kulokhu uKgothatso ujoyina uCaster Semenya noWayde van Niekerk abangabasubathi, uChad le Clos ongumbhukudi kanye noLucas “Rhoo” Radebe owake waba ngukaputeni weBafana Bafana wadlalela neqembu lase-England iLeeds United.

Kuyimanje ukleliswe njengohamba phambili lapha e-Afrika kanti emhlabeni usendaweni yesi-6.

UKgothatso oneminyaka yobudala engama-35 ungowokudabuka ePolokwane, wazalwa enesifo esidala ukukhubazeka ezandleni nasezinyaweni. Lokho kwaholela ekutheni agcine enqunywa ngaphansi kwedolo langakwesokunxele eneminyaka yobudala eli-12. Waqala ukudlala lo mdlalo eneminyaka yobudala engama-20.

Eminyakeni edlule, uKgothatso usebenze kanzima ukuzihlukanisa njengomdlali wezemidlalo nanjengomholi. Usehlabane ngezindondo eziningi zeSports Woman of the Year waphinde waba ngukaputeni weqembu lakuleli lomphebezo labahamba ngezihlalo ezinamasondo, wahola iqembu elabalwa namane ahamba phambili emqhudelwaneni ngokulala endaweni yesine emqhudelwaneni we-International World Team Cup.

Ngaphandle kokuba ngumdlali womphebezo le ntokazi iphinde ibe nenhlangano engenzi inzuzo ebizwa ngeMontjane Sports Development NGO, esiza ngokwakha izinkundla zezemidlalo ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya. 

“Ngijabule ngendlela emangalisayo ngalobu budlelwano obusha, nethuba elisinikezayo lokuletha ithemba kwabanye. Ukhuvethe lube nomthelela omubi kuwo wonke umuntu osemkhakheni wezemidlalo, ngizimisele kakhulu kunanini ngaphambili ukubhekana nezinselelo ezintsha, ngikhuthaze abantu abaningi ukuthi basebenze ngokuzikhandla futhi ngisize ukukhulisa umdlalo womphebezo lapha eNingizimu Afrika,” kusho uKgothatso.

Ngonyaka wezi-2018 waba ngowokuqala owoHlanga odabuka e-Afrika ukuba yingxenye yomqhudelwano ongaphansi kweGrand Slam iWimbledon.

Useyidlale yomine imiqhudelwano emikhulu yeGrand Slam, lapho kubalwa iFrench Open, i-US Open, i-Australian Open neWimbledon.

Wenze kahle kule miqhudelwano ngonyaka wezi-2018 nangowezi-2019 koweWimbledon wafika kowandulela owamanqamu kwathi ngonyaka wezi-2013 wafika kowandulela owamanqamu eFrench Open.

See Also

Nyakenye ufike kowandulela owamanqamu e-Australian Open, nangonyaka wezi-2018 wahamba ibanga elifanayo kowe-US Open.

UNkk u-Emy Casaletti-Bwalya, oyiSikhulu Esiphezulu se-Optimize Agency, ephethe izindaba zikaKG uthi bajabula kakhulu.

“Njenge-ejenti kaKG, sijabule ngokuqokwa kwakhe iDiscovery njengenxusa labo lomkhiqizo. Ngokwazi ubunzima ababhekene nabo abasubathi abahlukene okwehlukile ukuze baxhase ukuqeqeshwa kwabo kanye nemisebenzi yokuncintisana, lobu budlelwano buzosiza kakhulu uKG athuthukise umdlalo wakhe. Usezuze lukhulu emsebenzini wakhe, nokho kuningi asazokunika thina bantu baseNingizimu Afrika njengompetha nanjengamandla okugqugquzela. Kuyinhlanhla ukukwazi ukweseka lo mdlali ozinikele futhi onethalente” usho kanje uNkk uCasaletti-Bwalya.

Lo mpetha uneziqu zeBS Degree ezifundweni zeRecreation and Leisure kanti uqeqeshwa uSiyabulela Nkachela.

Inkampani iMacsteel inikele le ntokazi ngesihlalo esinamasondo esilinganiselwa kuzi-R200 000.

Phakathi noNhlolanja nonyaka le ntokazi kwale kancane ukuthi yona noLucy Shuker waseBritian banqobe umqhudelwano we-Australian Open. Kowamanqamu bahlulwe uDiede de Groot kanye no-Aniek van Koot.

Scroll To Top