Ubheke izicoco uMageba osegijima oSuthwini



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Uthi okwamanje akafuni ukucabanga kakhulu ngokudlalela iqembu lesizwe njengoba efuna ukuqala ngokusebenza kanzima noSuthu
Ufuna ukufaka isandla ekutheni asize AmaZulu FC aqede ishobolo leminyaka ephuthwa yizicoco umdlali omusha uVeluyeke Zulu.
UZulu emasontweni amabili edlule umenyezelwe Usuthu njengomunye wabadlali osayiniswe ileli lembu laseThekwini. Utshele elaboHlanga engxoxweni ekhethekile ukuthi uzele izicoco oSuthwini.
Leli qembu elineminyaka engama-90 lasungulwa selokhu lagcina ukudla isicoco ngonyaka we-1992 lisacijwa nguClive Barker. Kusukela lapho aliphindanga lanqoba isicoco.
“Ngijabule ngokujoyina iqembu elithuthukayo njengeNyokeluhlazana. Iqembu linezinhlelo ezinkulu. Lifuna ukuwina izindebe. Njengamanje into esengiyibhekile wukunqoba izicoco. Uma ngingenza lokho ngabe ngisebenze kakhulu. Ngiyaqonda ukuthi angeke ngikwenze ngingedwa kodwa uma sibambisene nozakwethu sizokwazi ukufeza iphupho labaphathi,” kubeka uZulu.
Lo mdlali oteketiswa ngokuthi uTower ngesizini edlule ubegijima kuChippa United.
Ebuzwa ukuthi njengoba ebemaningi amaqembu akade emgaqele kungani eqoke AmaZulu FC uthe: “Ukukhuluma iqiniso akhona amaqembu akade engigaqele, kodwa mina ngiqome ukukhetha leli qembu engilithatha njengelasekhaya. Angizisoli nhlobo ngokusayina naleli qembu. Ngikholwa ukuthi, isibusiso esikhulu ukuthi leli qembu likwazi ukungisayinisa. Ngeke nganda kakhulu ngokukhuluma kodwa, abalandeli abalindele okuhle kodwa engizokwenzela leli qembu,” usho kanje.
UZulu ongowokudabuka oLundi, wake wagijima kuMaritzburg United, iLamontville Golden Arrows, iRichards Bay FC neRoyal AM.
I-Arrows wanqoba nayo iligi yeMultichoice Diski Challenge (MDC) esibizwa ngeDStv Diski Challenge.
“Akukho engikubange neChippa United, okuyinto ebengiyibona iyinkinga ukuthi bengiqhelile nasekhaya ngiyajabula ukuthi sengiseduzane nakhona ekhaya. USuthu iqembu elinomlando, ngizimisele ukufike ngingene ngithi kahla. Ngiyabonga indlela engamulekele ngayo kusukela siqala ukujima ekuqaleni kwesonto sizilungiselela isizini ezayo” kusho uZulu.
Lo mdlali oneminyaka yobudala engama-25 uzobanga ijezi no-Abbubaker Mobara, uSandile Khumalo, uTercious Malepe, uMbongeni “Shoes” Gumede noSamkelo Mgwazela.
Ebuzwa ukuthi uyazibona yini egijima eqenjini lesizwe iBafana Bafana uthe: “Okwamanje ngisabheke ukuzilungiselela isizini ezayo, bese ngidlala kahle. OkweBafana Bafana kuzozenzakalela ngendlela, angifuni kube yinto engizoyifaka enhliziweni ngigcina ngiphoxeka” kunaba uZulu.
Abanye abadlali abasayiniswe uSuthu uDumisani Zuma obekuChiefs, uGabadinho Mhango osuka ku-Orlando Pirates, uThendo Mukumela obekuCape Town Stars, uRiaan Hanamub obekuChippa United, u-Augustine Kwem no-Ethan Brooks abebegijima kuChippa United. Kuvele ukuthi leli qembu lizophinde linyusele phezulu abadlali abaqhamuka kuDStv Diski Challenge.
Abanye abadlali akade befunwa ileli qembu uCelimpilo Ngema noNdabakayithethwa Ndlondlo abayizinsika zeMarumo Gallants. Leli phephandaba lingakuqinisekisa ukuthi Usuthu lazibeka etafuleni izigidi ezi-R3.8 ngoNdlondlo kodwa yabhala yacisha iGallants.
Laba badlali abakufihli ukuthi bayafuna ukuphelela ku-AmaZulu FC. Inkontileka kaNgema kuzoba eyokugcina kusho ukuthi asengamthola mahhala ngesizini yangowezi-2023/24.
ElaboHlanga likhulume noSandile Zungu onguSihlalo woSuthu ukuzwa ukuthi bakhona yini abadlali abasabheke ukuthi bebasayinise.
“Bakhona abadlali ababili esifuna ukubasayinisa ngaphambi kokuqala kwesizini. Oyedwa udlala lapha kuDStv Premiership omunye udlala ngaphandle. Izingxoxo nabo zihamba kahle kakhulu, maduze kungenzeka sibamemezele,” kusho uZungu obeshadelwa ngempelasonto edlule.
Ebuzwa ukuthi uThulani Hlatshwayo kungenzeka yini abonakale ethushuka kuleli qembu uthe: “Ngeke ngaphika okanye ngivume asazi. Kodwa engingakusho uHlatshwayo uphuma kuPirates, ubehola imali eningi nalapha uzobheka lokho okuyinto engaba inkinga. Angisho ukuthi uyeza, cha,” kubeka uZungu.
Leli qembu lidedele izembe kubadlali abali15 okubalwa kubona uNeil Boshoff, uTapelo Xoki, uXola “Ten Ten” Mlambo, uLuvuyo “Amigo” Memela, uPhilani Zulu, uLimbikani Mzava, uTsepo Masilela, uKgotso Moleko, uHenrick Pule Ekstein, u-Abraham Majok, uThabo “Section 10” Qalinge, uSiphelele Mthembu, u-Andre de Jong, u-Augustine Mulenga noSiyethemba Sithebe okuKaizer Chiefs.