Ungadlulwa yisikhathi sesicelo esibekwe ngokomthetho kwezokwelashwa



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Kubalulekile ukukuqonda ukuthi kunezikhathi ezibekiwe ukufaka isicelo sokukhokhelwa ngokulimala ngenxa yobudedengu bezisebenzi zezempilo.
Uma ungalufaki udaba noma isicelo enkantolo esikhathini esibekiwe ngesilungu okuthiwa iprescription period, ungalahlekelwa ithuba lakho unomphelo ukuba ufake isicelo sokukhokhelwa ngokulimala kwakho.
Isikhathi esibekiwe
Izinhlobo ngezinhlobo zokulimala zibekelwe izikhathi ezingefani zokufaka isicelo sokukhokhelwa amademeshe.
Kubalulelike ukuthi uzazi uma ucabanga ukuthi unezizathu eziqinile zokunxeshezelwa.
Esicelweni sokukhokhelwa ngenxa yobudedengu bezezempilo, isikhathi esibekiwe sokusifaka iminyaka emithathu kwenzeke isigameko sokulimala.
Kodwa kwezinye izimo ezingandile, umuntu angakwazi ukufaka isicelo isidlulile iminyaka emithathu.
Siqala nini isikhathi sokufaka isicelo?
Ukuthola ukuthi usenaso isikhathi sokufaka isicelo sokukhokhelwa ngenxa yobudedengu bezezempilo noma ukungawenzi ngendlela umsebenzi, kumele wazi kahle ukuthi isikhathi esibekiwe sokufaka udaba enkantolo siqala nini. Lokhu kuyaziwa ukuthi kudale ukudideka kwabaningi.
Phambilini bekunenkinga yokuthi kubonakala nini ukuthi kube nobudedengu kwabezempilo nokuthi isigameko senzeke nini. Akuvamile ukuthi olinyaziwe asheshe abone ngokugqamile ukuthi ikhona inkinga eyenzekile ngesikhathi elashwa noma enakekelwa.
Uma likhona ithuba lokuzikhethela noma ukudideka ngokuthi isikhathi sokufaka isicelo enkantolo siqala nini, kuphephile ukuzitshela ukuthi siqala ngosuku lokulimala.
Okudingekayo esicelweni esiqondene nombuso
Uma isicelo sokukhokhelwa amademeshe siqondene nesibhedlela sikaHulumeni noma uMnyango Wezempilo, kungafani nakumuntu ozimele noma isibhedlela okanye isikhungo okuzimele, kukhona izinto ezithile eziye zidingeke. Kuye kufuneke ukuba ofaka isicelo abhale isaziso sezinhloso zakhe zokufaka lesi sicelo kulolo hlaka lukaHulumeni afuna ukuba lumkhokhele.
Lesi saziso kufanele sithunyelwe esikhathini esiyizinyanga eziyisithupha kwenzeka isigameko esaholela ekulimaleni noma ukungaziphathi kahle.
Izinyathelo zomthetho zingaqala esikhathini esiyizinsuku ezingama-30 incwadi yesaziso ithunyelwe.
Uma ofuna ukufaka isicelo sokunxeshezelwa ehluleka ukwenza lokhu, angasifaka isicelo enkantolo ukuba udaba lwakhe lubuye lubhekwe, isicelo siqhubeke kodwa lapha kufanele abe nesizathu esizwakalayo.
Ezimweni lapho lezi zidingo zingadingeki
Kwezinye izimo isikhathi sokufaka isicelo sokunxeshezelwa esibekiwe kuHulumeni singalulwa. Lezi zimo zingafaka lokhu okulandelayo:
- Uma ofaka isicelo ephazamisekile engqondweni.
- Uma eseyingane okuye kubekwe ukuthi isikhathi sokufaka isicelo siqala lapho eseneminyaka yobudala eli-18 bese sithatha unyaka owodwa.
- Lapho ukulimala noma ukushona kwenzeke emva kwesigameko njengokuthi umuntu ashone noma kuqale izinkinga emva kokuba isigameko senzekile.
Ukuthola ummeli ozokusiza
Kukhona okunye okuwukuthambisa imigimo okungenzeka kuzona zonke izicelo ezithintana nokwelashwa ngokwezempilo kanti bambalwa abantu abakwazi konke lokhu.
Yngakho kubalulekile ukuba nommeli uma umuntu efaka isicelo salolu hlobo. Ummeli onesipiliyoni angakweluleka maqondana nokuthi isicelo sakho sinawo amathuba okuphumelela noma cha futhi ummeli angakutshela ngezimo zokuthanjiswa kwemigomo ezikhona.
Ngale ndlela ungaba semathubeni angcono okuthola isinxephezelo esikufanele. Amacala angalungiselelwe ngendlela inkantolo ingawachitha wonke kalula nje.
- Olunye ulwazi olweDSC Attorneys
Isibonelo secala elithinta ukuziphatha kwabezempilo
Ecaleni iThe Health Professions Concil of South Africa and Others v Grieve (1356/219) [2021] ZASCA 06 mhla zili-15 kuMasingana wezi-2021 iNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala yaphikisa isinqumo seNkantolo Enkulu yaseGauteng esePretoria eyachitha isinqumo seHealth Professions Council of South Africa (HPCSA) sokubeka uDkt uDavid Grieve wakhona ePretoria icala lokungaziphathi kahle.

Zingama-25 kuLwezi wezi-2014 uDkt uGrieve wavela phambi kwekomiti leHPCSA ngaleli cala elisukela ezinsolweni zokuthi phakathi kweminyaka yezi-2004 kuya kowezi-2009 wancenga iziguli zakhe nabanye ababeyiziguli zakhe ukuba batshale imali enkampanini eyayinezinkinga zemali ayengumqondisi wayo.
Kwaphinde kwasolwa ukuthi wasebenzisa ngokungemvme imali eyayitshalwe yiziguli zakhe. UDkt uGrieve waphikisana nokuthi aqondiswe ubugwegwe wasola iziphatimandla ngokumbeka amacala lo mkhandlu ongenawo amandla okuwahlalela njengoba kubekiwe kuSigaba 49 seHealth Professions Act 56 yangowe-1974. Ngokwakhe okwakuwumongo waleli cala akuhlangani nomkhakha wezempilo. Lokhu uDkt uGrieve ayemi ngakho ikomiti lakuphikisa.
Emveni kokuthi uDkt uGrieve esezame ngaphandle kwempumelelo ukufaka isicelo sokuphikisa ukuchithwa kwalokhu akushoyo ngaphakathi, wabe eselibangisa Enkantolo Enkulu ukuba icubungle isinqumo sekomiti sokumshushisa.
INkantolo Yavumelana nokuphikisa kwakhe isinqumo sekomiti yabe isisichitha isinqumo sokuthi uDkt uGrieve ashushiswe.
Inganelisekile ngalesi sinqumo, iHPCSA yafaka isicelo sokuphonsela lesi sinqmo inselelo eNkantolo Yokwedluliswa Kwamacala.
Le Nkantolo yathi indlela engcono yokuphatha lolu daba ukuthi kubuzwe ukuthi ngabe indlela yokuziphatha okukhalwa ngayo, uma kunobufakazi, nembala yayizochaza ukungaziphathi kahle ngokomsebenzi wakhe uDkt uGrieve.
Yathi indlela uMthetho iHealth Professions ochaza ngayo ukungaziphathi kahle ngokomsebenzi ibanzi ukweseka ukusebenza kwekomiti ukubheka ukuziphatha okungahlobene ngqo nokuhlinzekwa kwezidingo zezempilo.
Yagcizelela ukuthi ikomiti aligcini nje ngokuba yiso lokungaziphathi kahle kwabezempilo kodwa liwumbheki ofanele wokugcinwa kokuziphatha kulo mkhakha wezempilo.
INkantolo Yokwedluliswa Kwamacala yaqhubeka yathi umsebenzi wokubheka wekomiti awufinyeziwe lapho kunobugebengu khona njengoba ukungaziphathi ngendlela kungeke kwahlala kunobugebengu.
“Kulolu daba, uma bungaba khona ubufakazi bamacala, uDkt uGrieve wayezobe esebenzise amandla okusondelana neziguli zakhe ukuzihlomulisa nenkampani yakhe ngendlela engafanele nebeka engozini iziguli zakhe, okuwukuziphatha okungena ngaphansi kwamandla aleli komiti.
Lolu daba lwabe selubuyiselwa ekomitini ukuba kuqhutshekwe nalo.