Now Reading
Kusenokungalingani phakathi kwabesilisa nabesifazane
Dark Light

Kusenokungalingani phakathi kwabesilisa nabesifazane

NgoMsombuluko umhlaba wonke bewugubha usuku lwabantu besifazane. Okugqamile ngalolu suku obekugcizelelwa ngabesifazane ukuthi kusenegebe elikhulu phakathi kwabesisilisa nabesifazane, nhlangothi zonke okubalwa isiko, ipolitiki, inkolo kanye nasezinhlakeni zomphakathi. 

Ngakupolitiki iRwanda, iCuba kanye ne-United Arab Emirates iwona mazwe ahamba phambili ngokulinganisa ngokobulili kumakhabhinethi. INingizimu Afrika imi ema-46% nokwenza ikleliswe ema-22 emhlabeni wonke jikelele emazweni alinganisa ngokobulili amalungu ekhabhinethi lawo. OnguMqondisi we-United Nations, uDkt uPhumzile uMaMlambo Ngcuka, ethula inkulumo yakhe ngalolu suku lwabesifazane emhlabeni wonke uthe owezi-2021 kumele kube unyaka woguquko, waqhuba wathi abesifazane kuzomele bameleleke ezinhlakeni ezimqoka nasezinqumeni ezithinta impilo yabo. “Kunama-13% kumaphalamende alinganisa amalungu awo ngokobulili,” kusho uMaMlambo Ngcuka. Waqhuba wathi amazwe ali-119 awakaze abe nomholi wesifazane.   

Ngawo uMsombuluko uphiko lwabesimame enhlanganweni i-African National Congress Women League (ANCWL) luhambele uMkhandlu waseBahlutshini eHlathikhulu ukuze bayoxoxisana nenduna kulandela umbiko wokuhlukumezeka komunye wesimame onemnyaka engama-71 uMaSibisi Mlaba. Lokhu kuhlukumezeka kwakhe i-ANCWL ikholelwa ukuthi akuhambisani nemigomo ebekiwe yokuphathwa ngendlela kwabantu besimame. 

Okhulumela i-ANCWL KwaZulu-Natal uNkk uMbali Fraser uthe: “Njengophiko lomama besinohlelo ebesinalo lokuthi siyobungaza usuku lwabesimame eMandeni kepha abanye bethu babe sebethunywa umbutho womama ukuba baye eBukhosini baseMahlutshini. Okuwukuthi besiye kwaBhekizulu lakuhlala khona iNkosi yaseMahlutshini. Lapho besiyokhuluma udaba olwasithinta lukamama oneminyaka engama-71 osethole izincwadi ezi-4 ezithi akaphume ekhaya ngoba akavumanga ukuzilela umyeni wakhe owashona ngoLwezi nyakenye.” 

Uqhube wathi: “Enkulumweni esabanayo nomama wathi uma eshona (umkhwenyana) ucela angayigqoki inzila le emnyama. Bavumelana nanomndeni ukuthi abanankinga, ube esehlukunyezwa induna okuthiwa ibilokhu imubizile. NgoLwesibili uMaSibisi bekumele ayovela enkantolo yoMkhandlu. Ukube asikhulumanga neNkosi ngabe umama ubhekane nomthetho omcindezelayo omphoqa ukuba agqoke izingubo ezimnyama ebe evumelene nomnyeni wakhe.” Uqhube ngokuthi umthetho sewubacindezele kakhulu abantu besifazane obukhandwa ngokwezigodi. “Enkulumweni yethu neNkosi yesizwe sitholile ukuthi ayivumelani nakho sathola ukuthi kukhona imihlangano lapho eyabaluleka khona yazisa izinduna ukuthi izinto sezishintshile ngakho indlela ababenza ngayo izinto kumele iguquke. Ngibona ukuthi uphiko lomama kumele lufundise omama ukuthi bakhulume ngalezi zinkinga. NaseMsinga kukhona owahlawuliswa inkomo ngoba esheshe wakhumula inzila, bahlukumezekile omama ngenxa yemithetho ethize ebekiwe. Kusijabulisile ukuthi iNkosi ikucacisile ukuthi obekwenzeka akusiwona umyalelo wayo kepha induna ebicabanga ukuthi kungenzeka yenza okuyikho,” kusho uNkk uFraser. 

Umphakathi uphawulile ngalolu daba olithinta ukungalingani ngokobulili. Engxenyeni yezepolitiki izinombolo ziyabonisa ukuthi kunokungalingani kodwa ukuthola ukuthi ngabe nangokosiko kanye nosikompilo lwezinye izizwe bayacindezeleka yini abesifazane owaseNdiya uNkk uSasha Rumchund uthe: “Le nto yokungalingani sikhula nayo futhi isuka kubazali bethu, okungasibona obaba kuphela, kuthina (abesifazane) baqinisa isandla nangendlela abasilawula ngayo njengokuthi siyaphi sibuya nini kodwa abafana bayazenzela baphuma ngesikhathi esifanayo. Thina benkolo yamaMuslim uma usushadile awukwazi ukuphuma ungagqokile iHijab kanye neBarka, umnyeni wakho ngeke akuvumele. Kuze kube imanje isizathu angisazi uma ubuza kuthiwa uma usuchazeliwe kuzokwenzelani ngoba vele into okuzomele uyenze.” 

See Also

UNkk uZethu Majola uthe: “Abantu besifazane basacindezeleke kakhulu. Njengami ngaganela emzini oSabathayo kumele ngihlezi ngigqoke isidwaba sembuzi, ngifake inkehli, uma ngiphikisana nalokhu ngoba ngingakuthandi ngiba umuntu okungathi uyadelela.”

Abantu abayi nganxanye bengemanzi, uNks uNosipho Caluza uthe: “Kithi ngifundiswe ukuzimela, ngihlezi futhi ngizwakalisa lapho ngikholelwa khona. Ngakho angikaze ngazithola ngicindezelekile ngoba ngihlezi ngizikhulumela, nengikholwa ukuthi iyona nto edingwa abantu besifazane kulesi sikhathi samanje. Ngalokho ngikholwa ukuthi ngikhuliswe kahle ngabazali bami ngoba lokhu kuyisiqalo sokuthi ngihlale ngijabule futhi nengikudingayo ngaleso sikhathi ngihlezi ngikuzuza ngoba ngikholwa ukuthi ngiyalingana nabantu besilisa.”

Scroll To Top