Konke sekumi ngomumo ngezimpi zosomankomane eMgungundlovu
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuzoqinisekiswa ukuthi imigomo yemvalelwakhaya izolandelwa njengoba izethameli nezikhulu bezobe bengekho
Ubona sekungaba umlingo ongavimba izimpi zakhe ukuthi zingabi khona uphromotha osemncane wesifazane.
Lowo nguNomvelo KaMagcaba Shezi ozobe eqhatha okokuqala izimpi zamabhande amabili omhlaba. Lezi zimpi zizokuba kusasa ngoMgqibelo eCity Hall, eMgungundlovu.
Okwenze yaqina idolo le ntokazi eneminyaka yobudala engama-28, ukuthi osomankomane bonke bahlolelwe ukhuvethe batholakala bengahaqekile.
“NgoLwesihlanu olwedlule bahlolwe bonke osomankomane nabaqeqeshi babo. Akekho otholakale nalo mkhuhlane. Saphuma nesinqumo sokuthi siphile impilo kaLevel 5, lapho abantu behlala ezindlini. Siphinde sabahlola bonke abantu abazoba yingxenye yalo mqhudelwano, imiphumela yaphuma ifana akekho ohaqekile. Lapho ngibala amajaji nonompempe. IBio-bubble siqale kuyona izolo ngoLwesine ngehora lesihlanu ntambama,” kusho uKaMagcaba Shezi.
Le ntokazi ezichaze njengomzala kaThabiso “The Rock” Mchunu oyingqwele yeWBC Silver Cruiseweight, itshele elaboHlanga ukuthi ijabule ngendlela eyisimanga njengoba seyithole igunya lokuthi isingakwazi ukuqhatha izimpi zamabhande omhlaba.
Iqhathe izimpi ezintathu emazingeni aphansi, izibona izokhula kakhulu njengoba isikulesi sigaba.
“Iqiniso ukuthi ngesikhathi ngithatha isinqumo sokushiya phansi ukuba umshayisibhakela, ngingena ebhizinisini lokuba uphromotha ngaziboni ngifika kuleli zinga. Ngangithi ngizogcina ngokuthi ngiqhathe amabhokisa asathuthuka,” usho kanje uKaMagcaba Shezi.
Ezimpini ezizokuba kusasa, ezobe ibhekwe kakhulu ngeka-Andile Mntungwa ongowokudabuka kwaXimba, ozokhiphana inkani noLee Dyer waseGoli. Laba bazobe bebanga ibhande elingaphethwe umuntu leWBF Super Middleweight.
UKaMagcaba Shezi uthe ozonqoba le mpi uzobe ebuthwalile ubunzima ngoba ukholwa ukuthi laba osomankomane banekhono eliyisimanga ngokulinganayo.
Eyesibili impi izokuba phakathi kukaSiphesihle Mntungwa ozolwa noRemoe Makwakwa waseDemocratic Republic of Congo (DRC) bebanga ibhande leWBF kuLightweight.
Ezinye izimpi kuzotholana phezulu uSnamiso Ntuli waKwaZulu-Natal noDido Mukanya waseDRC, uLungisani Mkhize wakwaXimba noSibusiso Sibisi waseGoli, uMpendulo Gumede waseClermont noLindelani Sibisi waseFree State, uSakhile Dlamini waseThekwini no-Isaac Mundzelele waseGoli, uMnelisi Ndlovu wakwaXimba noSkhumbuzo Xima waseKZN. Eyokugcina kuzoba ekaScrooby Callan Garth waseThekwini noSifiso Chili waseGingindlovu.
UKaMagcaba Shezi weMvelo Promotions uthe ubonga umufi uThulani “Sir”Magudulela ngokuthi amucathulise. Wabe esethi kuze kube imanje usadumele ngokudlula kwakhe emhlabeni ngoba babenezinhlelo ezithize.
“Nobaba uMagudulela sasihlele ukuthi siqhathe umzala wami (uMchunu) kodwa ngenxa yokhuvethe konke lokho kwashabalala, nakhu-ke esedlula emhlabeni. Kodwa ithemba angililahlile ngizokwenza lokho, ukuthi ngimqhathe uMchunu. Ngifuna alwe ngakubo kungalokhu kuthiwa uyolwa phesheya noma kwezinye izifundazwe. Lokho ngifisa kwenzeke noma ingoNhlangulana nonyaka,” kusho uKaMagcaba Shezi odabuka eMkhambathini.
Ubonge uMnyango Wezemidlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal ngokuthi umeseke kukhona konke.
“UMnyango weZemidlalo uklame enkulu indima ukuthi lo mqhudelwano uhleleke ngale ndlela ohleleke ngayo. Abaxhasi ebesinabo bakhiphe imali obengingeke ngikwazi ngisho ukuqhatha izimpi zamabhokisa asathuthuka. Kodwa lo Mnyango wakwazi ukukhipha imali yezindleko. Ngiyabonga ngiyanconcoza kulo Mnyango oholwa uNkk uHlengiwe MaVimbela,” kusho uKaMagcaba Shezi.
Ebuzwa ukuthi zikhona yini izikhulu ezizohambela lo mqhudelwano uKaMagcaba Shezi uthe: “Besifisa kube khona izikhulu kodwa lokho ngeke kukwazi ukuthi kwenzeke. Isizathu salokho njengoba sikumvalelwakhaya nje izikhulu ngeke zikwazi ukuba khona. Kuzoba khona amabhokisa, onompempe, amajaji, kanye nabezindaba abazobe behlezi kude neringi.”
Uphinde waveza ukuthi okumjabulisayo ukuthi inhlangano ephethe lo mdlalo iBoxing South Africa (BSA), iphasise lezi zimpi ngaphandle kokungabaza.
ElaboHlanga likhulume noyiMeneja yalo mdlalo esifundazweni iKwaZulu-Natal uMike Dube okuqinisekisile ukuthi lezi zimpi baziphasisile.
“Lezi zimpi siziphasise ngaphandle kokungabaza ngoba izinhlelo zazo zihambe kahle. Bonke abantu bahlolelwe ukhuvethe, nemiphumela yabuya ikhomba ukuthi akekho onaleli gciwane. Sethemba ukuthi kuzohamba kahle,” kusho uDube othe uyamjabulela uKaMagcaba Shezi ukuthi useze wafika kuleli zinga.
Khonamanjalo, ngeSonto IDMZ Sotobe Boxing Promotions kaDouglass Sibiya izoba nomqhudelwano eChatsworth, eThekwini. Nawo lo mqhudelwano uzokuba nezimpi eziyisi-7, uxhaswe uMnyango Wezemidlalo.
Impi yosuku iphakathi kukaNkosinathi Biyela waKwaZulu-Natal noKabelo Bikitsha waseGoli kuLightweight.