Elekhilikithi lakuleli lizibule unyaka ngempumelelo kuma-ODI



UMsweli uyintatheli yezemidlalo engxile kwikhilikithi nombhoxo.
YIZE iqembu lakuleli lekhilikithi iProteas linqobile emidlalweni yalo emithathu yetest, lapho ebelitholene khona phezulu nePakistan kodwa isisalelwe umqansa wokunqoba imidlalo ye- One Day International (ODI).
La mazwe asezotholana emidlalweni emihlanu ye-ODI, umdlalo wokuqala uzokuba kusasa eSt George’s Oval Stadium, ePort Elizabeth ngehora lokuqala emini bebade. Ezika-Ottis Gibson ziza kulo mdlalo zinokukhulu ukuzethemba njengoba emidlalweni emithathu yetest ziyinqobe yonke zacoboshisa babhunyelwa ngomcako. Emdlaweni wokuqala owawubanjelwe eSupersport Park amaProteas anqoba ngamawicket ayisi-6, kowesibili kowawubanjelwe eNewlands Cricket Ground anqoba ngamawicket ayisi-9, kwathi kowokugcina obubanjelwe eBidvest Wanderers Stadium anqoba ngamaruns ali-107. Ukunqoba le midlalo kwawo kuwenze akeliswa endaweni yesibili emhlabeni emva kwe- India okuyiyo eqhwakele phezulu.
Okuzofaka ingcindezi yokuthi nakanjani leli qembu liyinqobe le midlalo yingoba kumele lifike kweyeNdebe YoMhlaba ezobanjelwa e-England ngokubambisana neWales lizethemba kwazise uma kudlala iNdebe YoMhlaba kudlalwa ama-Overs angama-50 okusho ukuthi i-ODI. Abadlali abaqokiwe ukuthi bamele elakuleli basalelwe umsebenzi onzima wokuthi bazicabele indlela eya kweYoMhlaba.
UQuinton de Kock oyiwicketkeeper uthe umfutho abebenawo emidlalweni yamatest uyafisa usebenze nakuma-ODI.
“Akekho umdlali engingathi udlale kahle njengoba sinqobe imidlalo emithathu, kodwa ngingasho ukuthi sidlale kahle sonke nokuyinto enhle. Ngithanda ukuhalalisela uDuanne Olivier ngokuthi aqokwe njengomdlali ovelele, ngiphinde ngihalalisele uDale Steyn ngokufica irekhodi likaShaun Pollock. Ngiyethemba ukuthi sizoqhubeka nokwenza kahle njengoba siya kuma-ODI, wonke umudlali uzodlala kahle ngoba efuna ukuzibekela indawo kweyoMhlaba,” kubeka uDe Kock.
ULinda Zondi ongumqoki wabadlali kuleli uthe iyamthokozisa indlela elakuleli eliqale ngayo unyaka wezi-2019. “Lo nyaka siwuqale kahle kakhulu. Indlela abadlali abadlale ngayo iyakhombisa ukuthi kukhona lapho esiya khona. Sesidlulile kumatest, sesibheke kuma-ODI nakhona asingabazi ukuthi sizoqhubeka nokwenza kahle. Abadlali abaqokiwe bonke benza kahle, bazimisele futhi ukuqhubeka nokwenza kahle,” kubeka uZondi.
Umdlali okulindeleke agqame uRassie van de Dussen, ozobe edlala okokuqala emidlalweni yama-ODI edlubhe elakuleli.
Selilonke iqembu lamaProteas elizodlala imidlalo ye-ODI lithakwe kanje: UFaf du Plessis ongukaputeni, uHashim Amla, uQuinton de Kock, uReeza Hendricks, u-Imran Tahir, uHeinrich Klaasen, uDavid Miller, uDane Paterson, u-Andile Phehlukwayo, uDwaine Pretorius, uKagiso Rabada, uTabraiz Shamsi, uDale Steyn noRassie van der Dussen.