Amaqhude ayeqana eMadrid ngempelasonto
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Kuke kuthi uma umuntu enze into kuthi ekugcineni esezisola kuthiwe, “Uzigwaze ngowakhe”.
Kubukeka kuyinto efanayo neyenzeke eqenjini laseSpain iReal Madrid, elidlale ngokulingana neReal Sociedad. Lo mdlalo obekungeweligi iSpanish La Liga ubungoMsombuluko.
IReal Madrid bekumele nakanjani iwunqobe ukuze izokwazi ukuvala igebe phakathi kwayo ne-Atletico Madrid.
ILos Blancos (iReal Madrid) eqeqeshwa uZinedine Zidane, inamaphuzu angama-53 endaweni yesithathu kanti i-Atletico Madrid yona inangama-58, ihlezi esicongweni. IFC Barcelona elele endaweni yesibili kulogi nayo iyalingana neReal Madrid ngamaphuzu.
Njengoba kule mpelasonto kunomdlalo omkhulu ophakathi komkhaya baseMadrid, i-Atletico Madrid neReal Madrid akubuzwa ukuthi abalandeli beFC Barcelona bazobe beseka liphi iqembu. Bazofuna ukuthi kuqhuzuke i-Atletico Madrid eqeqeshwa uDiego Simeone kulo mdlalo ukuze ingeke ivule igebe elikhulu kubona.
“Lo mdlalo ungomkhulu odinga ukuthi uye kuwona uzihlelele. Kuyajabulisa ukuthi siya kulo mdlalo sithole amaphuzu amathathu emdlalweni obungelula neze lapho kade sibhekene neVillareal. Lokho kusho ukuthi abadlali bazoya kulo mdlalo benokuzethemba okukhulu. Ukunqoba-ke akusho ukuthi usuke ukwenze kahle konke, amaphutha uyawenza bese kuba ukuthi izitha ziyalisebenzisa lelo phutha ngokushaya igoli. Okuhle nje ukuthi sibe nesikhathi eside ukuzilungiselela,” kusho uSimeone.
Uqhube wathi: “Siyazi ukuthi ukwehlulwa kwethu kulo mdlalo kobe kusho ukuthini kuthina. Ingakho kumele nakanjani siwunqobe, abadlali kumele balwe okungenjalo sizozifaka kwenkulu ingcindezi engagcina isithwalisa kanzima ekugcineni.”
UZidane yena uthe: “Ukungatholi amaphuzu agcwele kwethu ngibe nesandla kukhona ngoba imina engenze izinguquko ngendlela esidlala ngayo. Ngibone ingasisebenzeli emidlalweni yethu edlule. Sithole amathuba sangawasebenzisa.”
Ebuzwa ukuthi unalo yini iqhinga azolisebenzisa ngeSonto uthe: “Akumele sibhekise amakhanda phansi siya emdlalweni omkhulu, okumele siye kuwona siqinile emqondweni futhi siwumoya owodwa. Kumele sifike sidlale umdlalo omuhle, kodwa kube ukuthi siyawasebenzisa amathuba. Ngisho ungadlala kahle kanjani kodwa into ebalulekile ukuthola igoli ukuze unqobe.
Umdlalo womlenze wokuqala la maqembu ebhekene wanqontshwa iReal Madrid ngamagoli amabili eqandeni. EzikaZidane zizobe zinomsebenzi onzima wokuvimba uLuis Saurez ongalibheki ipali.
Imidlalo yeSpanish La Liga kule mpelasonto ihlelwe kanje:
Namuhla
- IValencia neVillareal, eStadio de Mastella ngele-22:00
Kusasa
- IReal Valladolid neGetafe, eStadio Municipal Jose Zorilla ngele-15:00
- I-Elche neSevilla, eStadio Manuel Martinez ngele-17:15
- ICadiz ne-Eibar, eStadio Ramon de Carranza ngele-19:30
- I-Osasuna neFC Barcelona, eStadio el Sadar ngele-22:00
NgeSonto
- IHuesca neCelta de Vigo, eStadio el Alcoraz ngele-15:00
- I-Atletico Madrid neReal Madrid, eStadio Wanda Metropolitano ngele-17:15
- IReal Sociedad neLevante, eReale Arena ngele-19:30
- I-Atletico Club neGranada, eSan Mames Barria ngele-22:00