Inephupho lokugijima phesheya kwezilwandle intokazi yaseHammarsdale



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
ISunflower WFC ilokhu iqhubekile nokuthi ibe nabadlali abagijima eqenjini lesizwe kusukela emabangeni aphansi kuze kuyofika kuBanyana Banayana.
Ekuqaleni kwesonto kumenyezelwe abadlali abazokuba sekhempini eqenjini labaneminyaka engama-20, kukhona abadlali bayo iSunflower WFC abazoba yingxenye yayo le khempu. Labo
badlali u-Asanda Hadebe, uSphumelele noThubelihle bakwaShamase.
Le khempu iqale izolo eFun Valley, izobe isiqhubeka eMozambique kusukela ngoMsombuluko kuze kube umhla zingama-24 kwephezulu. ElaboHlanga likhulume no-Asanda ukuzwa ukuthi uzizwa enjani njengoba ethole le ngqayizivele yethuba nje. “Kungithokozise kakhulu ukubona igama lami kubadlali abaya ekhempini. Impela kusho lukhulu kimina futhi kungitshengisa nokuthi ibhola labantu besifazane liyadlondlobala emphakathi i wangakithi. Kuphinde kungivezele isithombe esihle sokuthi ikhono lami liyaqhubeka liyaphambili,” kusho
u-Asande oneminyaka yobudala eli-17.
Le ntokazi esencane idabuka eMpumalanga Township lapho khona okwaziwa ngokuthi iseHammarsdale. Ithe iqale ukudlala unobhutshuzwayo ngonyaka wezi-2014.
Ebuzwa ukuthi kungani akhetha ukudlala unobhutshuzwayo, uthe ingoba lo mdlalo iwona owande kakhulu lapho azalelwe khona kwazise phela ingeyaselokishini. “Alikho iqembu engiseke ngalidlalela ngaphandle kweSunflower WFC, kwazise iliqembu langasekhaya.
Ngibonga umndeni wami ngokuthi uhlezi ungiseka ungikhuthaza ekutheni ngenze kahle. Ngeke ngabashiya ngaphandle abaqeqeshi bami ngokubambisana kwabo uSiyabonga Malinga noThabani Mdunge abakholelwayo kimina,” kusho u-Asanda.
Ubizwa ekhempini nje u-Asande ngonyaka wezi-2016 wahamba neqembu lakuleli elaliyodlala umqhudelwano wabaneminyaka engaphansi kweminyaka eli-15 i-One Nation Cup eyabe iseGermany, ngonyaka wezi-2018 wahamba waya eJapan eyodlala wona futhi lomqhudelwano.
Ngonyaka wezi-2017 nangowezi-2019 yena neSunflower WFC babe ngompetha beligi iSasol League esifundazweni iKwaZulu-Natal. Ngonyaka wezi-2018 udlale umqhudelwano waminyaka
yonke obizwa ngeSouth Africa Local Government Association (SALGA) Games. Uthe isifiso sakhe ukuthi agijime phesheya kwezilwandle, nokuyisifiso leso sawo wonke umdlali ogijima lapha eNingizimu Afrika.
Ebuzwa ukuthi kusho ukuthini kuyena ukuba ngumdlali weSunflower WFC uthe: “Kusho lukhulu kimina ngoba ngiyagwemeka ekwenzeni izinto ezingalungile. Iyingxenye yekhaya lami nokuthi sikwazi ukuziphatha singabantu besifazane” kusho le ntokazi echazwa uThapelo Morena weMamelodi Sundowns ngendlela adlala ngayo.
Uphinde waveza ukuthi indlela ababambisene ngayo iyona eyenza ukuthi benze kahle njengoba kuyibo nje abahlezi esicongweni kulogi kuyimanje. Uncome ithimba labaqeqeshi ngokuthi, balime indima enkulu ekutheni bekwazi ukuthi babasisize kokuningi, babanakekele baphinde babavulele namathuba amaningi. Kuyimanje umdlali waleli qembu eliqeda iminyaka engama-25 kulo nyaka lasungulwa, u-Ongeziwe Ndlangisa useNigeria lapho ehambe khona neBanyana Banyana. IBanyana Banyana iyodlala umqhudelwano obizwa nge- Aisha Buhari Cup ebanjelwe eLagos, uqale ngoLwesithathu uzosongwa mhla zingama-21 kwephezulu.
Abanye abadlali baleli qembu abaseke bagqoka ijezi lesizwe uNtombifikile Ndlovu kuBanyana Banyana, uYolanda Nduli U/17 owadlala iNdebe YoMhlaba eyabe ise-Uruguay ngowezi-2018, uNomali Masinga odlale eqenjini labaneminyaka engaphansi kwengama-20 ukubala abambalwa.