INgonyama uNyangayezizwe yayibathanda kakhulu abantu



UMntwana uBhekizizwe ungusomlando nombhali wezincwadi zomlando.
Izingane zakweminye imizi ikakhulukazi ezazizalwa aMakhosi zazilethwa eSigodlweni KwaKhethomthandayo
Ngithe asike sizwe ukulanda kukaMntwana uThembi: ISilo saKwaKhethomthandayo sasingumuntu owayebathanda kakhulu abantu bakayise. ISilo sakhula KwaKhetha thina sonke naso singezona izingane zeSilo, kepha sasiyizingane zikaSocijile Magwaza. Sakhulela ngaphansi kwesandla sikaMchunu, kwathi ngemuva kwakhe, sakhulela ngaphansi kwesandla sikaSocijile Magwaza. Lena yindlela iSilo esasifuna ukuthi thina izingane zaso sikhule ngayo – indlela yokuthi singaziphathi njengezingane zeNkosi, bese sizizwa sengathi singcono kunabanye abantu. INgonyama yayinikela ngathi ukuba sikhuliswe ngabantu bayo, sikwazi ukuphila kanye nabo, sikhule phakathi kwabo. Thina sasishaywa unoma ubani uma sigangile, kungacelwa eSilweni. Safundiswa ukwenza noma yimuphi umsebenzi wasekhaya.
Sasingahlali sodwa lapha KwaKhetha, kepha sasihlala nezingane zakweminye imizi, ikakhulukazi izingane ezazizalwa ngaMakhosi. Zazilethwa laphaya esigodlweni KwaKhetha ukuze zizofundiswa inhlonipho nokuthi uma seziphethe uBukhosi ezindaweni zazo, kufanele zibaphathe kanjani abantu beSilo.
ISilo sasithanda kakhulu ukucula nabantu baso. Izingane zesikole zazike zibizwe zizoculela iSilo esigodlweni KwaKhetha. ISilo sasizipha noma yini uma sezisiculele. Thina sasibheke iSilo, sihlala nomama uNdlunkulu uJali. Kwenzeka okuningi ngenkathi sikhuliswa, ngangokuthi abaningi kwabadala babembona njengomuntu owayenesandla esilikhuni ezinganeni zeSilo.
ISilo sasingavuni kukho konke lokho, kodwa sasikhombisa uthando. INgonyama uBhusha yayinothando oluyisimangaliso, engingeze ngalufanisa nalutho kwesengake ngalubona.
Okunye okwakwenziwa yiSilo kithi, ukukhombisa uthando olufanayo kithina zingane zaso. Sasiphakelwa endishini enkulu, sidle ndawonye. Wawungeke uqale ukudla kukhona ongekho. Sasiphuma sonke simemeze lowo ongekho uma sekufanele sizokudla. Bese sihlala sizungeza indishi esidlela kuyona.
Uma sengikhule ngingaka, ngibona sengathi yikhona lokho okwasakhayo ukuba sikhule sinobumbano lwemfundiso olufana naloluya esaluthatha eSilweni.
Iyona ndlela iSilo esasakha ngayo, senzela ukuba singahlukani noma sekwenzenjani, kanjalo noma sekulukhuni kangakanani.
Kwathi noma iSilo sesidunguzela, kepha sasithanda ukuba thina zingane zaso sibe seduze kwaso. Kuhambe kwahamba, kwathi uma sebehlukene nomama uMaJali, iSilo salanda umama uNdebele esasihlala naye kwaDlamahlahla.
Kodwa-ke engakahambi uNdlunkulu uJali, kwase kuke kwafika uNdlunkulu uNolonolo. ISilo sasihlala naye kwamalume waso kwaSibiya. Kwathi ukuhamba kwesikhathi, kasabe sisambona umama uNolonolo. Kwathi kusenjalo, iSilo salanda uNdlunkulu uZungu owayekiswa umsebenzi esibhedlela, wabuya wazohlala naso ekhaya KwaKhetha.
Kwathi ezinsukwini, sabona sekufika uNdlunkulu uNolonolo, kanti wayenyamelele nje wayesayobeletha. Wabuya noMntwana uLindiwe. Batshelwa-ke omama abafikayo ukuthi siyizingane zalapha ekhaya. Batshelwa nokuthi kasitotoswa lapha ekhaya leNgonyama, kepha senza yonke imisebenzi.
Empeleni kwase kuyithina esase sibhekabhekile esasikhombisa omama laba ukuthi izinto zeNkosi ziphathwa kanjani, nokuthi nayo iNkosi yenzelwa kanjani. Sakhuliswa yibona laba oNdlunkulu saze sahamba saya ema-boarding school.
UNdlunkulu uNdebele yena wathola indodana, uMntwana uMbonisi. Ngenkathi sihlala nomama laba bobathathu, kwaba yisikhathi okwagana ngaso uMntwana uNonhlanhla kwaMahlangu. Wayelungiselwe konke yibo omama. Nguyena kuphela owaba nenhlanhla njengegama lakhe, yokukhishwa yiSilo esisizalayo sisaphila ngenkathi eseyogana. Nakhona lapho iSilo uBhusha sasijabulise okwengane. Saphuma nabafowabo kanye nesizwe sesiyoganisa inkosazane yaso kwaNdebele. Injabulo wawuyifunda ebusweni baso.
Esasikuhleka ngemuva kwesikhathi leso, yikuthi kwathi uma sifika lena eMaNdebeleni, kwase kuthiwa sebezomenzela isiko lakhona-ke uMntwana uNonhlanhla. Sasiwabona amakhosikazi akhona efake lezi zinsimbi abazibiza ngokuthi umnaka lapha entanyeni nasemlenzeni.
Kwaqhamuka umkhwenyana omdala wakwabo kwaMahlangu, wasethi sekuyisikhathi sokuba bayomfaka lezi zinsimbi zabo uMntwana uNonhlanhla.
ISilo sakhala izinyembezi, sithi ingane yaso ngeke ivele izifake lezi zinsimbi. Iyababona laba bantu ukuthi banjani. Kwakusihlekisa ngoba laba bantu babelobolile, sekungumkabo lona oweNkosi.
Kodwa okwabuye kusihlekise, wukuthi nathi sase sikhala sonke kanye naso iSilo.
Sibuya nje, iSilo sesithe okungcono kungabuyelwa naye emuva uma bezomfaka lezi zinsimbi. ISilo uBhusha sasinezinyembezi eziseduze kakhulu. Sasikhaliswa yinto emnandi, sikhaliswe yinto ebuhlungu.
Kwakuba yisimanga nje ngoba ngisho sibona izingane zaso zikhala, sasibona nakuso sezehla ziqathaka izinyembezi.
Ngale kokuthi sasithi kasishaywe nanoma ngubani singatotoswa, kepha sasinozwelo kabi ngezingane zaso iSilo. – Kuxoxa uMntwana uThembi