Now Reading
Udlala ngomlilo umqashi oweqa imithetho yesikhwama somhlalaphansi
Dark Light

Udlala ngomlilo umqashi oweqa imithetho yesikhwama somhlalaphansi

Sekukaningi kuzwakala izisebenzi zikhala ngokuthi njalo kubanjwa imali yempesheni emiholweni yazo kepha ekugcineni kutholakale ukuthi abaqashi abayedluliseli esikhwameni esifanele.

Okucishe kufane nalokhu kwenzekile ngemali yokuphelelwa umsebenzi njengoba izwe ngonyaka odlule beliqala ukungena kumvalelwakhaya ngenxa yokhuvethe lapho izisebenzi eziningi zingayitholanga le mali ngenxa yokuthi abaqashi bazo bebengazibhalisile ku-Unemployment Insurance Fund (UIF) nakuba ibibanjwa nyangazonke imali emiholweni yazo ebezitshelwa ukuthi ifakwa kulesi sikhwama.  

Ukulandela umthetho emkhakheni wonogada kuyinkinga enkulu njengoba zanda izikhalo ezingena ehhovisi likaMxazululi wezinkinga eziqondene nesikhwama sezimpesheni zezisebenzi, iPensions Funds Adjudictor uNks uMuvhango Lukhaimane (osesithombeni).

Izikhalo eziningi ezingenayo zithinta ukungalandelwa kweSigaba 13A Somthetho Wesikhwama Sezimpesheni (Pension Funds Act) lapho abaqashi behluleka ukwedlulisela imali yezisebenzi (Provident Fund) esikhwameni sezimpesheni. 

Odabeni lwakamuva olufike kuMxazululi, ofake isikhalo uveze ukuthi umqashi wakhe iVolsec Security, okungummangalelwa wesibili, wehlulekile ukwedlulisela imali eqondene naye eSikhwameni Sezimpesheni Sonogada, iFinancial Sector Authority (FSCA), okungummangalelwa wokuqala, nakuba le mali ibibanjwa emholweni wakhe okuvelayo encwadini yomholo.  

Ummangali wayeqashwe kusuka lulunye kuNhlaba wezi-2010 kuya zintathu kuNhlaba wezi-2016 kanti wakhokhelwa ummangalelwa wokuqala imali yokushenxa esikhwameni eyizi-R5 237.53 ngoMbasa wezi-2017. 

Esethulweni sakhe ummangalelwa wokuqala uveze ukuthi uqale ukuthola imali efakwa umqashwa kusuka ngoNhlaba wezi-2010 kanti eyokugcina uyithole ngoMandulo wezi-2011.

Ekunqumeni kwakhe Mxazululi uthe ummangalelwa wesibili, okungumqashi, unomthwalo obekwe kuyena uMthetho Wesikhwama Sezimpesheni nemithetho yeProvident Fund ukukhokha imali ephuma kumqashwa.   

Uthole ukuthi umqashi ukweleta iProvident Fund imali evela kummangali kusukela kuMandulo wezi-2010, uLwezi wonyaka ofanayo noMfumfu wezi-2011 kuya kuMbasa wezi-2016. Ngalokhu umqashi wehlulekile ukulandela iSigaba 13A soMthetho Wesikhwama Sezimpesheni. UMxazululi uLukhaimane uthe ufisa ukukugcizelela ukuthi ummangalelwa wokuqala ungumvikeli wamalungelo amalungu akhe futhi ungumgcini wemithetho yawo. 

Uqhube wathi ummangalelwa wokuqala unesibopho sokwazisa abathintekayo uma kunokungalandelwa kweSigaba 13A soMthetho futhi akubike kuFSCA.   

“Kufanele futhi ukuthi ummangalelwa wokuqala athathe izinyathelo zomthetho ukuthi kubuyiswe imali ekwelwetwayo kummangalelwa wesibili okufaka nokuvula icala lobugebengu kuziphathimandla ezifanele. Abukho ubufakazi bokuthi ummangalelwa wokuqala wakwenza lokhu ngokulandela uMthetho. Ngisho ngaphansi komthetho, ummangalelwa wokuqala uyaqhubeka ukwehluleka ukuthathela umqashi osephutheni isinyathelo nokwenza lokho agunyazwe uMthetho ukukwenza,” kusho uMxazululi. 

Uqhube wathi: “Ummangalelwa wokuqala kumele aqaphe futhi aqinisekise ukuthi ummangalelwa wesibili uyahambisani nomgomo wakhe wokukhokha yonke imali yempesheni kusukela manje kuya phambili njengoba kuyalela iSigaba 13A soMthetho futhi akubike lokho kwehluleka kuziphathimandla ezifanele.” 

See Also

Ummangalelwa wesibili uyalelwe ukuba akhokhe kummangalelwa wokuqala imali kammangali esele kanye nenzalo yakamuva. Ummangalelwa wokuqala yena uyalelwe ukuba akhokhele ummangali imali eyasala ngesikhathi ephuma esikhwameni. 

Esinye isinqumo                                                                Odabeni olwahlukile, uMxazululi uthole ukuthi inkampani i-Isolezwe Tactical Solutions (Pty) Ltd, okuwummangalelwa wesibili, ibibamba imali yempesheni kwesinye sezisebenzi sayo kodwa yehluleka ukusibhalisa esikhwameni sezimpesheni okanye ukwedlulisela esikhwameni imali ebibanjwa emholweni walesi sisebenzi. 

Lesi sisebenzi ebesiqashwe kule nkampani kusukelwa lulunye kuMasingana wezi-2020 satshelwa ukuthi kunemali ebanjwa emholweni waso efakwa kuPrivate Security Sector Provident Fund (ummangalelwa wokuqala). Uphenyo olwenziwe uMxazululi luveze ukuthi ummangalelwa wokuqala akanawo amarekhodi kammangali. 

UMxazululi ube eseyalela ummangalelwa wokuqala ukuba abhalise ummangali njengelungu lesikhwama nokuthi ummangalelwa wesibili akhokhe imali ekwelwetwayo. 

UMxazululi Wezikhwama Zempesheni    

IHhovisi likaMxazululi elibizwa nge-Office of the Penson Funds Adjudicator (OPFA) uhlaka olusemthethweni olwasungulelwa ukusombulula izingxabano ngendlela engenzeleli, enokonga nesheshayo. IHhovisi likaMxazululi liphenya liphinde linqume ngezikhalo zokusetshenziswa budlabha kwamandla, ukungaphathi kahle, izingxabano ezithinta umthetho nolwazi oluyilo nokuphambuka komqashi kwakubekelwe yisikhwama. I-OPFA izinze ePretoria kanti kungaxhunyanwa nayo ukufaka isikhalo ngokungena kusizindalwebu: www.pfa.org.za, ngokushayela kwethi: 012 346 1730 noma nge-imeyli ethi: Enquiries@pfa.org.za.         

Scroll To Top