I-Afrika ihlonzwa njengekusasa lomkhiqizo omkhulu woju



UMnu uXaba ungumsunguli we-Adamopix. Uyilulungu leBhodi yenkampani eklelisiwe kuJSE iCorwil…
Izinyosi yizilwanyana ezincane kepha ezibaluleke kakhulu emvelweni. Ngokombiko weNorton Rose Fullbright, esisodwa kwezintathu izitshalo kumbe izihlahla sithela nje ngoba sikhuthazwa ukuba khona kwezinyosi emvelweni yonke jikelele. Kungenjalo kusho ukuthi ukungabi bikho kwalezi zilwanyana emhlabeni kungaletha enkulu inkinga. Yingakho amazwe afana nelase-USA namaningi ase-Europe kukukhulu ukukhathazeka osekukhona ngendlela okubonakala izinyosi zincipha ngayo.
Enkulu yezimbangela yokuncipha kwezinyosi, idalwa ukusetshenziswa kwezikhuthazi ezinobuthi ezithelweni, nasezihlahleni. Lezi zikhuthazi ezithi nxa sezisetshenzisiwe bese zidliwa yizinyosi ngesikathi zikha impova ezizoyisebenzisa ukwakha uju, zigcine sezibulawa yilobu buthi. Lezi zikhuthazi ezithakwa ezimbonini, zibe zingezona ezemvelo, zisetshenziswa ukukhuthaza ukukhula kwezihlahla okugcina kube nomthelela omubi nxa izinyosi zisabalala nezihlahla, izitshalo, nezimbali ziyozifunela impova ze zakhe uju.
Isakhiwo sezinyosi
Izinyosi zahlukaniseke kathathu. Kuba indlovukazi eba yinye nje vo, kwazise akufanele ibangisane nenye. Yona izekwa kanye impilo yayo yonke iqule lezesilisa futhi iphila cishe iminyaka emihlanu kuya kweyisishiyagalombili. Okanti ezesilisa zona ziphila cishe amasonto kuye mhlawumbe enyangeni, besekuba injenjane le eningi ebaliqule iphinde futhi ibunganyele indlovukazi, yona iphile cishe izinyanga eziyisithupha bese iyafa. Indlovukazi ephila isikhathi eside, ihlalela ukuqhulula cishe amaqanda ayizi-2 000 ngosuku impilo yayo yonke. Nxa kwenzekile kwazaleka enye indlovukazi encane, yilapho kugcina kwehlukene khona amanxiwa.
Ukucosha lobu buthi bamakhemikhali kugcina kuzibulala izinyosi. Eminyakeni embalwa edlule, kwelase-USA izwe lilodwa nje, kubonakale kufa izinyosi cishe eziyizigidi ezilishumi ngenxa yalesi simo ngonyaka. Kanjalo nase-Europe kube yinto efanayo. Lokhu kuletha ingcuphe kula mazwe ikakhulu kwezomnotho wolimo. Okuhle-ke nokho ukuthi e-Afrika, lolu bhubhane lwezinyosi olwenzeka kwamanye amazwe, alukho. Kunalokho izinyosi zakuleli zibonakala zicanasa futhi zakha umkhiqizo omningi woju. Yingakho i-Afrika ihlonzwa njengekusasa lomkhiqizo omkhulu woju oyothi ukwazi ukwenelisa isidingo esikhulu somhlaba. Okuhle nge-Afrika wukuthi inamahlathi, izitshalo, izimbali, nakho konke izinyosi ezizisiza ngakho ukwakha uju. Inselelo ye-Afrika isekutheni nxa ikhiqiza uju, ikwazi ukulukhiqiza ezingeni elamukelekile ngokwamazinga ezokudla emhlabeni.
Umumo wamazwe omhlaba
Yize iChina ihamba phambili ngokukhiqiza uju, ngamathani cishe angama-470 ezinkulungwane, e-Afrika elisahamba phambili elase-Ethiopia ngamathani angama-51 ezinkulungwane. Libe selilandelwa iTanzania ngezinkulungwane ezilishumi nanye, bese iRwanda kanye ne-Uganda enza cishe izinkulungwane eziyisithupha zamathani ngalinye.
INingizimu Afrika yona yenza omncane kakhulu umkhiqizo, lokhu okuyenza isalele kakhulu emuva. Yingakho igcina sekufanele ithenge umkhiqizo woju kwamanye amazwe, ikakhulu eChina ukuze yenelise izidingo zabantu bayo.
Umkhiqizo woju usetshenziswa ngezindlela eziningi. Ngaphandle nje kokusetshenziselwa ukuphunga izinhlobo zeziphuzo ezishisayo njengetiye, uju lubuye lusetshenziswe izimboni ezinkulu emhlabeni ukwakha imithi efana neyokukhwehlela, ukwakhiwa kwezithako zezinsipho nasekucwalweni kwezinwele njalo njalo. Uju umkhiqizo ohlanzeke ukwedlula nanoma yimuphi umkhiqizo owenziwa yimvelo emhlabeni, futhi lomkhoqizo ukwazi ukuhlala cishe ngaphezulu kweminyaka eyizinkulungwane ezintathu ungonakele. Yisimanga salo mkhiqizo owakhiwa yizilwanyana ezincane kanje okuyizinyosi.
AboHlanga bangathuthuka ngale mboni
Sikhuluma nomunye wabafuyi bezinyosi uNkk uSunshine Msomi owenza umkhiqizo ngaphansi komkhiqizo obizwa ngeSunshine Honey, uphawule ngokuthi leli yithuba eliyingqayizivele lokuthi aboHlanga bangene ngokugcwele kule mboni. Njengalokhu elaseNingizimu Afrika likhiqiza kuphela izinkulungwane ezimbili nje vo zamathani ngonyaka, nokho lidinga uju oluyizinkulungwane eziyisihlanu ukwenelisa izidingo zalo.
Ngamanye amazwi kumele ilande ngaphandle umkhiqizo owevile ezinkulungwaneni ezintathu ukuze kwenele izidingo zabantu balapha. Leli lizwe nokho linayo yonke ingqalasizinda yokwenza lo msebenzi okubalwa kuwo amahlathi amaningi atshalwa yizinkampani ezinkulu, nalawo azimilela ngokwemvelo futhi anezimbali nalo lonke uhlobo lwezitshalo ezidingwa yizinyosi ukwakha umkhiqizo osezingeni eliphezulu.