Now Reading
Ubumqoka besimiso sikaZulu buvele obala
Dark Light

Ubumqoka besimiso sikaZulu buvele obala

 UNdunankulu wesizwe uwenze ngesinwe umsebenzi wakhe ngesikhathi esimqoka 


Kunabantu kanjalo nezikhundla okulula ukuthi uzithathe kancane ikakhulukazi uma isidingo nobumqoka baloyo muntu noma leso sikhundla ungakasidingi. Lokhu kucace bha ngempelasonto esiphuma kuyo ngesikhathi kuvela izindaba zokuthi iSILO kasiphilile. Lolu kunoma yisiphi isikhathi wudaba olubucayi okungathi uma luphathwe ngesinxele luphume esandleni. Lolu daba uma lungakafiki ungathi cha sikhona isikhulumi saseNdlunkulu noma kuHulumeni esingazisa isizwe. 

Omunye aze athi ungathumela nje umyalezo kwabezindaba. Indaba yenzeka uma sekwenzeka. Ngesonto eledlule uMntwana waKwaPhindangene uthathe indawo yakhe esizweni nasemlandweni wenza into ebingeke yenziwe ngunoma ngubani. Ukhulume ngesithunzi esimangalisayo lapho ebikela isizwe ngempilo yeNgonyama yethu. Indlela alubeke ngayo udaba uselaphile ngoba iqiniso lithi bekunokukhathazeka namanje kusekhona. Lesi simo senze nababengazi babuqonda ubumqoka besikhundla sikaNdunakulu kaZulu noweSILO. Senze sabona ukuthi phezu kwamaphutha okungenzeka ukuthi okaMathole unawo njengawo wonke umuntu, uyifagugu lethu. 

Isikhundla sikaNdunankulu simqoka kakhulu esimisweni sikaZulu. Yingalesi sizathu silihlonipha igalelo likaShenge kulesi sikhundla. Lokhu akwenzekile kuhle kusivule imiqondo kwenze njengoba sigubha nje iminyaka engama-50 okubusa kukaBhenjane sihlale phansi sibuke izimiso zoBukhosi, lapho kumele kuqiniswe khona kuqiniswe lapho kumele kwakhiwe kabusha kwenziwe njalo. Sinenhlanhla ngoba siphila ezikhathi zeSILO noShenge abanolwazi ngalezi zakhiwo. Kungakuhle sisebenzise ithuba uMvelinqangi asasinike lona. 

See Also

Njengephephandaba sifisela Onganegzwe Lakhe impilo ende phakathi kwethu. Sikhulekela ukuba iZinyandezulu zisibone isidingo sokuba nonjengeSILO ngalesi sikhathi. ISILO siluphawu lobunye esingenamahloni ukusho ukuthi ukube kasikho ngabe abukho. ENdlunkulu yonke ngalesi sikhathi sithi simi nayo ngoba iSILO yinkosana yethu sonke. 

NakuShenge sithi akaqhubeke nokwenza umsebenzi omuhle phezu kwezingqinamba. Esizweni sonke sithi asiqhubeke sibeke iSILO emikhulekweni yethu emahlelweni namasiko ahlukene. Sithi lulama Hlanga lwaMakhosi, lulama uqhubeke usihole! 

Scroll To Top