Uphikelele echithwa nxazonke uMkhwebane



UMbatha ngumhleli nomhluzi wezindaba kwelaboHlanga.
Mhla zili-15 kuZibandlela wezi-2020 iNkantolo YoMthethosisekelo eNingizimu Afrika ecaleni eliwunombolo: CCT63/20 [2020] ZACC 28, yakhipha isinqumo esicelweni esithinta amandla kaMvikeli WoMphakathi okuthola imininingwane yomkhokhintela ngaphansi kweSigaba 7(4) soMthetho WoMvikeli WoMphakathi (PPA) uNombolo 23 we-1994 kanjalo nelungelo likaKhomishana wakwaSouth African Revenue Service (SARS), uMnu u-Edward Kieswetter, lokugodla lolu lwazi ngokweSigaba 11(3) sePPA esifundeka neSigaba 69(1) soMthetho Wokulawula Intela (TAA) uNombolo 28 wezi-2011.
Okunye okwakuphambi kwale Nkantolo wukuthi icacise ukuba umyalelo wokuthi uMvikeli WoMphakathi kumele akhokhe siqu sakhe amaphesenti ali-15 ezindleko zikaKhomishana wakwaSARS kumele ume yini. Le mibuzo isukela esicelweni sikaMvikeli WoMphakathi, u-Adv uBusisiwe Mkhwebane, sokuphonsela inselelo ngqo isinqumo seNkantolo Enkulu yasePretoria engaphansi kwesigaba saseGauteng.
Kuze kufika lapha kungemuva kokuba uMnu uMmusi Maimane, owayengumholi weqembu eliphikisayo iDemocratic Alliance (DA) ePhalamende, afaka isikhalo kuMvikeli WoMphakathi kulandela izinsolo zokuthi owayenguMengameli wezwe, uJacob Zuma, wayesohlwini lwabaholelwa inkampani yonogada iRoyal Security CC futhi wehluleka ukukhokha intela yomholo ayewutholile.
Ekuphenyeni kukaMvikeli WoMphakathi wabe esephoqa uKieswetter ukuba avele phambi kwakhe futhi aveze ulwazi oluthile nobufakazi. UKhomishana wakwaSARS wakwenqaba lokhu wathi akavumelekile ukukwenza ngokuyalelwa umthetho omayelana nezimfihlo iTAA. UMvikeli Womphakathi wakuphikisa lokhu.
Zombili izinhlangothi zavumelana ukuba lokhu zikwethule kummeli omkhulu u-Adv uMaenetje ukuze abeke umbono wakhe okwakuzokhokhelwa iSARS ngenxa yokuthi uMvikeli WoMphakathi wayenezinselelo zemali. Nembala lokho kwenziwa ummeli omkhulu wabe esebeka owakhe umbono owathi akukho ukushayisana phakathi kwePPA neTAA nokuthi amandla kaMvikeli WoMphakathi okubiza umuntu ukuba azokwethula ubufakazi awafaki igunya lokuphoqa uSARS kuba ukhiphe ulwazi oluyimfihlo lomkokhintela.
UMvikeli WoMphakathi akavumelananga nalokhu wabe esefuna uvo lwesibili ku-Adv uSikhakhane owathi amandla oMvikeli WoMphakathi kulokhu akuMthethosisekelo angeke avinjwa iTAA.
Uvo lwesibili uMvikeli WoMphakathi akazange aluveze kuKhomishana wakwaSARS wabe esekhipha incwadi yesibili ebiza uKhomishana.
UKieswetter wabe eseya eNkantolo Enkulu ekhulekela ukuba ikhiphe umyalelo wokuthi izisebenzi zakwaSARS zinelungelo lokugodla ulwazi lwabakhokhintela lungavezelwa uMvikeli WoMphakathi.
UMvikeli Womphakathi wasiphikisa lesi sicelo wafaka esokuthi iNkantolo ikhiphe umyalelo wokuba kukhishwe ulwazi lukamkhokhintela ngaphansi kweSigaba 69(2) seta.
Waphinde wathi imibhalo ethile enkundleni yokuxhumana iTwitter, okubonakala sengathi yayifakwe uZuma, iwukuvuma okubhalwe phansi ukuthi luvezwe ulwazi oluthinta intela yakhe ngaphansi kweSigaba 69(6)(b).
INkantolo Enkulu yama ekutheni izisebenzi zakwaSARS ziphoqelekile, ngaphansi kweSigaba 69(1) seTAA, ukugodla ulwazi nokuthi amandla kaMvikeli WoMphakathi okubiza umuntu awakapakeli olwazini lukamkhokhintela. Yabe isisichitha isicelo sikaMvikeli WoMphakathi ngelokuthi akufunayo akuyona indlela efanele.
Nemibhalo yakuTwitter uMvikeli WoMphakathi athi ngekaZuma iNkantolo yayichitha yathi ngeke yamukeleka ngoba ubuqiniso bayo abuqinisekisiwe.
Le Nkantolo yaqhuba yathi uMvikeli WoMphakathi akenzanga kahle, ube nobudedengu futhi wangayilandela indlela yoMthethosisekelo.
Yabe isimuyalela ukuba akhokhe siqu sakhe amaphesenti ali-15 ezindleko zikaKhomishana wakwaSARS.
ENkantolo YoMthethosisekelo
Enganelisekile yilokhu, uMvikeli WoMphakathi wafaka isicelo sokuphonsela lesi sinqumo ngqo eNkantolo YoMthethosisekelo ngelokuthi kunezimo ezahlukile ezidinga ukuthi afake isicelo kule Nkantolo. Udaba lwalalelwa zintantu kuZibandlela wezi-2020.
Lezi zimo wathi zifaka phakathi isidingo esiphuthumayo sokuphothula uphenyo olwabe luqhubeka, amathuba okuphumelela kwesicelo sakhe nokuthi le Nkantolo ifanelwe ukubhekana nomkhuba wokuphoqa uMvikeli WoMphakathi ukuba akhokhe izindleko zamacala.
Lapha uMvikeli WoMphakathi wayemi kwelokuthi amandla akhe okubiza umuntu ayingxenye amandla okuphenya ngaphansi kweSigaba 182(1) soMthethosisekelo ngakho-ke ngeke anqindwa iTAA. Wayethi kungamanye amandla angeziwe ngapahnsi kweSigaba 182(2) soMthethosisekelo.
Waphinde wabalula ukuthi iSigaba 181(3) soMthethosisekelo siphoqa izinhlaka zikaHulumeni, okubalwa nawo uSARS, ukuba zelekelele uMvikeli WoMphakathi ukube afeze umsebenzi wakhe.
Waqhubeka wathi iSigaba 69(1) seTAA asivimbi ngokuphelele futhi akufanele kuhunyushwe ngokuthi siyasebenza nakuMvikeli Womphakathi.
Wabe esenxusa iNkantolo ukuba ibheke kabusha isicelo sakhe, ekugcineni wathi asikho isizathu sokuthi akhokhe izindleko zecala. UKhomishana uKieswetter wasiphikisa lesi sicelo wathi umzamo kaMvikeli WoMphakathi wokweqa izigaba zezinkantolo zokwedluliswa kwamacala ngokoMthethosisekelo akuhambisani nobulungiswa. Kukho konke uKhomishana wayehambisana neNkantolo Enkulu.
Isinqumo seNkantolo
Esinqumweni esakhishwa uMehluleli uMbuyiseni Madlanga ngokuvumelana noMehluleli Omkhulu uMogoeng Mogoeng naBehluleli uChris Jafta, uSisi Khampempe, uSteven Majiedt, uRammaka Mathopo, uNonkosi Mahlantla, uLeona Theron, uZukisi Tshiqi noMargaret Victor, iNkantolo YoMthethosisekelo yama ekutheni isicelo sokuphonsela inselelo isinqumo seNkantolo Enkulu sokuchitha isicelo sikaMvikeli Wompakathi asizange siwathinte amandla eNkantolo YoMthethosisekelo njengoba sidinga ukuba kubuye kubhekwe isicelo senqubomgomo yezomthetho engenakho ukudideka.
Ngalokhu le Nkantolo yasichitha isicelo sikaMvikeli WoMphakathi sokuphonsela isinqumo seNkantolo Enkulu inselelo.
INkantolo YoMthethosisekelo yaphinde yachitha isicielo sikaMvikeli WoMphakathi esithinta amandla akhe okufuna ukunikwa ulwazi lomkhokhintela.
Nakuba udaba lwamandla kaMvikeli WoMphakathi ethinta uMthethosisekelo, uMkhwebane wehlulekile ukuveza izimo ezahlukile eziphoqa ukuthi eqe ezinye izinkantolo aye ngqo kweyoMthethosisekelo.
Maqondana nokuphuthuma kodaba, iNkantolo yama kwelokuthi ukuba bekunjalo ngabe uMvikeli WoMphakathi akazange afune ukuthi kucutshungulwe amandla akhe okufana nokucinga inaliti esikhotheni kunalokho ngabe wafuna imvumo kumkhokhintela, kulokhu okuwuZuma, okubonakala sengathi wayezimisele ukukwenza.
Okunye ayengakwenza ukuthi afune umyalelo weNkantolo Enkulu wokuba kukhishwe lolu lwazi. INkantolo yathola ukuthi lokhu kuphuthuma kodaba okushiwo uMvikeli WoMphakathi yinto nje eyakhiwe.
Odabeni lokuya ngqo eNkantolo YoMthethosisekelo, nokuthi uMvikeli WoMphakathhi wayebona amathuba okuphumelela, le Nkantolo yama kwelokuthi iSigaba 69(1) sikwenqabela ngokucacile ukudalulwa kweminingwano yokhokha intela futhi uMvikeli WoMphakathi akabaliwe njengongabalwa kulokhu.
Okunye ukuhumusha bekuyoshayisana nendlela ecacile okubekwe ngayo kuSigaba 69(1).
Nakuba uMvikeli WoMphakathi engashongo ukuthi iSigaba 69(1) asihambisani noMthethosisekelo, kepha akusho esicelweni sakhe kuyefana nakho.
INkantolo yathi awekho amathuba okuphumelela kulokhu. Ezinye izizathu zokufuna ukuphonsela inselelo zazingabalulekile ngakho-ke iNkantolo yasichitha lesi sicelo.
Izindleko zecala
INkantolo yamvumela uMvikeli WoMphakathi ukuthi aphonsele inselelo isinqumo seNkantolo Enkulu esasimyalela ukuba akhokhele uKhomishana wakwaSARS amaphesenti ali-15 ezindleko zecala. Le Nkantolo yathola ukuthi uMvikeli WoMphakathi akawephulanga umthetho ngokukhipha incwadi yesibili yokubiza uKhomishana uKieswetter.
“Umbono wakhe wokuthi unelungelo lokwenza lokho wawunhlanhlatha kodwa ubukeka sengathi ulungile. Ukuthi uMvikeli WoMphakathi akakwazanga ukukhipha imali ukuthola uvo lokuqala onyakeni owodwa wezimali kodwa wakwazi ukukhokhela olwesibili onyakeni olandelayo akuvezanga ukuthi akenzanga ngokwethembeka kanjalo nokwehluleka kwakhe ukudalula uvo lwesibili ayeselutholile njengoba ayengakufihli ukuthi uzofuna olwesibili.”
Ngaphambi kwalokhu, iNkantolo Enkulu yaphambuka ekutheni uMvikeli WoMphakathi wayekhombise injwayelo yokwenza izinto ezingaphandle komthetho ngokwamukela iseluleko sommeli
“Wayenelungelo lokufuna uvo lwesibili futhi akwenza kwakuncike kuwona. Ekugcineni, ukuthi; “Ukuzipatha okusezingeni eliphezulu” kulindelekile kuMvikeli WoMphakathi, iNkantolo Enkulu yasebenzisa izindlela ezingekho,” kufundeka isinqumo.
INkantolo YoMthethosisekelo yafinyelela ekutheni sasingekho isizathu sokuthi iNkantolo Enkulu iyalele uMvikeli WoMphakathi ukuba akhokhe izindleko njengoba engazange akhombise ukungawuhloniphi umsebenzi wakhe. Isinqumo sokuthi Mvikeli WoMphakathi akhokhe izindleko sachithwa.
Le Nkantolo yaveza ukuthi ihhovisi likaMvikeli WoMphakathi isakhiwo soMthethosisekelo eseseka idemokhrasi ngakho-ke imiyalelo yokukhokha izindleko engafanele ebhekiswe kuMvikeli WoMphakathi siqu emacaleni athinta umsebenzi wakhe ingaba nomthelela omubi ekusebenziseni amandla akhe.
INkantolo yexwayisa ngomkhuba osuwanda emacaleni amaningi, uma kungewona wonke, wokufuna ukuba uMvikeli Womphakathi akhokhe izindleko.
Yanxusa izinkantolo ukuba zingaweli ogibeni lokucabanga ukuthi uMvikeli WoMphakathi umdlalo ofanele wokukhipha imiyalelo yokukhokhwa kwezindleko zamacala.
Le Nkantolo yagcizelela ukuthi emacaleni amane aselethwe phambi kwayo nalapho uMvikeli WoMphakathi ayalelwa ukukhokha izindleko, linye kuphela eyakhipha isinqumo esiyalela uMvikeli WoMphakathi ukuba akhokhe izindleko.
“Izinkantolo azingabi necala lokwelekelela ekufenyiseni ihhovisi elibalulekile ngokoMthethosisekelo ngisho ngabe ubani oliphethe. Ukukwazi ukusebenza kwalo nokuheha labo okumele libasebenzele nokufeza umsebenzi eliwubekelwe uMthethosisekelo kumele kugcinwe ukuze liphumelele.”