Ugixabezwe igunya lokungenela ukhetho lweCAF uMotsepe
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Baningi abakholwa yikuthi simufanele esokuhola iCAF ngenxa yamava akhe ekuphathweni kukanobhutshuzwayo namabhizinisi
Usheshe wasithola isipho sakhe sokuzalwa uDkt uPatrice Thlopane Motsepe.
UMotsepe owazalwa zingama-28 kuMasingana, uthole isipho esiyizindaba ezimnandi zokuthi uzoqhubeka nomjaho wesikhundla sokuba nguMengameli weConfederation of African Football Association (CAF).
Lezi zindaba azijabulisanga yena uMotsepe nomndeni wakhe kuphela, kepha iNingizimu Afrika yonke.
Incwadi egunyaza uMotsepe ibibhalwe isikhulu esisekomitini lenhlangano ephethe unobhutshuzwayo emhlabeni, iFederation International Football Association (FIFA), uMnu uMukul Mudgal.
ICAF okuyinhlangano ephethe unobhutshuzwayo e-Afrika, kulindeleke ukuthi ikhethe ubuholi bayo obusha mhla zili-12 kuMbasa nonyaka. Umcimbi wokukhetha uMengameli omusha wale nhlangano uzobanjelwa eRabat, eMorocco.
UMotsepe onguMengameli weMamelodi Sundowns, kususe umsindo ukungenela kwakhe ukhetho. Lokho kubonakale ngokuthi ICAF inxenxe iFIFA ukuthi imbhekisise uMotsepe ukuthi ngabe ukulungele yini ukungenela lolu khetho.
Omunye obhekane nenkinga efanayo noMotsepe nguMnu u-Ahmed Yahya ongowokudabuka eMauritania.
UMotsepe abanga nabo lesi sikhundla uYahya, uMnu u-Augustin Senghor waseSenegal noMnu uJacques Anouma yena ongowokudabuka e-Ivory Coast.
Ukuthola kukaMotsepe igunya lokungenela lolu khetho lokuba uMengameli, iCouncil of Southern Africa Football Associations (COSAFA), isiphumele obala ngokuthi ivoti layo izoliphonsa kuyena.
ICOSAFA izobe inamalungu ali-14 azobe ehlezi ngomhla zili-12 kuMbasa.
UMengameli weCAF, uba ngelinye lamasekela kaMengameli weFIFA.
UMengameli weFIFA uGianni Infantino nguyena ophakamise ukuthi uMotsepe akangenele lolu khetho. Uthe kumfanele ukuhola iCAF ngoba unolwazi olunzulu kwezamabhizinisi.
Omunye obona kumfanele uMotsepe ukuba uMengameli weCAF uDkt uDanny Jordaan yena onguMengameli wenhlangano ephethe unobhutshuzwayo kuleli, iSouth Africa Football Association (SAFA).
“UMotsepe ungusomabhizini ohloniphekile, oqondile ongenzi izinto ngokungekhona ngakho-ke ukufanele ukuphatha iCAF. Uhole iqembu lakhe iSundowns ekutheni liphakamise ifulegi lakuleli ngokunqoba umqhudelwano weCAF Champions League,” kusho uJordaan.
Uma uMotsepe enganqoba lolu khetho uzoba ngowokuqala eNingizimu Afrika ukuba nguMengameli weCAF.
Owaba nguMengameli wokuqala weCAF kwaba nguMnu u-Abdel Aziz Abdallah Salem wase-Egypt ngonyaka we-1957. Kwalandela uMnu u-Abdel Aziz Moustafel wase-Egypt ngonyaka we-1958 kuya kunyaka we-1968.
UMengameni wesithathu kwaba uMnu u-Abdul Halim Muhammad waseSudan owaphatha kusukela ngonyaka we-1968 kuya kunyaka we-1972, walandelwa uMnu uYidnekatchew Tessema wase-Ethopia owaphatha kusukela ngonyaka we-1972 kuya kowe-1987. UMuhammad waphinde wabuyela esikhundleni ngonyaka we-1987 kuya kunyaka we-1988. Emva kwalokho kwalandela owahlala esikhundleni isikhathi eside iminyaka engama-29 uMnu u-Issa Hayatou ongowokudabuka eCameroon owaphatha kusukela ngonyaka we-1988 kuya kowezi-2017.
Kube sekulandela uMnu u-Ahmad Ahmad waseMadagascar ophathe iminyaka emithathu, nyakenye ngoLwezi ube esethola isigwebo seminyaka emihlanu engazihlanganisi nonobhutshuzwayo. Kanti osabambile njengoMengameli nguMnu uConstant Omari waseDemocratic Republic of Congo (DRC).
Umlando omncane kaMotsepe:
Wazalwa mhla zingama-28 kuMasingana we-1962 eGa-Rankuwa.
Uneziqu zeBachelor of Arts Degree azithola e-University of Swaziland, aphinde abe neziqu zeLaw Degree azithola e-University of Witwatesrand.
Ungumnikazi wenkampani yezimayini ebizwa nge-African Rainbow Minerals.
Ngonyaka wezi-2003 wathenga iqembu likanobhutshuzwayo iMamelodi Sundowns.