Now Reading
Izinkani zababili kwesikaMaminzela phakathi kweChiefs nePirates
Dark Light

Izinkani zababili kwesikaMaminzela phakathi kweChiefs nePirates

Lapha eNingizimu Afrika kunomdlalo ohlezi kuyisifiso sabadlali abaningi ukuwudlala.

Lo mdlalo yilo obizwa ngeSoweto Derby, lapho kusuke kutholene phezulu iKaizer Chiefs ne-Orlando Pirates.

Ngisho abadlali abadlalela la maqembu uma bezodlala lo mdlalo ngakusasa, balala bengalele belindele usuku lomdlalo. Ubukhulu bawo bubonakala ungakaqali njengoba impi yawo iqala kubalandeli abasuke bechukuluzana.

Ngonyaka wezi-2018 iChiefs yahlulwa iPirates ngamagoli amabili kwelilodwa lapho kwabhacaza khona uMario Booysen nokwaduma igama elithi uMnyango waseMall. UBernard Parker wehluleka ukuzibamba wakhwela wadilika ethi: “Kunabadlali abagqoke ijezi leChiefs ngephutha. Singayihlulwa yonke imidlalo kodwa hhayi owePirates ngoba uwumdlalo osho lukhulu nohlezi ubukwa izinkumbi zabantu emhlabeni jikelele.”

La maqembu azotholana phezulu kusasa ngoMgqibelo emdlalweni ozobanjelwa kwesikaMaminzela isigodi, e-Orlando Stadium, libumbene elesi-3 ntambama.

Womabili ayakwazi ukubaluleka kwalo mdlalo njengoba kuzomele azame ukuvala igebe kuMamelodi Sundowns ehlezi esicongweni kulogi.

IPirates okuyiyo ezobe idlalela ekhaya kulogi ihlezi endaweni yesi-5 ngamaphuzu angama-22 emva kwemidlalo eli-14, kanti iChiefs yona eqale isizini ibhinjelwa izinto ihlezi endaweni yesi-7 ngamaphuzu ali-18. 

Lezi zinkunzi zaseSoweto ziya kulo mdlalo nje zilahle amaphuzu amabili emidlalweni yazo ebingoLwesibili. IPirates idlale ngokulingana nomakoti ITS Galaxy, iChiefs yona yadlala ngokulingana neBaroka FC okubukeka isiyiphuze inyongo kwazise yiyo eyayiphuca iqatha emlonyeni ekutheni inqobe isicoco seligi ngesizini edlule.

Ukugcina ukutholana phezulu kwalezi zinkunzi zaseSoweto, bekuwumqhudelwano weMTN 8 obunemilenze emibili nalapho iPirates yanqoba ngamagoli amahlanu eqandeni sekuhlanganiswa imilenze yomibili.

UGavin Hunt ongumqeqeshi weChiefs ozobe ebheke ukuhlula iPirates okokuqala, ukhale ngokuthi abadlali bakhe balahla kakhulu amathuba.

“NgoMgqibelo sibhekene neStellenbosch kwakumele sinqobe sashweba inqwaba yamathuba, esifanayo nasemdlalweni wangoLwesibili neBaroka sithole amathuba sangawasebenzisa. ULeonardo Castro bekufanele asitholele igoli noma amabili. Negoli elisingenelile bekumele lingangeni kwazise sinabadlali abade abakwaziyo ukunqofa amabhola,” kusho uHunt.

Okunye akubalulile lo mqeqeshi ukungabibikho kwabadlali abamqoka kulo mdlalo ngenxa yokulimala.

“Lo mdlalo sizoya kuwona ngaphandle kukaRamahlwe Mphahlele. Lo mdlali udlale kahle kakhulu emidlalweni edlule, ubedingakala kulo mdlalo kodwa-ke sizosebenzisa abadlali abakhona,” usho kanje.

Omunye umdlali ongeke aze abonakale eqenjini leChiefs uKhama Billiat ongowokudabula eZimbambwe okulindeleke ukuthi abuye ngoMbasa.

See Also

Nangasohlangothini lwePirates kukhalwa esifanayo njengoba inabadlali abaningi abalimele, kulabo kubalwa uGabadinho Mhango oshaye amagoli amaningi ngesizini edlule noTshegofatso Mabasa. Omunye umdlali ongeke aze abonakale kweZimnyama u-Innocent Maela onamakhadi aphuzi amaningi.

“Umdlalo womkhaya ngeke ube lula neze kuzofanele sishintshe ukwenza uma sifuna ukuthola amaphuzu agcwele. Ukushintsha kwethu ukwenza kuzomele sisebenzise amathuba. Okubuhlungu nje ukuthi siya kulo mdlalo ngaphandle kwabagadli bethu. Umdlalo uwunqoba ngokushaya amagoli kusho ukuthi kuzomele siqhamuke neqhinga lokuthi siwathola kanjani,” kusho uJosef Zinnbauer oqeqesha iPirates.

Abadlali abazobe bebhekiwe ukuthi basize eziMnyama uThembinkosi Lorch, uVincent Pule asebeyinqume kakhulu iChiefs kube uDeon Hotto noBen Motswari. Ngasohlangothini lweChiefs kuzobe kubhekwe uSamir Nurkovic, uCastro, uNkosingiphile Ngcobo noLebohang Manyama.

Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership kule mpelasonto

Namuhla

  • AmaZulu FC neStellenbosch, eJohnson Stadium ngele-17:00.

Kusasa

  • I-Orlando Pirates neKaizer Chiefs e-Orlando Stadium, ngele-15:30.
  • ISuperSport United neSwallows FC eLucas Masterpieces Moripe ngele-17:00
  • IBlack Leopards neTS Galaxy eThoyandou Stadium ngele-17:00
  • ILamontville Golden Arrows neMaritzburg United eSugar Ray Xulu ngele-17:00
  • IBloemfontein Celtic neTTM eDr Petrus Molemela Stadium, ngele-17:00.

 NgeSonto

  • IMamelodi Sundowns neChippa United eLoftus Versfeld Stadium ngele-15:30 ntambama
  • IBaroka FC neCape Town City ePeter Mokaba Stadium ngele-15:30 ntambama.
Scroll To Top