Now Reading
Yamukelwe ngezifudumele iProteas ePakistan
Dark Light

Yamukelwe ngezifudumele iProteas ePakistan

Iqembu lesizwe lekhilikithi iProteas livakashela iPakistan emva kweminyaka eli-14 lagcina ukulibhekisa kuleliya lizwe emidlalweni ebandakanya emibili yeTest kanye nemithathu yeT20 International.

Kusukela kwaba nesigameko sokuhlaselwa kwebhasi elalithwele abadlali beSri Lanka ngonyaka wezi-2009 ePakistan, inhlangano ephethe ikhilikithi yanquma ukuba amazwe engabe esaya kuleliya lizwe ngenxa yodlame olukhona.

Ngesikhathi lifika iqembu lakuleli ePakistan mhla zili-16 kwephezulu ukuzilungiselela ukuqala kwemidlalo ezoqala mhla zingama-26, limukelwe kahle nezokuphepha zikhona.

“Samukelwe kahle kakhulu, ezokuphepha ziqinile. Indlela esinakekelwe ngayo isenze sakhululeka kakhulu sinethemba lokuthi akukho okuzosiphazamisa, ikakhulukazi njengoba nabalandeli bezobe bengekho ezinkundleni,” kusho uQuinton de Kock ongukaputeni weProteas.

ISri Lanka yaba yiqembu lokuqala ukudlala ePakistan ngoZibandlela wezi-2019, kwalandela iBangladesh nemidlalo eyagcina ingaphelanga ngenxa yokuhlasela kokhuvethe.

Ezokuphepha ziqiniswe kakhulu, inhlangano ephethe ikhilikithi kuleli iCricket South Africa (CSA), ngasekupheleni konyaka odlule yathumela lowo owayeyibatsman uStephen Cook,wayomela iNingizimu Afrika ekanye noRory Steyn ukuyohlola izindawo ePakistan ngaphambi kokuthi iProteas iye kuleliya lizwe.

Umdlalo wokuqala weTest phakathi kwala maqembu uzokuba mhla zingama-26 kuya mhla zingama-30, uzobanjelwa eNational Stadium, eKarachi.

UMark Boucher ongumqeqeshi weProteas ekhuluma nabezindaba uthe: “Umyalezo wami eqenjini ukuthi ikhilikithi ibingakaze idlalwe ePakistan isikhathi eside, ngenxa yesigameko esingesihle esenzeka eminyakeni edlule. Kodwa ukuvakasha kweqembu lesizwe emva kweminyaka emingaka kulethe injabulo kubadlali baleli lizwe, ngalokho bafuna nakanjani ukuthi banqobe. Yize kuzoba kungekho balandeli ezinkundleni kodwa abadlali bazofuna ukujabulisa abalandeli besemakhaya.”

Eqhuba uthe: “Siyethemba ukuthi izinqumo ezifanele zizothathwa uma kwenzeka okuthile eqenjini lethu. Okusinika ithemba ukuthi bakuqinisekisile ukuthi sizophepha.” 

Okuyizindaba ezijabulisayo ukuthi iProteas izoya kule midlalo sekubuye uKagiso “KG” Rabada ongumshwibi wamabhola ohamba phambili. 

See Also

“Kuyajabulisa ukubuya kukaRabada. Unamava uke wakleliswa njengohamba phambili emhlabeni. Sidlale kahle kakhulu sibhekene neSri Lanka emdlalweni yethu edlule ngaphandle kwakhe, sithemba ukuthi ngokubuya kwakhe sizokwenza kahle kakhulu,” kusho uBoucher.

Khonamanjalo, iqembu lesizwe labesifazane lekhilithi iProteas lizotholana phezulu nePakistan Women emdlalweni wesibili we-One Day International (ODI). Lo mdlalo uzokuba ngoLwesibili eKingsmead Stadium, eThekwini.

Emdlalweni wokuqala we-ODI obungoLwesithathu unqotshwe elakuleli ngemigijimo emithathu.

Selilonke iqembu leProteas lithakwe kanje: UQuinton de Kock (ongukaputeni), uTemba Bavuma, u-Aiden Markram, uFaf du Plessis, uDean Elgar, uKagiso Rabada, uDwaine Pretorius, uKeshav Maharaj, uLungi Ngidi, uRassie van der Dussen, u-Anrich Nortje, uWiaan Mulder, uLutho Sipamla, uBeuran Hendricks, uKyle uVerreynne, uSarel Erwee, uKeegan Petersen, uTabraiz Shamsi, uGeorge Linde, uDaryn Dupavillon noMarco Jansen.

Scroll To Top