Now Reading
Kubhekwe amava omqeqeshi obenganikwethuba kuDStv
Dark Light

Kubhekwe amava omqeqeshi obenganikwethuba kuDStv

Ukundiza kweZinyoni kudala uhlevane emaqenjini ePSL njengoba zibonakala zingaphukelwa phiko ngaphansi kweso likaTruter


Ngaphambi kokuqala kwesizini yeDStv Premiership, baningi ababa nongabazane ngomqeqeshi weSwallows FC uBrandon Truter. Abahlaziyi bakanobhutshuzwayo nalabo aseke baqeqesha bebemngabaza lo mqeqeshi bethi akanawo amava uzothwala kanzima kule ligi enkulu lapha eNingizimu Afrika.

Indawo ekuyona kulogi yeDStv iSwallows FC muva nje yenza amathe abuyele kwasifuba kwabaningi. Leli qembu elingamanye amadala ngokweminyaka kuleli likhuphuke ngesizini edlule emva kokunqoba iligi yeGladAfrica Championship.

ISwallows FC emva kwemidlalo eli-12 esiyidlalile induku into engayazi nhlobo. Kule midlalo ikwaze ukunqoba eyisi-7 yadlala ngokulingana kwemihlanu, inamaphuzu angama-26.

NgoLwesithathu ilahle ithuba lokuthi ihlale phezulu kulogi, emva kokuthi idlale ngokulingana neChippa United.

Ngesikhathi kuvulwe iwindi lokuthenga abadlali, baningi futhi ababa nokungabaza uTruter bethi uthenga inqwaba yabadlali kungani engasebenzisi labo anqobe ngabo iligi yeGladAfrica Championship.

Iningi lalaba badlali uTruter abasayinisile lidlala ingxenye enkulu ekutheni leli qembu laseGoli lenze kahle kusukela libuyile. Kubadlali abenza kahle kuleli qembu nguNjabulo Ngcobo othengwe kuThongathi FC oyisitobha nosekuvela ukuthi ufunwa ngamaqembu amakhulu, nabahlaziyi abaningi bambona efanele ukudlala eqenjini lesizwe.

Abanye nguRuzaigh Gamaldien obekuChippa United kuyimanje usevalele phakathi amagoli ayisi-9, kanti usanda kuklonyeliswa ngendondo yomdlali ovelele kuZibandlela nakuMasingana. UJoseph Mhlongo noThabo Matlaba abasuka kuBlack Leopards, uWandisile Letlabika obekuBloemfontein Celtic noSfiso Hlanti obeziqeqesha neKaizer Chiefs.

Kule mpelasonto leli qembu libhekene nomdlalo onzima lapho lizotholana phezulu neMamelodi Sundowns engompetha beligi. 

ISundowns egabe ngabaqeqeshi abathathu ebhentshini ngokubambisa okunguManqoba Mnqithi, uRhulani Mokoena noSteve “Mphathi” Komphela iyona ehlezi phezulu kulogi. Isidlale imidlalo eli-12 inqobe eyisi-7 yadlala ngokulingana kwemihanu nokuyenza ibe namaphuzu angama-26.

Okwenza lo mdlalo wala maqembu ube mkhulu ukuthi ayalandelana kanti okuyikho okubahlukanisile ngamagoli amahlanu nje kuphela.

ISundowns ayenzanga neze kahle emidlalweni yayo emibili edlule njengoba idlale ngokulingana kuyona yomibili ibhekene neCeltic kanye neSuperSport United ngokwehlukana.

Ukulahla amaphuzu amane akumphathanga neze kahle uMnqithi nokhale kakhulu ngokungasebenzisi amathuba kwabagadli bezakhe.

“Lo mdlalo ubunzima kodwa sithole inqwaba yamathuba, besingashaya inqwaba yamagoli ukuba siwasebenzisile. UKermit Erasmus uyena othole amathuba amaningi kodwa akazange awasebenzise. Ubengashaya ngisho amagoli amathathu, kodwa bekungelona usuku lwakhe. Kungiphatha kabi ukuthi iqembu elikhulu njengeSundowns emidlalweni emibili lingashayi nelilodwa igoli, lesi isimo kumele sisheshe silungiswe,” kusho uMnqithi emva komdlalo obungoLwesibili iSundowns ibhekene neCeltic.

Omunye umdlali oyeke amathuba nguThemba “Mshishi” Zwane.

UMnqithi ebuzwa ngalo mdlalo wakusasa uthe: “Umdlalo omkhulu lona esiya kuwona, kodwa esikufisayo ukuthola amaphuzu agcwele. Ngiyathemba ukuthi kuzokwenzeka njengokufisa kwethu.”

See Also

UTruter ekhuluma nabezindaba emva komdlalo wabo neChippa United uthe: “Ngidumele kakhulu, bekungamele singenelwe igoli kulo mdlalo. Sisheshe sathola igoli obekumele silivikele uma singakwazi ukuthola amanye kodwa sadlala kancane. Kodwa iphuzu elilodwa lisho lukhulu, kuze kube imanje asikahlulwa.”

Ekhuluma ngomdlalo wakusasa uthe: “Bekuzoba kuhle kakhulu ukuya kulo mdlalo sithole amaphuzu amathathu. Sinaso isikhathi sokuzilungiselela lo mdlalo. Abafana bami bangamasosha azokwazi ukulwa kulo mdlalo onzima. Kwabona baphoxekile ngikholwa ukuthi bazolwa ukuthi banqobe.”

La maqembu azotholana phezulu emdlalweni ozokuba eLucas Masterpieces Moripe Stadium, ePitoli, libumbene elesithathu ntambama.

Omunye umdlalo obukeka uzoshuba ophakathi kweCape Town City neLamontville Golden Arrows ozokuba ngeSonto eCape Town Stadium.

ICape Town City kulogi ihlezi endaweni yesihlanu kuthi i-Arrows yona ibe sendaweni yesine. Womabili la maqembu anamaphuzu ali-19. I-Arrows nayo ingelinye lamaqembu induku angayazi kule sizini.

Isiyonke imidlalo yeDStv Premiership kule mpelasonto

Kusasa

  • IMamelodi Sundowns neSwallows FC, eLucas Masterpieces Moripe Stadium ngele-15:00.
  • IBlack Leopards neChippa United, eThohoyandou Stadium ngele-15:30.
  • IBaroka FC na-AmaZulu FC, ePeter Mokaba Stadium ngele-17:00.
  • IStellenbosch FC neKaizer Chiefs, eDanie Craven Stadium ngele-17:00.
  • IMaritzburg United ne-Orlando Pirates, eHarry Gwala Stadium ngele-17:00.

NgeSonto

  • ITshakhuma Tsha Madzivhandila (TTM) neSuperSport United, eThohoyandou Stadium ngele-15:30.
  • ICape Town City neLamontville Golden Arrows, eCape Town Stadium ngele-15:30.
Scroll To Top