Kubukeka ukhukho lumuka nomoya esibhakeleni sakuleli



UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Silokhu siqhume njalo isililo sokuba muncu konyaka esibhakeleni abaphathi, abaqhathi nabaqhathwa besho ngangila yinye bekhala ngokhuvethe noSABC
Njengoba kuhlasele ukhuvethe nje umdlalo engiwudabukela kakhulu kunayo yonke owezamankomane.Lungakafiki vele ukhuvethe lo mdlalo ubusuwehlelwe isithunzi ngendlela emangalisayo.
Lo mdlalo kawusafani uma kuqhathaniswa nokwakwenzeka kuwo eminyakeni edlule lapho kwakuphuma ngisho nesinedolo uma kuthiwa kunomqhudelwano othize. Kwakungenandaba nanokuthi mncane kangakanani lowo mqhudelwano, abantu babethakasela ukubona osomankomane bengqubuzana eringini nje. Ukushaya isibhakela esinenkosi phakathi kwezingqwele okubalwa kuzo uDingaan “Rose of Soweto” Thobela, uJacob “Baby Jake” Matlala, uVuyani Bhungu, uFrancis Botha nabanye, kwenza ukuthi abantu bangalali ngisho kuthiwa impi iphakathi kwamabili.
Nabaqeqeshi abafana noMzimasi Mnguni babengazibekile phansi ngokukhiqiza ompetha, ababebuya namabhande omhlaba kungabi ndaba zalutho.
Iqiniso lithi izinto ziqale ukonakala kakhulu ngaphambi kokuqala kweNdebe YoMhlaba kanobhutshuzwayo eyayibanjelwe lapha eNingizimu Afrika ngonyaka wezi-2010. Inhlangano yezokusaza iSABC eyayisiqala ukungabi nkamunkamu ukubonisa ezamankomane yanquma ukuwuvala ukuwusakaza. Ekuzisekeni kwayo yathi imishini yayo izogxila kakhulu ekusakazeni iNdebe YoMhlaba, iyobe isiqhubeka nokusakaza ezamankomane emva kwayo.
Okubuhlungu ukuthi kwathi sewudlulile umqhudelwano kwaba umqansa ukuncenga le nhlangano ukubuyisela ukubonisa ezamankomane. Lo nyaka esikuwo owe-11 kwaphela iNdebe YoMhlaba kodwa inhlangano yesibhakela iBoxing South Africa (BSA) isalwa impi.
Uma kwenzekile kwaba khona izimpi ezisakazwayo kuba ezikhethekile futhi okwangempela. Sikhuluma nje ngonyaka odlule izinhlaka zesibhakela, lapho sibala osomankomane, abaqeqeshi, onompempe, ophromotha nezimeneja, banikela ekomkhulu lale nhlangano e-Auckland, eGoli, ukuyobhikisha bekhala ngokungasakazwa kwemidlalo.
Ukungaboniswa kwalo mdlalo iyona mbangela enkulu ekutheni abaxhasi bawo bahudule izinyawo. ISuperSport yize izama ukuthi isakaze izimpi kodwa iqiniso lithi iyakhokhelwa iDStv. Ukhuvethe lolu kubukeka isimo salo mdlalo luzosenza sibenzima kakhulu.
Kusukela nyakenye ukhuvethe lushaye kakhulu kulo mdlalo njengoba kube nempi eyodwa vo unyaka wonke. Kuphoqeleke ukuthi kuhlehle imiqhudelwano eminingi.Emasontweni edlule uMengameli wezwe uCryil Ramaphosa ubuyisele izwe esigabeni sesithathu, lokho kuphoqe iBSA ukuba ihoxise izicelo eziningi zophromotha zokwenza imiqhudelwano.
Yize kuzoba khona imiqhudelwano ezobanjwa kodwa kubukeka izokwenzeka sekuvalwe amehlo njengoba isibalo sabathelelekayo nabashonayo silokhu siqhubeka nokwenyuka.
Nophromotha imbala babona lo nyaka uzokuba muncu njengalo ophelile.
UZandile Malinga weStarline Promotions ungomunye wabathi lo nyaka abawubona uzokuba ngomuncu futhi kule nhlangano. UNomvelo Magcaba-Shezi weMvelo Promotions naye ungomunye wabahlele izimpi abona ukuthi kungenzeka zibhuntshe ngexa yalolu bhubhane. Ubehlele impi ebizoba phakathi kukaThabiso “The Rock” Mchunu noYouri Kalenga ongowokudabuka eDemocratic Republic of Congo (DRC) ebizokuba ngoNhlolanja kodwa kubukeka ecikizela amathuba okuthi ingaba khona.
Okubuhlungu ukuthi ezinye izinhlaka zezemidlalo zona ziyaqhubeka ziyadlala. Ukungabibikho kwezimpi futhi nakulo nyaka kuzoshonisa phansi kakhulu ukuhlonishwa kwalo mdlalo.UHulumeni, abeBSA kumele kube khona abakwenzayo ukwelekelela ukuthi izinto zibuyele esimweni. Kuyadabukisa kakhulu, lo mdlalo unomlando omuhle kakhulu ukuthi usungavele ushabalale kalula kanjena.
INingizimu Afrika isengaqala phansi yakhe ompetha bomhlaba abasha, abazohlonishwa njengoThobela, uMatlala nabanye.