Now Reading
Umbhalo nezimpawu kuqukethe umyalezo obalulekile ngomkhiqizo
Dark Light

Umbhalo nezimpawu kuqukethe umyalezo obalulekile ngomkhiqizo

Angazi ukuthi kwakuyokuba njani ukuba imikhiqizo yayigoqwa ngamaphepha angabhalwe lutho, umuntu ehlukanise ngombala wephepha ukuthi uthengani. Ngaphandle nje kobuhle bephepha eligoqe umkhiqizo kunezinto ezisemqoka okumele usomabhizinisi okhiqizayo azikhumbule ukuze azanelise ukuthi umkhiqizo sewulungele ukuya ezitolo udayiselwe abantu. Kumele umthengi kungaze kudinge akhulume nomuntu kodwa azibonele yena okubhaliwe, nezimpawu ezisemkhiqizweni ezimchazela ngomkhiqizo awubonayo phambi kwakhe.

Kunezinto ezibukeka zincane, zingenamsebenzi kodwa zibe zisemqoka empilweni kasomabhizinisi nasempilweni yomthengi. Kulezi zinsuku ngithenge umuthi wokuxubha amazinyo. Bekungesikho okokuqala ngithenga umuthi wokuxubha kodwa kube sengathi ngiyaqala ukuwuthenga ngenkathi ngithola incazelo ngechashazi elingaphandle kweshubhu eligcwele umuthi wokuxubha. Incazelo engiyitholile beyazisa ukwehlukahlukana kwemibala yechashazi elilaphaya ngasesinqeni seshubhu elinomuthi wokuxubha. Le mibala ichaza ukuthi kuhlanganiswe nhloboni yezithako ngenkathi kwakhiwa lowo muthi. Omunye umbala uchaza ukuthi akukho okwengeziwe ngenkathi kwakhiwa lowo muthi kodwa kuhlanganiswe izithako zemvelo kuphela, kanti omunye umbala uchaza ukuthi kuhlanganiswe namakhemikhali athize, kanti omunye umbala uchaza ukuthi kuhlanganiswe nokuyimishanguzo ehlanganiswe nokwemvelo kwaphuma umuthi wokuxubha. 

Okunye okwenziwa yimibhalo nezimpawu emikhiqizweni wukuveza igama lomkhiqizi. Kunemikhiqizo ethengwa ngoba abantu bebone igama lomkhiqizi. Osomabhizinisi kumele basebenze kanzima ukwenza igama labo laziwe. Kuyinto enzima ukuzakhela igama emakethe, kube kukhona imikhiqizo eseyinesikhathi isemakethe. Ngeke ufake ubisi esitolo lungalotshiwe igama lomkhiqizi. Kumele igama osebenza ngalo ebhizinisini usebenze kanzima ukuze kuthi umthengi noma ngabe ulibona kuphi limcacele futhi akhumbule umkhiqizo wakho. Kunabantu okuthi uma becabanga ubisi kufike isithombe sembali emacembe mathathu abomvu. Akukho lutho oluhlanganisa ubisi nembali ebomvu, kodwa ngendlela asebelakhe ngayo igama labo abakwaClover seliyafana nobisi. Unjalo-ke umsebenzi wophawu emkhiqizweni.

Lokhu okungenhla kuchaza ukuthi kusemqoka kangakanani okubhalwe ngaphandle komkhiqizo odayiswa ezitolo. Ngiyazi ukuthi kunabantu ababheka inani okuthengiswa ngalo, bangaqikekeli ukuthi lowo mkhiqizo obiza kancane wehluke ngani komunye. 

Uma ungumnikazi webhizinisi awunceli nje isithupha bese uqhamuka nenani ozodayisa ngalo umkhiqizo wakho. Ngokunjalo awuthathi nje noma yiliphi iphepha ugoqe umkhiqizo wakho. Kungenzeka ibhokisi elifake umkhiqizo libukeke lingelibizayo kodwa umkhiqizo ophakathi ungafanele ukubiza inani eliphezulu.

Kunemithetho elawula imibhalo nezimpawu ezisemkhiqizweni odayiselwa umphakathi. Le mithetho yenzelwe ukuqinisekisa izinto ezimbalwa ngemikhiqizo edayiselwa uluntu. 

Okokuqala okusemqoka ngokuphoqwa kwemibhalo nezimpawu wukunikeza ulwazi ngomkhiqizo ngaphambi kokuba umuntu awuthenge. Kuyamsiza ofuna ukuthenga ukwazi ukuthi yiziphi izithako ezisetshenzisiwe kwakhiwa umkhiqizo. Kungenzeka athi esewuthengile umkhiqizo awudle bese uvusa isifo esithile esingahambisani nezithako, kumbe awugcobe emzimbeni, kuvumbuke izilonda ngenxa zezithako ezifakiwe. 

Imibhalo nezimpawu kufakazisa ukuthi le mikhiqizo ihloliwe, nezithako zifakwe ngezilinganiso ezifanele, azinabungozi kumuntu ozozisebenzisa. Noma kuwumkhiqizo onobungozi ngandlelathile kumele kubhalwe lokho ukuxwayisa lowo ozowusebenzisa. Umbhalo oxwayisa ngobungozi uyabonakala ebhokisini likagwayi. Kumele ukuthi umuntu athi eqala ewusebenzisa umkhiqizo abe enalo ulwazi ngomkhiqizo. Olunye ulwazi olusemqoka yilolo olubeka usuku umkhiqizo owenziwa ngalo nosuku oyobe ungasalungele ukudayiselwa abantu. Kunabantu abangaqapheli ukuthi umkhiqizo usakulungele yini ukuthengwa nokusetshenziswa ngabantu.

See Also

Ukungazi nobudedengu kuvamisile ukudala izinkinga, lapho uthola abantu bethenga imikhiqizo engenayo imibhalo eqondisa okuqukethwe wumkhiqizo. Izimpahla ezingenazimpawu nemibhalo efakazisa ukwethembeka kwayo zivamise ukudayiswa emigwaqweni nasezitolo ezithenga noma yimiphi imikhiqizo. Kulezi zinsuku imikhiqizo engahloliwe naleyo eseyidlulelwe yisikhathi itholakale ezitolo zabokufika kuleli. 

Le mikhiqizo ikhiqizwa ezindaweni ezingahloliwe, ezingahlanzekile futhi kungalandelwa imigomo ebekwe ngongoti kulowo nalowo mkhiqizo. AboHlanga yibo abayizisulu zemikhiqizo eyilolu hlobo ngoba baziwa njengabantu abakhonze izimpahla ezishibhile futhi abangayinaki imibhalo noma ibhalwe ngokutshekile.  

Kunabantu okuwumsebenzi wabo ukufunda kabanzi ngabanye, bazi ukuthi bathandani futhi yikuphi okubaheha kakhulu kunokunye. Ezinye izimpahla zigoqwa ngephepha elinemibala, ezinye kuqikekelwa ukuthi libe nezithombe, kanti zikhona lezo ezingagoqwa nhlobo ezidayiswa zingagoqiwe. 

Le mibhalo nezimpawu isebenza cishe kuyo yonke imikhiqizo okuhlanganisa imikhiqizo edliwayo, egcotshwayo, egqokwayo neminye esetshenziswa ngezindlela ezehlukene. Kubalulekile ukuthi uma usomabhizinisi esungula umkhiqizo kumele enze konke okusemandleni ukuba imibhalo nezimpawu zenze omkhulu umsebenzi wokwazisa zigxilise umkhiqizo wakhe emakethe. Kumele umkhulumele engekho eduze.

Scroll To Top