Now Reading
Ibukeka inejubane namasu inyamazane ehujwa aboHlanga
Dark Light

Ibukeka inejubane namasu inyamazane ehujwa aboHlanga

Eminyakeni engaphezu kwamashumi amabili nesihlanu kwabuya ithemba lokuthi le nyamazane ebeyixoshwa iminyaka ngeminyaka seyibanjiwe. Phela abanye baze beqa imingcele yamazwe beyisikelela ngaphandle, abanye bayikhokhobela khona lapha ngaphakathi ezweni bezama ukuyibamba bukhoma, wehla umfutho ngoba sekuthiwa ibanjiwe. Sonke sakholwa wukuthi seyibanjiwe emveni kokuvota ngowe-1994. 

Kuleli lizwe iningi lifikelwe wumqondo wokuthi zonke izinhlanga zixosha inyamazane eyodwa ngenhloso yokuba ibuyiswe izokosiwa idliwe yenelise bonke abawumkhaya. Ngokuhamba kwesikhathi kuyacaca ukuthi le nyamazane siyixosha ngezinhloso ezahlukene. Kunalabo abayixosha beyigudluza eduze kwaboHlanga, ngendlela ecashile. Unyaka nonyaka le nyamazane ibonakala iqhela eningini laboHlanga abebeyibuka benethemba lokweneliseka uma seyibanjiwe. Usuku nosuku kuyacaca ukuthi le nyamazane obekuthiwa seyifile, isalokhu idikiza futhi iyakhahlela. 

Ukhuvethe luyiveze kabusha ukuthi le nyamazane ayikakabanjwa futhi iyatamasa. Kube nentokozo kosomabhizinisi uma kuthiwa bazohlomula ezigidigidini zamarandi okwakuhlelwa ukuba zelekelele amabhizinisi ngesikhathi semvalelwakhaya. Zilokhu zizwakala njengamahemuhemu izindaba zokuthi iningi lamabhizinisi, ikakhulukazi awaboHlanga awahlomulanga kuze kube manje kulolu hlelo. 

UMengameli wenhlangano iTransform RSA, uMnu u-Adil Nchabeleng, uphawule ukuthi amabhizinisi amaningi aboHlanga akhishwe inyumabazane ohlwelweni lwezigidigidi zamarandi abekhishwa uHulumeni elekelela amabhizinisi. Uma ekuchaza lokhu uNchabeleng uveza ukuthi lusaqhubeka ubandlululo noma abaningi becabanga ukuthi izwe selikhululekile. Wethembise ukuthi bazokulandela lokhu okuzwakalayo bahlanganise osomabhizinisi boHlanga ukuze kuthathwe izinyathelo mayelana nalokhu kubandlululwa. 

Kusobala uma umuntu elalela imvunge kwaboHlanga ukuthi kunokukhulu ukungeneliseki ngendlela okuphethwe ngayo izinhlanga ngokwehlukana uma kukhulunywa ngokubolekwa imali yibhange. Ngaphandle kokuba sibe nezibalo ezicacile akulula ukwazi ukuthi umonakalo ungakanani. Ngaphandle kokuba siqinisekise ukuthi aboHlanga bazifakile izicelo zabo zanqatshwa, kulula ukuveza ukuthi ubandlululo lusemi ngezinyawo. Ngeke asisize amadlingozi nesifuthefuthe esingenabo ubufakazi balokho okuyizikhalo zaboHlanga. AboHlanga bavamise ukuthi uma bechithwa ezicelweni zabo bangabi nezithangami abangaxoxa kuzo kuthathwe izinyathelo ezibheka phambili. 

Umhlaba sewuhlangene kodwa kunezinhlelo ezilokhu zibonakala zibanyundela aboHlanga bagcine bekhishwe eceleni okwentuthu yenqawe. Olunye lwezinhlelo olulandelwe uHulumeni ukukhipha lezi zimali zosomabhizinisi wukusebenzisana namabhange. Emalini eyizigidigidi ezingama-R500 uHulumeni wathatha ezingama-R200 wazinika amabhange ukuba azedlulisele emabhizinisini akhahlamezwe wukhuvethe. 

Isizathu esisobala esiyaye sibekwe uma uHulumeni enquma ukusebenzisana namabhange ngesokuthi amabhange anezinhlelo eziqondile zokuyaba nokuyibuyisa imali kulabo abayitholile, uma bebolekwa. Akucaci noma uHulumeni uyayibeka yini imigomo ezokwenza aboHlanga bakwazi ukuhlomula kulezi zinhlelo noma kuzokuba sekuboneni kwebhange ukuthi lenza miphi imigomo yokwaba le mali. 

Uma ibhange lizabela ngokubona kwalo kusho ukuthi akwehlukile kulokho okujwayelekile lapho aboHlanga bezibona bekhishwa inyumbazane ngezizathu eziningi, ezinye zazo abangachazelwa zona. Kumele sikhumbule ukuthi amabhange asebenza ngendlela yamabhizinisi. Awasiyo inhlangano encike kuHulumeni engaqonde kwenza nzuzo. Ngakho-ke leyo mali ikhishwa ngokwemigomo yebhizinisi, hhayi ngokwemigomo kaHulumeni, oyikhipha ngokwezidingo. Izinhlaka zokusebenza kwamabhange zenziwe ngendlela yebhizinisi. Uma ulandelisisa uthola ukuthi abantu abaqashwe ngamabhange ezikhundleni zokulawula ukungena nokuphuma kwemali iningi labo akusibo aboHlanga. Noma ungakufihla kangakanani ukubandlululana kuyazenzekela ngoba kuya nokuthi ngobani abenza izinqumo zokugcina. 

See Also

Amabhange asebenza ngendlela yawo engalawulwa uHulumeni ngokuthanda kwakhe. Uma enaba kulolu daba uMnu uNchabeleng uthe kumele amabhange ayiswe eNkantolo Yezokulingana yakuleli lizwe. Lokhu ukuchaza ngokuthi phezu kwezi-R200 000 000 000 ezakhishwa nguHulumeni, iBhangengodla laseNingizimu Afrika nalo lakhipha ezinye izi-R200 000 000 000 zokuqinisekisa ukuthi amabhange ayakwazi ukubolekisa kule mali enze lokho okuhloswe nguHulumeni ukubhekana nokhuvethe. 

Lolu daba luke lwaphonswa ngabathile ezinkundleni zokuxhumana okuyilapho kuvele khona ukuthi kunasebelahle ithemba lokuthi aboHlanga bayoke basizakale uma kusasetshenzwa ngale ndlela namabhange, bekusho bengananazi ukuthi amabhange aqale azizalanisele wona imali, ngaphambi kokuba yenze umsebenzi ohloswe nguHulumeni. Abanye bakuchaze lokhu ngokuthi kunezinye izinkampani ezinkulu ezazivumela ngokwazo ukuthi ziyabalwa ekukhwabaniseni, okubalwa phakathi kwazo iSteinhoff, iTongaat Hulett, iStefanutti, nezinye ezizitamuzela ukubolekwa ngamabhange izimali, okuthi kulolo hlelo kubandlululwe aboHlanga. Lezi zinkampani ziyaqhubeka ngokuthanda ngaphandle kokwesaba ngoba uHulumeni akenzi lutho lokuzijezisa. 

Omunye ophawule ezinkundleni zokuxhumana ukhala ngamabhange asungulwa ukuthuthukisa aboHlanga, njengeThala, okumele athole imvume yokuba sezingeni lamabhange akwazi ukubolekisa kwaboHlanga, kodwa akayitholi imvume eBhangengodla yokukhushulelwa ezingeni lamabhange amakhulu akuleli lizwe. 

Lokhu kuphawula kweTransform RSA kanye nokuphawula kwabantu ezinkundleni zokuxhumana kuveza ukuthi kuyo yonke leminyaka uHulumeni obekwethenjwa ukuthi uzobhekela isimo saboHlanga emabhizinisini, akakaze abhekane ngqo nalowo msebenzi. Kunalokho, ngokushintsha kwabaholi kuHulumeni, kuqalwa phansi ngezinye izinhlelo ezingafinyeleli ndawo ngoba azixhumani nezinye ezisungulwe ngabanye. Akwaziwa ukuthi sizophela nini isineke kosomabhizinisi boHlanga, nokuthi bayosukuma benze kuphi ukulwa nesimo esibonakala sibabandlulula futhi sibakhipha inyumbazane.

Scroll To Top