Mkhulu umqansa obhekene nosomabhizinisi kulesi sikhathi
UDhlomo ungungoti wezamabhizinisi nombhali wamabhuku ehlukene ngokwakhiwa nokuphathwa kwamabhizinisi
Uma kudlalwa umlabalaba kuba nethuba lapho omunye wabadlalayo ayaye athathe isinqumo sokuzibutha izinkomo adlala ngazo, lapho-ke usuke esethi, “Maluju!” Yisikhathi esinzima lesi ababhekene naso abanikazi bamabhizinisi, esidinga benze izinqumo ezinqala, ezinye zazo ezingajwayelekile. Iqiniso ngelithi indlela ehanjwa ngumnikazi webhizinisi ngeyakhe, kunesikhathi lapho kumele athathe amandla emthonjeni athola kuwo isibindi nogqozi lokusungula ibhizinisi. Ukunquma ukusungula ibhizinisi kudinga umbono ojulile, owakhelwe phezu kwezisekelo ezithile ezicatshangwe ngumuntu ngaphambi kokuba asungule ibhizinisi. Ngokuhamba kwesikhathi lisebenza ibhizinisi, umfutho nogqozi olwalukhona kusungulwa ibhizinisi luyagudluka kugcine sekusebenza isijwayezi. Isijwayezi-ke siyayeyisa ingqondo. Ukufika kwesimo esifuze lesi sokhuvethe nemvalelwakhaya siyadinga ukuba usomabhizinisi abuyele emgodleni athole izinsika kulokho okwakumenze wakhetha ukuba ngusomabhizinisi, bese ezihlela kabusha uma kunesidingo. Siyadingeka isibindi kanti futhi namandla nenjulabuchopho iyadingeka.
Impilo ayisinikezi ithuba lokuqala phansi sizihlele kabusha, kodwa imvalelwakhaya ngandlela thize iyimisile impilo kwadingeka ngisho osomabhizinisi bayivale thaqa iminyango. Awukwazi ukuvula emva kwezinyanga ezine, ubambelele kulokho owawukwenza ngaphambi kokuvala ngoba kuzokube sekudingeka uhlelo olusha. Nabantu bazokube bengasafani nalabaya owavala beseluvanzi benza ngokuthanda, besenemali behola. Uma singase sithole ithuba sizalwe kabusha sikhule iminyaka esesike sayiphila kuningi esingakuqala ngendlela eyehlukile ukuze siphethe sisezingeni elehlukile. Ukhuvethe lunike abanye ithuba elifuze ukuqala kabusha, kwaba nethuba lokubuyekeza abebekwenza ngaphambi kwemvalelwakhaya.
Iningi losomabhizinisi lithe uma lificwa yisikhathi semvalelwakhaya lingazelele langavuma ukuya phansi lingendlalelwe. Owake wawubuka umdlalo wesibhakela uyawazi umfutho wesibhakela esimshaya umuntu kuxege amadolo, kodwa umzimba ungavumi ukuya phansi. Sisuke singekho isikhathi sokuziqoqa kodwa kusuke kudingeka amasu okubambelela umuntu angawi kuze kukhale insimbi. Kunamabhizinisi aguqile ngesikhathi semvalelwakhaya, okuyimanje kuselukhuni ukuthi azovuswa ngayiphi indlela.
Singasibheka lesi sikhathi esedlula kuso kuyisikhathi sokuqala phansi ohlelweni lwebhizinisi. Kunamabhizinisi okumele aguqule izindlela zokusebenza ukuze abanikazi bakwazi ukubhekana nezindleko ezilethwe wukhuvethe. Kungabasiza osomabhizinisi ukubuyekeza indlela obekusetshenzwa ngayo. Yiko lokhu okungase kube nomthelela ekulahlekeni kwemisebenzi. Eminye imisebenzi ebeyenziwa ngabantu ababili kumbe abathathu, kungase kuguquke kube wukuthi seyizokwenziwa ngumuntu oyedwa.
Kunezinto ezintsha okuphoqekile ukuba osomabhizinisi bazibheke kabusha uma besaqhubeka empilweni yabo. Namuhla sizobheka ezimbalwa eziyizinselelo ezintsha okudingeka aziqikekele usomabhizinisi. Eyokuqala ngeyokuthatha izinqumo ngokushesha. Uma uMengameli ememezela ebusuku imigomo emisha, usomabhizinisi kumele acabange ngempahla ayigcinile esitolo sakhe, enze imizamo ephuthumayo ngayo. Isimo sokhuvethe, siphoqa ukuba usomabhizinisi angagcini impahla eningi ezodlulelwa yisikhathi uma kuba nemvalelwakhaya. Lokhu kunzima kakhulu ngoba kuyabiza ukuthenga kancane. Kuyadinga osomabhizinisi benze izinhlelo, njengokuhlangana, bathenge ngokuhlanganyela okungabasiza bathenge kakhulu futhi benze inzuzo ethe xaxa kunokuba athenge ngayedwa.
Ucwaningo olwenziwa ngabeWorld Bank onyakeni wezi-2018 uveza iNingizimu Afrika njengezwe elinemithetho eminingi kakhulu elawula ukusebenza kwamabhizinisi. Ukhuvethe lwenze kwakhiwa eminye imithetho elawula ukusebenza kwamabhizinisi. Lokhu kubeka osomabhizinisi ngaphansi kwengcindezi ngoba le mithetho ehambisana nokhuvethe iyaphoqa futhi, njengemithetho emisha kumele usomabhizinisi ayifunde futhi azijwayeze yona. Eminye yale mithetho ilawula ukusebenza kwebhizinisi ngaphansi kwemigomo ethile kuleyo mboni. Kumuntu onamabhizinisi axube izimboni kungaba wumqansa ukulandela imigomo emisha ngoba eminye yayo ihambisana nezindleko. Kamuva nje sekumele ibhizinisi elinabathengi abangenayo kumele libe nemithi yokuhlanza izandla ngaphambi kokuba umthengi angene. Ukuthenga le mikhiqizo kudla imali yebhizinisi, kanti futhi kwesinye isikhathi kumele kube nomuntu osebenzayo oqaphe le ndawo okungenwa kuyo.
Noma bezisemqoka ezempilo kumabhizinisi, sekwedlulele kulesi sikhathi ngoba sekunezinto ezengezwe wukhuvethe, okumele ziqikekelwe ngabanikazi bamabhizinisi ukuze bazivikele bavikele izisebenzi nabathengi uqobo. Akuvunyelwa muntu ukungena esitolo engasigqokile isimfonyo. Ngeke kube nesiqiniseko salokhu uma singekho isisebenzi esibhekene nakho ngqo. Nembala kuyaphoqa ukuba osomabhizinisi bazihlele kabusha.
Uma usomabhizinisi ebengakujwayele ukulalela izindaba nokufunda okubhaliwe, kumele azi ukuthi manje sesedlule leso sikhathi. Lishona kungekho lutho oluphathelene nebhizinisi, kodwa akhulume uMengameli ebusuku enze izinguquko ezinqala, ezidinga ukwenziwa ngakusasa kuvula ibhizinisi. Kungamsiza usomabhizinisi ukuba enze izinhlelo ezimile zokuxhumana nabanye osomabhizinisi nezinhlangano ezisebenzelana namabhizinisi ukuze kube lula ukuthola ulwazi.