Now Reading
ngokhuvethe nangohlonze lwamacala
Dark Light

ngokhuvethe nangohlonze lwamacala

Ziningi izigameko ezenzekile nezinqumo ezikhishwe yizinkantolo zakuleli kulo nyaka ezinye zazo ezibe yingqophamlando. Ukhuvethe lubangele ukuthi nezindlela ezisetshenziswayo uma kuqulwa amacala zishintshe njengoba kwezinye izimo bese kusetshenziswa ubuchwepheshe besimanje. Kulolu shicilelo sibheka okunye okwenzeke ezinkankolo nasezigcawini zomthetho ngowezi-2020. 

IKhomishini kaZondo

Emveni kokuba iKhomishini ephenya izinsolo zokugwamandwa kombuso eholwa iPhini likaMehluleli Omkhulu uRaymond Zondo, yaphazamiseka isikhathi eside ngenxa yokhuvethe, nokho isasasa layo alehlanga kunalokho ziningi izigameko ezenzeke kuyo nonyaka ebezenza ukuthi abayilandelayo behlezi beyilinde ngabovu ukuzwa ukuthi yini entsha evela kuyona. Okugqame kakhulu kulo nyaka umdonsiswano ophakathi kukaMehluleli uZondo nowayenguMengameli wezwe, uJacob Zuma. Kuyimanje uNobhala weKhomishini usefake amaphepha eNkantolo YoMthethosisekelo lapho iKhomishini ikhulekela ukuthi le Nkantolo enkulu kunazo zonke ezweni iphoqe uZuma ukuba ethule ubufakazi kule Khomishini. Lokhu kulandela ukuthi uZuma nabameli bakhe behambe bashiya iKhomishini isahleli okwaholela ekutheni iKhomishini imvulele icala lokwephula umgomo wesamanisi ayekhishelwe lona lokuba avele phambi kwale Khomishini.

Esicelweni seKhomishini, ithi uZuma kumele anganikwa ngisho ilungelo lokuba anqabe ukuphendula imibuzo ethile acabanga ukuthi ingamlimaza njengoba kusekhona amacala asawahamba enkantolo.

Umgudu olandelwe iKhomishini ukuthi iye ngqo eNkantolo YoMthethosisekelo awujwayelekile kwazise lesi kuba yisigaba sokugcina uma kukhona ukunganeliseki ngesinqumo esithile senkantolo.

Ngakolunye uhlangothi, emva kokuba uMehluleli uZondo echithe isicelo sikaZuma sokuba angahlali esihlalweni uma uMsholozi ethula ubufakazi, ummeli kaZuma uAdv uMuzi Sikhakhane uthe ukuziphatha kukaZondo bazokubika kuJudicial Service Commission (JSC).

Kulokhu sibaluleke kakhulu isinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo kulolu daba kwazise yiso okubukeka sizocacisa ukuthi ngabe uphondo luzogcina lugobile yini kuMsholozi ngokwethula ubufakazi phambi kukaMehluleli uZondo.

Khona kuyo le Khomishini, uMehluleli uZondo ngokokuqala ngqa uyalele ukuba kuvulelwe uNkk uDudu Myeni, owayenguSihlalo weBhodi yakwaSouth African Airways (SAA), icala emva kokuba egagule ngegama ufakazi ofihliwe ngesikhathi ethula ubufakazi kule Khomishini.

U-Advocate uBusisiwe Mkhwebane 

Lona akubanga unyaka omuhle kuMvikeli Womphakathi u-Advocate uBusisiwe Mkhwebane njengoba ekhale ngaphansi emacaleni amaningi abephambi kwezinkantolo athinta yena.

Isipikili sokugcina sishayelelwe iNkantolo Enkulu yasePretoria ngoMsombuluko echithe umbiko woMvikeli Womphakathi othinta uNgqongqoshe uPravin Gordhan nophiko lwabaphenyi bakwaSouth African Receiver of Revenue (Sars) okuthiwa lwalungekho emthethweni.

Kwenzeka lokhu nje ngoMfumfu nonyaka iNkantolo Ephakeme yaseWestern Cape yachitha isicelo sika-Adv uMkhwebane sokuvimba iPhalamende ukuba liphenye ngokulungela kwakhe ukuphatha lesi sikhundla nokuthi akhishwe ehhovisi.

Elinye icala elichithe u-Adv uMkhwebane ebeliseNkantolo Enkulu yasePretoria lapho inqume ukuthi uMvikeli Wompakathi akanawo amandla okuphenya umkhankaso wokuqongelela imali weCR17. Lokhu kwavela ngesikhathi kukhishwa isinqumo sokubuyekezwa nokuchithwa kokutholwe u-Adv Mkhwebane mayelana nomnikelo wezi-R500 000 womkhankaso kaRamaphosa wokuhola i-African National Congress (ANC).

Ukuchithwa kwakhe yizinkantolo ngale ndlela kuqinisa izizathu zomkhankaso wokuba iPhalamende limususe kulesi sikhundla njengoba namaqembu aphikisayo efaka enkulu ingcindezi yokuba asuswe emsola ngokwehluleka ukwenza umsebenzi wakhe nokudicilela phansi isithunzi sehhovisi likaMvikeli Womphakathi. 

Izisebenzi zasezindlini

Mhla zili-19 kuLwezi wezi-2020 kqopheke umlando iNkantolo YoMthethosisekelo ikhipha isinqumo esicelweni sokuqinisekisa umyalelo weNkantolo Enkulu yasePretoria eyabeka ukuthi iSigaba 1 (xix)(v) seCompensation for Occupational Injuries and Diseases Act 130 we-1993 (COIDA) siphambene noMthethosisekelo kangangokuba sikhipha inyumbazana abantu abasebenza ezindlini ngokuthi bangabizwa ngezisebenzi okubancisha ilungelo lokunxeshezelwa uma bethola izifo noma bekhubazeka, belimala noma befa bese msebenzini.

INkantolo YoMtethosisekelo iyalele ukuba lesi sinqumo siqale ukusebenza ngokushesha kusukela mhla zingama-27 kuMbasa we-1994.

Simile ekutheni ukungafakwa kwezisebenzi zasezindlini ngaphansi kwencazelo “yezisebenzi” kuwukunyathelwa kwamalungelo okuthola ukuvikeleka emphakathini ngokweSigaba 27(1)(c) sihambisana nesama-27(2) zoMthethosisekelo, esithunzi somuntu esivikelwe iSigaba 10 soMthethosisekelo okucwasa ngendlela engaqondile ngokobuhlanga nangokobulili ngokweSigaba 9(3) soMthethosisekelo. 

Lesi sinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo siqhube sathi usizo lokuvikeleka emphakathini komuntu owondliwa oshonile, okhubazekile noma ongasakwazi ukuzenzela utho ngokweCOIDA kuyinhlanganisela yokuthola lolu sizo ngaphansi kweSigaba 27(1)(c) soMthethosisekelo.

Nakuba lezi kuyizindaba ezimnandi ezisebenzini zasezindlini kodwa zikhona izinselelo ezingase zibhekane nazo kanye nabaqashi ezingabangelwa yololu guquko oluyingqophamlando noludingekile.

Inselelo yokuqala ukubhalisa kwabo bonke abaqashi bezisebenzi kule mboni. Eyesibili ukukhokha umnikelo wonyaka esikhwameni sezinxephezelo.

Eyesisithathu yimibiko yabo abaqashi neyezisebenzi ngezingozi nokugula okufanele ithunyelelwe uMnyango Wezisebenzi noma isikhwama.

Eyesine ukuqikelela ukugwema izingozi nezifo ezenzeka emsebenzini noma ngenxa yomsebenzi.

Eyesihlanu, ukusebenza endlini okuyikhaya lomndeni othile kuyinselelo ngoba izisebenzi eziningi zihlala emakhaya abaqashi lapho kunemicimbi yamasiko neyokuzijabulisa, izifo ezahlukene, amakhemikhali ayingozi eziwasebenzisayo noma eziwabonayo. Udlame nobugebengu obubhekiswe emakhaya abaqashi noma okwenzeka khona, kuyazichaphazela izisebenzi ezihlala kula makhaya. Umbuzo-ke kuzoba ngothi iyovunywa yini imbangela yokulimala kulezi zimo noma ukuguliswa yilezi zimo ezenzeka emakhaya ukuthi nembala kwenzeke ngenxa yomsebenzi noma kwenzeke emsebenzini. Inkulu inselelo ebhekene nababhali bezichibiyelo zalo Mthetho ukwanelisa isinqumo seNkantolo YoMthethosisekelo ngoba kufanele babucabangele bonke ubunjalo bemboni yezisebenzi zasezindlini eyehluke kakhulu kwezinye izimboni.

UHulumeni uphoswa ezinkantolo ngokhuvethe 

Izinhlangano ezingenzi inzuzo zilisebenzisile ilungelo lazo lokuphonsela inselelo izinqumo zikaHulumeni ngokuwufaka enkantolo uma zinganelisekile ngazo.

Esenzweni sakamuva kube inhlangano iDear South Africa isifake isicelo esiphuthumayo eNkantolo Enkulu yasePretoria sokuba kuchitwe ukwelulwa kwesimo senhlekelele kuzwelonke okuhambisana nokubhebhetheka kokhuvethe.

Isimo senhlekelele nemigomo yaso kungaphansi komthetho iDisaster Management Act.

Ngaphansi kwesimo senhlekelele, iNingizimu Afrika yangena kumvalelwakhaya okwakuphoqa ukuthi abantu bahlale emakhaya, bangayi emisebenzini, ezinkonzweni, bangayenzi imicimbi, kwancishiswa isibalo sabahambela imingcwabo nezindlela esingathwa ngayo njalo njalo.

Isicelo saseNkantolo sale nhlangano besincike ekutheni ukwelulwa kwemvalelwakhaya nesimo senhlekelele ezweni akuphusile. Le nhlangano ibifuna ukuba lesi sinqumo sithathwe njengesingekho emthethweni futhi ichithe imvalelwakhaya nesimo senhlekelele ezweni.

Bekungaqali ngaleli kuthi uHulumeni udonselwe enkantolo ngenxa yokhuvethe. 

Ekuqaleni konyaka iThe Liberty Fighters Network yakwazi ukumangalela ngempumelelo ezinye zezingxenye zemithetho yemvalelwakhaya enkantolo.

See Also

UHulumeni emva kokuchithwa inkantolo wabe usufaka isicelo sokwedlulisa icala.

INkantolo Enkulu iNorth Gauteng mhla zingama-26 kuNhlangulana wezi-2020 yachitha isicelo senhlangano iFair-Trade Independent Tobacco Association (FITA) eyayithi isinqumo sikaHulumeni sokuvala ukudayiswa kukagwayi ngalesi sikhathi semvalelwakhaya asiphusile.

Lapha iFITA yayimangalele uMengameli uCyril Ramaphosa, owayengummangalelwa wokuqala noNgqongqoshe uMaDlamini Zuma, owayengummangalelwa wesibili.

UHulumeni wawuthi ukubhema ugwayi kungaholela ekubhebhethekeni kokhuvethe ngisho nokufa kwabantu. Ngakolunye uhlangothi iFITA yayimi kwelokuthi zikhona ezinye izinto ezingaholela ekusabalaleni kokhuvethe nokufa kwabantu.

Isinqumo seNkantolo sathi uMaDlamini Zuma unephuzu  elizwakalayo uma ethi kwakunesidingo sokuthi kuvalwe ukudayiswa kukagwayi.

Neqembu elipikisayo iDemocratic Alliance (DA) nalo layisa uHulumeni eNkantolo ifuna uNgqongqoshe Wezokuthuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, uKhumbudzo Ntshavheni, amise ukusebenzisa uhlelo lweBroad-Based Black Economic Empowerment (BBBEE), ubuhlanga, ubulili, iminyaka yobudala noma ukukhubazeka ukuhlonza ofanele ukuthola usizo lwemali ukwelekelela abakhahlanyezwe ukhuvethe.

Nokho mhla zili-19 kuNhlangulana wezi-2020 iNkantolo Ephakeme eGauteng yasichitha isicelo seDA. INkantolo yaphinde yanquma ukuthi indlela esentshenzisiwe ukuqoka abafanelwe ukuthola lolu sizo ngaphansi kweDebt Finance Scheme neBusiness Growth Resilience Fund ayikho emthethweni futhi yayichitha ngoba kayicacile.

Yayalela uNgqongqoshe uNtshavheni ukuba abhale kabusha imithetho eshoyo ukuthi ngubani ofanele ukuthola lolu sizo.

Kwabanye abaphikisa le mithetho sebeke basabisa uHulumeni ngezinkatolo kubalwa inyunyana yothisha i-Educators Union of South Africa (Eusa) eyayifuna ukuvimba izinhlelo zawo zokuvulwa kwezikole mhla lulunye kuNhlangulana wezi-2020.

Inhlangano iHelen Suzman Foundation nayo yaya eNkantolo YoMthethosisekelo ifuna ukuthi le Nkantolo iphoqe iPhalamende ukuba lisebenzise amandla alo akuMthethosisekelo.

Yayikhala ngokuthi selokhu kwamenyezelwa isimo senhlekelele ezweni amandla ePhalamende asebekwe ezandleni zikaNgqongqoshe uMaDlamini Zuma, nasemkhandlwini obhekelele ukhuvethe, iNational Coronavirus Command Council (NCCC).

Ukuqokwa kukaMehluleli Omkhulu

Njengoba liphela ngowezi-2021 ihlandla likaMehluleli Omkhulu uMogoeng Mogoeng, kubhekwe kuthi kuqokwe omusha ozongena ezicathulweni zakhe.

Kulokhu izwe libheke ukuthi ngabe kuzokwenzeka yini ukuthi kuqokwe ngokokuqala ngqa emlandweni waseNingizimu Afrika owesifazane ozoqhoqhobala lesi sikhundla.

Abaningi babheke ukuthi iSekela likaMehluleli Omkhulu uRaymond Zondo asithathe lesi sikhundla kangangokuba kukhona asebemsola ngokusebenzisa iKhomishini Yokugwamandwa Kombuso ayiholayo ukuzilungiselela ukuba uMehluleli Omkhulu, kepha ukuba kwakhe yiSekela akumenzi ukuthi kube nguye ongangena ngoba kuningi okubhekwayo kumuntu oqokwayo.

Scroll To Top